Uxuba ulwazi nothando ukukhulisa ibhizinisi lokufuya
WUNQOBILE NDLOVU
UKHOLWA wukuthi imfundo ibalulekile kodwa akakholelwa ekutheni kufanele abantu bafundele ukuqashwa kodwa kufanele ulwazi balusebenzise ngenye indlela.
UMnu uTshepang Kotelo, umsunguli weMatla Farm Enterprise yaseDennilton, eLimpopo, efuya izingulube, uthi imfundo ibalulekile kodwa hhayi ngoba eyidingela ukuqashwa.
UKotelo waqala iMatla ngezingulube ezine. Namhlanje uKotelo udayisela amabhusha, amashisanyama nabantu bendawo. U-1kg wenyama ekaliwe ubiza uR60.
“Okwenza ngalithanda kakhulu leli bhizinisi wukuthi ngabona umehluko engiwenzayo kwabanye osomabhizinisi abadayisa inyama. Uma ngicabanga bangithandiswa amanani ami aphansi nokuthi abasayi kude kakhulu ukuze bathole inyama yengulube esezingeni elifanele,” kusho yena.

Amachwane ezingulube zeMatla Farm Enterprise
UKotelo ufundele i-Bachelor of Agricultural Production e-University of Mpumalanga. Ukholelwa kakhulu ekufundeni kosomabhizinisi ngoba ukubona kubalulekile ukuba nolwazi olunzulu lwemikhiqizo ozoyidayisa nezindlela ezilula zokufinyelelisa umkhiqizo kumakhasimende.

Inyama yengulube yeMatla Farm Enterprise. Amabhusha nabantu bendawo bayazifela ngayo
IMatla ayikaqashi muntu okwamanje ngenxa yokuthi kusaphenjwa. UKotela, ozibambela mathupha, uhlela ukuqasha uma isisimeme.
Uthe inselelo enkulu ababhekene nayo ukuswela amanzi. UKotelo ufisa ukukhulisa ibhizinisi lakhe libe nezinsikazi eziwu-100, akholwa ukuthi zizomkhiqizela inyama ewu-200 000kg ngonyaka ukukhulisa ibhizinisi futhi uzokwazi nokudala amathuba emsebenzi ezweni.
- Facebook: Tshepang Kotelo