Umi ngamakhasimende eminyaka oziphilisa ngokuthunga
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
AMANYE amabhizinisi enza imali ngezikhathi ezithile kuphela ngenxa yomkhiqizo wawo odingeka kakhulu ngezikhathi ezithile.
Loku kudinga ukuthi usomabhizinisi ahlale eneqhinga nendlela yokwenza ukuthi ibhizinisi lenze imali eyanele ngesikhathi sesomiso samakhasimende ukugwema ukuthi liwe ngenkathi kusacwebile.
Yiloko okwenza uNkk uKhumbuzile Cele, umnikazi weSenzakwenzeke Promotions, waqinisa emakhasimendeni akhe amadala awathungela amajakhethi omfaniswano.
ISenzakwenzeke Promotions, yaseYellowwood Park, eThekwini, KwaZulu-Natali, ithunga amajakhethi, obhaka besikole nezikhwama zokuphatha ukudla isitsha. Yenza izinhlobo ezihlukene zamajakhethi kanti abiza kusuka kuR450 kuya kuR550, kuthi obhaka nezikhwama kubiza kusuka kuR100 kuya kuR350.

Izikhwama ezithungwa yiSenzakwenzeke Promotions
Uthi: “Kuyenzeka senze izikhwama namajakhethi okuwu-20 ngosuku, kuye ngomthamo womsebenzi wangaleso sikhathi.”
Yize eseyohlanganisa iminyaka ewu-20 ngaleli bhizinisi, aliqala ngo-2004, kodwa kusenzima ukuchuma ngendlela afisa ngayo ngalo. Uthi: “Ngisizwa kakhulu ngamakhasimende ami izisebenzi zasesibhedlela iKing Edward, oseloku ngaqala ibhizinisi ngiwathungela amajakhethi omfaniswano.”
“Ngilekelelwa nawukuthi uma kuzoqala unyaka ngithola ama-oda amaningi obhakha bezingane zesikole. Njengamanje nje ibhizinisi lihamba kahle kakhulu ngoba kusanda kuvulwa izikole. Kuba njalo futhi uma sekungena ubusika, ngithola amakhasimende amaningi adinga amajakhethi,” kusho yena.
Uthi eqala wayenamakhasimende amaningi asemitholampilo ehlukene yangakubo eMlaza nakwezinye izindawo zaseThekwini waze wavula isitolo kuWest Walk edolobheni, esawiswa wukubheduka kwe-COVID-19.
“Kwaba nzima kakhulu kuqala u-2020 kuvalwe yonke into ezweni. Ngaba nenkinga yokungatholi amakhasimende ngendlela engangijwayele ngayo. Ngagcina ngiphoqeka ukusivala isitolo ngo-2021, njengoba manje sengisebenzela kwami eYellowwood Park,” kusho uNkk uCele, onesitiketi sezifundo zekhompyutha sase-ICESA.

ISenzakwenzeke Promotions ayigcini ngezikhwama kodwa yenza nezikibha eziwumfaniswano
Kusahamba kahle ebhizinisini wayeke enze ngisho uR60 000 ngenyanga kanti manje usejwayele ukwenza uR15 000 noma uR10 000 ngenyanga.
UNkk uCele uthi ebhizinisini yena ugxile ekuphatheni nasekutholeni amakhasimende kuthi umsebenzi wokuthunga wenziwa ngabantu abathathu abaqashe ngokugcwele.
Uthi yize bethola amakhasimende akuzona zonke izifundazwe kodwa bafisa kungabi yinto yesikhathi esithile kodwa kube ngeyansuku zonke.
- Facebook: Khumbu Cele