ONksz uZinhle Hlongwa noZamakhanya Makhanya, abasunguli beZ-Squared Farming yaseMarianhiill, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Abeqeqeshelwe ezolimo sebezakhele imakethe kubalimi

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

IMVAMISA abalimi batshala futhi badayise izinhlobo zamaveji, kuthi abafuyi bafuye izinkomo, izimbuzi nezinye izilwane abazidayisayo. 

Wukuqaphela loko okwenze uNksz uZamakhanya Makhanya noNksz uZinhle Hlongwa bangena ngendlela ehlukile kwezolimo ngeZ-Squared Farming, inkampani yezolimo egxile ekudayiseleni abalimi izithombo. 

Babiza kusuka kuR1 kuya phezulu izithombo abazidayisayo. 

UNksz uHlongwa waseShowe, enyakatho yaKwaZulu-Natali, wahlangana noNksz uMakhanya waseMarianhill, eThekwini, lapho kukhona ibhizinisi labo, ngenkathi beqeqeshelwa ezolimo eMgibe Farming Organics eMgungundlovu ngo-2021.

“Sisaqeqeshwa eMgibe sasivame ukuya amapulazi ehlukene, sihlangana nabalimi abehlukene eMgungundlovu namaphethelo. Iningi labo lalikhala ngokuthi kunzima ukuthola izithombo ngenani elihle.

“Yilapho esafikelwa khona wumcabango wokuqala ibhizinisi elinje sibasize ngokubatshalela izithombo bese sibadayisela amaveji abawatshala emabhizinisini abo,” kulanda yena.

Beqala bahlanganisa uR12 000 womholo waseMgibe ukuthenga izinto zokusebenza ukuqala ibhizinisi, bangenela nomncintiswano weMomentum wokuxhasa osomabhizinisi besifazane abasebasha ngonyaka odlule.

“Ukungenela lo mncintiswano (weMomentum) kwasisiza kakhulu ngoba sihambe saze safika kwabawu-10 bokugcina kuwona, sisuka ku-60, sahlomula uR80 000 wokusisiza ukuthenga izinto esasizidinga ukufukula ibhizinisi lethu,” kusho yena.

Izithombo zeZ-Squared Farming zihlelwe ngobunono

UNksz uMakhanya waphothula izifundo ezolimo eCoastal TVET College eThekwini, kanti uNksz uHlongwa wafunda eMandleni TVET College oLundi. 

Basebenzisa umhlaba owu-20x20m abawuqashile. “Enye yezinkinga esibhekene nayo eyokuthi emalini encane esiyenzayo kumele sicozule sikhokhe irenti, enye siyitshale ebhizinisini nokuthi inkampani yethu ayikhangiseki ngendlela esifisa ngayo,” kusho uNksz uHlengwa.

UNksz uHlongwa uthi kukhulu abafisa ukukufeza ngeZ-Squared Farming. “Sifuna ukusebenzisa ulwazi lwethu ukucija abafisa ukungena kule mboni bese siba nendawo yethu yokusebenzela ukusiza ukunciphisa izindleko zebhizinisini.”

  • Facebook: Zinhle Hlongwa/Zamakhanya Makhanya

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page