Abalingisi abatshale imali emabhizinisini
Kuleli sonto kuSAZIWAYO neMALI sixoxa noSibulele Ntlebi, umlingisi emidlalweni yethelevishini. Kumanje ulingisa indawo kaNolitha Sokhulu emdlalweni okwi-e.tv Isitha: The Enemy
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngangingayiphiwa ekhaya kodwa ngangiyithola uma ngivakashe ezihlotsheni kuphela, nakhona ngikhuthazwa ukuyibeka nokuyonga.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngineminyaka ewu-16, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngikhumbula ukuthi sisakhula, ugogo wayehlale esikhuthaza ukonga nokuphatha kahle imali. Wasifundisa ukuzithengela izinto esizidingayo, singathembeli kubazali ngayo yonke into.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngineminyaka ewu-15 ngisasebenza ehhotela langasekhaya uma kungamaholidi angoJuni noDisemba. Ngangihola ngokwamahora engiwasebenzile nangamathiphu.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawuthatha wonke ngawunika abazali ukuthi babone benzani ngawo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukulekelela umndeni wami (kokudingayo), wukuba nendawo yami yokuhlala, nokukwazi ukuyibekela izimo ezinzima.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ngo-2022 ngamosa imali eningi ezintweni ezingenasidingo, ngihamba izindawo zobumnandi. Ngiyajabula ngoba ingqondo yasheshe yabuya, ngakuyeka konke loko.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali iyafika iphinde ihambe, ungaba nayo namhlanje, kuse ingasekho kusasa. Nesokuthi ukuthi unemali futhi umi kahle empilweni, akusho ukuthi kumele uyisaphaze ezintweni ezingenasidingo.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakhela ugogo umuzi bese ngiqala ibhizinisi lemikhiqizo yezobuhle.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
(Ukuthi) abonge imali kungakhathalekile ukuthi incane kangakanani, bagweme ukuthenga izinto ezingenasidingo. Abakhuthalele ukutshala imali yabo emabhizinisini nasezintweni ezihlukene ezizokwenza yande.