Ukuvaleka komnyango wesikole kwamkhumbuza esasekhaya
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
NAKUBA intokazi yaKwaMpumuza, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, ikhule kulinywa kubo, ifundiswa wunina ukulima nokutshala, kodwa ibingakaze iziphuphe iwumlimi ngokugcwele ngoba ibona ezolimo kuwumsebenzi wasekhaya.
Amehlo ayo avuleke isisekolishi lamakhono ingasakwazi ukuqhubeka nokufunda i-Electrical Engineering ngenxa yenkinga yemali, kwaphoqa ukuthi iyeke ukufunda.
Yilapho uNksz uNqobile Gwala egxile khona kwezolimo, wabhalisa ngokusemthethweni Amaphephethe Farming, inkampani etshala amaveji futhi ifuye nonogwaja.
Uthi ngemva kokuyeka eMgungundlovu TVET College ngo-2018 ngenxa yesimo sokuntula imali, waqale wazama ukuqashwa. “Ngazama ngancama ukufuna umsebenzi ngaleso sikhathi, ngingawutholi, ngabona ukuthi angiqhubeke nengakufundiswa wumama ekhaya ukuziphilisa, ngabhalisa inkampani ngokusemthethweni,” kusho yena.

Ingadi yeMaphephethe Farming
UNksz uGwala ubonga mlomo unina ngokumsiza ukuhlanganisa uR2 000 awusebenzisa ukuthenga okwakudingeka ebhizinisini ngaleso sikhathi, kubalwa nezindleko zokulibhalisa.
“Ngiqale kanjalo ngitshala izinhlobo zamaveji okukhona kuzona upelepele, ukherothi, ubhatata nethanga. Konke sikutshala emhlabeni wasekhaya ongaphansi kwehekthare,” kusho yena.
Eqala ibhizinisi ubefuye izinkukhu, kwathi ngokubona ukuthi azenzi inzuzo eyanele, waziyeka, wafuya onogwaja.
“Asigcini ngokubafuya kuphela (onogwaja) kodwa basisiza nangokuthi umanyolo nomchamo wabo kuyavundisa kakhulu ezitshalweni zethu. Ngenye yezinto esenza sehluke kakhulu kwabanye abalimi leyo, ukuthi asisebenzisi amakhemikhali ezitshalweni zethu kodwa sisebenzisa umquba wonogwaja, owezimbuzi nowezinkomo kanti kuyasisebenzela,” kusho uNksz uGwala.
Amaveji e-Amaphephethe Farming abiza kusuka kuR6 kuya kuR50, kuthi onogwaja babiza kusuka kuR300 kuya kuR600.
UNksz uGwala ukhale ngokuthi kwesinye isikhathi kuba nendlala yamakhasimende okwenza umkhiqizo uhambe kancane nokuthi indawo abalima kuyona ayivulekile ngokwanele.

Unogwaja ofuywe eMaphephethe Farming
UNksz uGwala uthi imfihlo yokusungula ibhizinisi wukuqala ngaloko onakho. Muzwe echaza.
“Yingakho ngihlale ngisebenza kanzima ukufukula ibhizinisi lami ukuze lichume ngendlela engifisa ngayo, likwazi nokuqasha izisebenzi ngokugcwele ukusiza ukuphuthumisa umkhiqizo wethu,” kusho yena. Okwamanje banezisebenzi ezine eziyitoho.
“Ngifisa nokuthi sigcine sinendawo enkulu yokusebenzela umkhiqizo wethu utholakale ezitolo ezinkulu, sihlonishwe futhi saziwe iNingizimu Afrika yonke ngomsebenzi esiwenzayo bese sicija nentsha enothando lwezolimo, okuyinto esesiqalile ukuyenza ebhizinisini,” kuphetha uNksz uGwala.
- Facebook: Nqobile Ka Mphephethe