UNksz uFikile 'Fifi' Ndaba, umnikazi weFifi & Son ebhaka futhi idayise uphaya yasePitoli, Gauteng. Isithombe: Sithunyelwe

Unamaqhinga okukhulisa ibhizinisi lizimele

WULUNGI LANGA

OSOMABHIZINISI kufanele bafunde ukuthemba abantu ababaqashile ukuthi benze umsebenzi wabo ngokukhululeka ukuze amabhizinisi abo aphumelele. 

Yiseluleko sikasomabhizinisi ovule izitolo ezimbili ezikhiqiza uphaya ngonyaka owodwa.

UNksz uFikile “Fifi” Ndaba usanda kuvula isitolo esidayisa uphaya iFifi & Son Pies ePitoli, eGauteng, ibhizinisi lokubhaka alisungule ngenzuzo yebhizinisi lokucwaninga amabhuku iFifi Ndaba Consulting. 

Uthi okuningi ngabe akuphumeleli ukube akabathembi abantu abaqashele ukuphatha amabhizinisi akhe. Yize eqale ibhizinisi lakhe lokudayisa uphaya, kunguye obhakayo, ubuningi bomsebenzi bumphoqe ukuthi athole abantu abazobheka futhi babheke ukusebenza kwezitolo.

Uthe nasebhizinisini lakhe elidala waqasha abantu abaqeqeshelwe ukwenza umsebenzi, wase ebadedela ukuthi benze abakuqashelwe. 

“Ngiyabathemba abantu engibaqashile. Bawufundele umsebenzi abawenzayo futhi bayawazi. Ngabachazela ukuthi umbono wami uyini ngebhizinisi nokuthi ngifisa ukulibona liya kuphi. Ngibheka okufanele ngikubheke ukuze ngibone ukuthi konke kusahamba ngendlela efanele. Uma kunezinkinga amakhasimende ethu ayazi ukuthi angangithinta noma yinini,” kusho yena.

Uthe loko akusho ukuthi akasebenzi kodwa uthi wenza okufanele kwenziwe wuye, ayekele abanye ukuthi benze umsebenzi wabo. 

Isitolo sokuqala esidayisa uphaya usivule eRustenburg, eNorth West, ngoFebhuwari, kwathi emva kwezinyanga ezinhlanu wavula esinye eGa-Rankuwa. 

Ngaphambi kokuvula isitolo ubekwazi ukubhaka kodwa engakwazi ukubhaka uphaya. 

“Elinye lamakhasimende ami ebengilicwaningela amabhuku belinesitolo sokubhaka. Ngabe sengilicela ukuthi lingifundise ukubhaka uphaya ngoba nginesifiso sokuvula isitolo esidayisa uphaya. Ngifunde ukubhaka uphaya ngesikhathi esingangenyanga. Kuthe uma sengizibona ukuthi sengicijeke ngokufanele ngaqala ngenza izinhlelo zokuvula isitolo,” kulanda yena. 

Uthi ngesikhathi eqala ukuvula isitolo, ubengomunye wabantu ababhakayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi nokubona ibhizinisi likhula, uzikhiphile ekubhakeni ukuze aqhubeke nokubheka ezinye izidingo zawo wonke amabhizinisi akhe. 

Yize isitolo esidayisa uphaya siqanjwe ngokuthi Fifi & Son, uthi ingane yakhe eneminyaka emibili ayikwazi ukubhaka futhi ayibhaki naye. Uthi uqambe ibhizinisi kanje ngoba ebona ukuthi leli igama elizochuma futhi lithandwe ngabantu; cishe ufisa nokuthi libeyifa lezizukulwane. 

Ngaphandle kwamabhizinisi, uwumsunguli wenhlangano esiza abahlwempu, eqanjwe ngegama lendodana yakhe i-Enzo Foundation. Ngokusho kwakhe le nhlangano enikela ngezidingo ezahlukene iyindlela yakhe “yokunikela ngenxa yesibusiso asitholile”. 

Ngenzuzo ayithola emabhizinisini akhe wonke ufaka imali enhlanganweni yakhe ukuze ikwazi ukusiza abantu abadingayo, kungaba yizicathulo zesikole, imali yesikole, izincwadi nokunye. 

Ukhuthaze abantu abafisa ukusungula amabhizinisi ukuthi bazihluphe ngokuthola ulwazi olwenele nesipiliyoni ngaphambi kokusungula ibhizinisi. 

Uthi naye ngaphambi kokusungula ibhizinisi lokucwaninga amabhuku, uqale wasebenza kuqala eqokelela ulwazi namava. 

FUNDA NALAPHA:

Phisana ngesipho sikaKhisimusi sangunaphakade https://www.umbele.co.za/2023/12/19/phisana-ngesipho-sikakhisimusi-sangunaphakade-kubhala-intatheli-yombele/

  • Facebook: Fifi and Son Pies

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page