Inkulu imfihlo yomnotho elele kwimifelandawonye, kusho osesungule ibhange lalolu hlobo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

ININGIZIMU Afrika kufanele ishintshe indlela ebuka ngayo izinhlangano eziyimifelandawonye ukuze ifukule umnotho futhi ikhulise osomabhizinisi abanamabhizinisi angabhalisiwe.

Kuzoncinciza amaphanta, abemfashini nabezokuvasha ngendumezulu yomcimbi wamahhasi. INTATHELI YOMBELE iyabika

KULINDELEKE abantu abaphakathi kuka-35 000 no-48 000 ukuthi batheleke eThekwini, KwaZulu-Natali, ngempelasonto esiya kuyona ukuzokwethamela umjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ngoMgqibelo.

Ucilo wazishaya endukwini kosekuvuthwe ibhizinisi aliqala ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUHLALA ekhaya ngesikhathi se-COVID-19 kumzalele ibhizinisi le-sauce ebabayo. UMnu uLinda Khuzwayo wasePhoenix, eThekwini, KwaZulu-Natali, uwumsunguli wenkampani iSamambedu ekhiqiza i-sauce kapelepele, iSlomo Chilli Sauce.  

Besulwe izinyembezi, babongwa ngemiklomelo abemboni yezokuvakasha. USLINDILE KHANYILE uyabika

WADAYISA izinkomo ezimbili ukuze athenge urisho ngoba efuna enye indlela azoziphilisa ngayo kanti ngenakthi eqala ibhizinisi lalihamba kahle impela ngoba wakwazi nokulungisa kwakhe eCiyane, KwaNongoma, KwaZulu-Natali.

Izinkakha zosomabhizinisi zicije abalangazelela ukuba namabhizinisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUHLONYISWE osomabhizinisi abasafufusa nabafisa ukuba namabhizinisi ngolwazi lokukhulisa amabhizinisi nokuphatha imali emcibini obuhlelwe yibandla lasemaRomeni iSacred Heart eMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo.

Kuletha ithemba ukubambisana okusha phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule kuqale enye indlela entsha yokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. Emhlanganweni obuse-Union Building, izinhlangano zamabhizinisi nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika zihlangane nomengameli nongqongqoshe abaningi ukubhunga ngecebo eliphuthumayo lokubhekana nezinkinga ezisixakile siyizwe.

Abanamava emboni yokufuya izinyosi bahlangane nomakhelwane basungula umfelandawonye owenza imikhiqizo ehlukene yoju. INTATHELI YESOLEZWE iyabika

SEBEDAYISELA izitolo ezinkulu omakhelwane baKwaMaphumulo, ngasogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natali, abahlangene ngebhizinisi lokufuya izinyosi.

Bancoma umsebenzi wokufukula amabhizinisi asemalokishini kodwa bayavuma ukuthi kuningi okusafanele kwenziwe, u-ANNA MAJAVU uyabika

UHULUMENI usutshale uR66 billion uxhasa amabhizinisi asemalokishini kusukela ngo-2003 usebenzisa izikhungo zawo ezihlukene, kanti amabhizinisi ahlomulile angaphezu kuka-1 000.

Bakhala bayizithulisa abemboni yezinkukhu ngesivumelwano sokuhweba neMelika. UTEBOGO MOKWENA uyabika 

I-SA POULTRY Association (iSapa), engabanye babantu abavuma umhlahlandlela wale mboni i-Poultry Sector Master Plan, izophikisa ukuthi iNingizimu Afrika iqhubeke nokuba yingxenye yesivumelwano se-African Growth Opportunity Act (i-Agoa).

Banebhizinisi elivuthayo elinakekela imvelo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

CISHE baningi abakhathazekile ngokushintsha kwesimo sezulu. Kuthiwa isizathu esinye sezizathu eziholela ekuguquguqukeni kwesimo sezulu wukuthi imvelo ayinakekelwa ngendlela efanele njengokulahla udoti ezindaweni ezingafanele.

Imali yokusiza omabhizinisi abancane ‘iphelela ezinkampanini eziyizipoki’. U-ANNA MAJAVU uyabika

UPHIKO lukahulumeni oluxhasa amabhizinisi asafufusa ngemali iSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) enye inkampani elisebenzisana nalo kungenzeka ukuthi ibikhokhela izinkampani ezingekho imali. 

Kusabhimba uhlelo endleleni yokuphatha imali komasipala kwanda imibiko enogcobho ngo-2022. USLINDILE KHANYILE uyabika

OMASIPALA bahlehlele emuva endleleni abaphathe ngayo imali ngonyaka wezimali wango-2021/22 njengoba sehlile nesibalo sabathole imibiko engenagcobho kanti esabangathumelanga imibiko ngesikhathi sinyukile.

Ipulazi elilima ngobuchwepheshe obungandile selingenise nasemakethe yaphesheya. INTATHELI YOMBELE iyabika

IPULAZI labalimi besifazane elisebenzisa indlela yokutshala yezobuchwepheshe bokuzichelela, phecelezi i-hydroponic farming, ngelokuqala eliphethwe ngabantu besifazane abamnyama ezweni elidayisa amakinati ama-macademia phesheya.

Abangani abadudana ngokusungula ibhizinisi kunokubhuquza bashaya into ecokeme ekuhlanzeni amateku, izikhwama nosofa. INTATHELI YOMBELE iyabika

INTSHA eningi eqede isikole ebhekana nengwadla yokungawutholi imisebenzi. Intsha ekholelwa kwisiqubulo esithi “uzoyithola kanjani uhleli ekhoneni?” isivame ukuziphilisa ngokuvula amabhizinisi amancane.

Baqhamuke nesisombululo semvelo enkingeni kamanyolo obizayo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUBIZA kukamanyolo kulezi zinsuku kuholela ekutheni abalimi basebenzise imali eningi bethenga umanyolo. Abanye sebeze banciphisa amasimu abawalimayo ngenxa yezindleko. Bahlale befisa ukuthi zehle izindleko zawo.

Uyisishoshovu sezifo zabesifazane owayehlushwa wukubona befika esibhedlela sebesokhukhweni lokufa. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAPHATHEKANGA kahle ngelinye ilanga esamncane esikhungweni sezempilo kade egula. Wanquma ngaleso sikhathi ukuthi uzoba wudokotela oyophatha kahle iziguli. Kwaqondana nokuthi vele uyaziphuzela kwisayensi nezibalo. 

Onebhizinisi lempupho yesiphuzo sakudala usesabalalele nakwamanye amazwe. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANINGI bayichaza njengempuphu yoqobo yokwenza isiphuzo se-ginger emnandi kunazo zonke eNingizimu Afrika. Inhloso yabanikazi beGinja Gemere wukusiza abantu baziqalele amabhizinisi abo ngokuthenga le mpuphu bese beyazidayisela yona. 

Bazosina bazibethele osomabhizinisi baseNingizimu Afrika abafuna abatshalimali. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa bazoba sethubeni lokuthola abatshalimali abazoxhasa amabhizinisi abo engqungqutheleni yabatshalimali i-World Congress of Angel Investors WBAF yango-2023.

Akucatshangelwe umnotho weNingizimu Afrika ngodaba lweMelika neRussia, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMA iNingizimu Afrika ingakhishwa kwi-African Growth Opportunity Act (i-AGOA) ngeke kusho ukuthi ngeke isakwazi nhlobo ukuhweba neMelika kodwa kumqoka ukuthi ibulungise ubudlelwano bayo naleli zwe ukuze ivikele umnotho wezwe. Kepha futhi akusho ukuthi kufanele ivumele iMelika igcogcome ekhanda layo.

UGodongwana uxwayisa ngomphumela wemiholo yezisebenzi zikahulumeni emnothweni wezwe. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni kuzofanele uthole indlela yokonga uR37.4 billion ngo-2023/24 ukuze uvikele umnotho ngenxa yengcindezi edalwa yimali okufanele iholelwe izisebenzi zikahulumeni nosopolitiki. 

Iyadlondobala intokazi engazifaki izinzipho emsebenzini ukuze izibambele mathupha ‘umsebenzi wamadoda’. Manje isigabe nangamakhasimende aseMelika. INTATHELI YOMBELE iyabika

UKUSEBENZA ngezinsuku ezithile obekwenziwa ngenkathi kuhlasele i-COVID-19 kumkhuthaze ukuthi asule emsebenzini ayofeza iphupho lakhe lokuzimela.

Ukhulise ibhizinisi ngokufunda emaphutheni kayise. Uxoxe no TEBOGO MOKWENA

UNKSZ u-Annah Ngxeketo, unqume ukwenza izinto ngendlela ehlukile enkampanini yakhe yezokuthutha ngoba ngoba wabona ukuthi ibhizinisi lezokuthutha likayise alifinyelelanga lapho kwakufanele ngabe lafinyelela khona.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noZusakhe ‘Rhasatsha’ Zide, imbongi, i-content creator, umbhali, umculi nomlingisi

Usemncane wawuphiwa imali? Yebo, ngangiyiphiwa. Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi? Ngayivula eCapitec ngineminyaka ewu-17. Yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali ekukhuleni kwakho? Ngikhumbula ukuthi uR5 wawuyigugu kakhulu, (wawukhipha isidlo)  … Read More

Kukhona okusina kubajeqeza abangafuni ukuphendula ngemali yeCOVID-19. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNYANGO wokuQasha neziSebenzi uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ukuthi uzomisa ukusebenza kwama-akhawunti azo asebhange futhi udle izimpahla zazo uma ziqhubeka zinqaba ukusebenzisana nabacwaningimabhuku abajutshwe ohlelweni “iFollow the money”. 

Ibhange loMbuso lethule imali entsha edle ngezimpawu zokuphepha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KWETHULWE imali entsha eNingizimu Afrika izolo nezoqala ukutholakala namhlanje. IBhange loMbuso lithe le mali entsha ezokwethulwa kancane kancane iphuculiwe ukuqinisa ukuphepha kwayo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi ukuthi baphumelele.

Akakhulumi ngenzwabethi othi kunomcebo olwandle njengoba enebhizinisi elivuthiwe lokudoba. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

EMINYAKENI eyisishiyagalolunye edlule uhulumeni wethula uhlelo lokukhulisa umnotho wasolwandle i-Operation Phakisa, olwahlanganiswa yindlela eyasetshenziswa iMalaysia ukuphucula izinto kuhulumeni wawo ngokushesha iBig Fast Results. 

Ifakelwa izibuko eyamaqhinga okudoba izivakashi nemali e-uShaka Marine World. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNOCWANINGO olwenziwayo ukubheka ukuthi ingaphuculwa kanjani i-uShaka Marine World ukuze idobe izivakashi ezingaphezu kwenazo njengoba isezinhlelweni zokuvuselela ukusebenza kwayo emva kokuphazanyiswa iCOVID-19. 

Sebenamakhasimende amakhulu abanenkampani yefenisha. Omunye wabo uxoxe noZusiphe Didi

UQALE ukuba nentshisekelo yamabhizinisi kusukela emncane njengoba ayedayisa amadumbe ukuze abe nemali azoyiphatha esikoleni. Lukhulile lolu thando njengoba lugcine lumholela ekutheni avule ibhizinisi ekhiqiza ifenisha. 

OWAYEYISIKHULU esiphezulu sezimali eTongaat Hulett uMnu uMurray Munro, uhlawuliswe uR6 million nokungavunyelwa ukuba senkampanini ehweba kwiJohannesburg Stock Exchange iminyaka ewu-10. I-JSE ikhiphe lesi sinqumo emva kokuphothula uphenyo lwayo ngokuziphatha kukaMunro ngenkathi le nkampani iphula umthetho wokuphatha izimali njengoba yayibika okungesilo iqiniso ngenzuzo eyenzayo phakathi kuka-2011 no-2018. U-Munro usidlulisele phambili lesi sinqumo ukuthi sibuyekezwe.

AMABHIZINISI amabili kahulumeni amemezele amabhodi amasha kuleli sonto. UMengameli uCyril Ramaphosa ugcine ekuphasisile ukuqokwa kwebhodi elisha elizohola iSABC, usihlalo walo okuzoba wuMnu uKhathutshelo Ramukumba kuthi iphini lakhe kube wuNks uNomvuyiso Batyi. Amanye amalungu ebhodi wuDkt uRenee Horne, u-Adv uTseliso Thipanyane, oNks uPhathiswa Magopeni, u-Aifheli Makhwanya, uMagdalene Moonsamy, oMnu uRearabetsoe Motaung, uDavid Maimela, uDinkwanyane Mohuba, uMpho Tsedu noNks uPalesa Kadi. UmNyango wamaBhizinisi kaHulumeni wona umemezele ibhodi yesikhashana ezokwengamela iSouth African Airways. Usihlalo wesikhashana kuzoba wuMnu uDerek Hanekom, owake waba ngungqongqoshe wezokuvakasha. Amanye amalungu ebhodi oNks uFathima Gany, uFundi Sithebe, uMnu uMahlubi Mazwi, u-Adv uJohannes Weapond, uSolwazi uJohn Lamola (obambele isikhulu esiphezulu), uNks uClarissa Appana noMnu uDumisani Sangweni.

IMINYANGO kahulumeni waKwaZulu-Natali yethule izabelomali zazo eSishayamthetho kuleli sonto. Kuqale uNdunankulu uNkk uNomusa Dube-Ncube okhiphe imininingwane yokuthi ihhovisi lakhe lizowusebenzisa kanjani uR872 million elabelwe wona. Kodwa ukhulumile nangezinye izinhlelo ezikhona zokuvuselela umnotho njengoR2 billion ohlinzekelwe ukulungisa umonakalo owadalwa izikhukhula zonyaka odlule. Kule mali uR1.7bn wabelwe umNyango wezokuThutha osuvele ususebenzise uR400m. Izinkampani zabantu abamnyama zizohlomula ngoR1.3bn kule mali, kuthi eziholwa ngabesifazane zithole uR530m kanti ababengamasosha omzabalazo bazokwabelwa uR20m kuthi amabhizinisi entsha athole uR546m, kuthi abantu abanokukhubazeka bathole uR3.3m. Kukhona uR336m ohlinzekelwe ukuthi kwandiswe izindawo abantu abangakwazi ukudonsa kuzona umoya we-internet emiphakathini. Kulindeleke ukuthi kwengezwe izindawo eziwu-7 253, nokubhekwe ukuthi zivule amathuba emisebenzi awu-350 kanti u-40% wemisebenzi kuthiwa uzotholwa ngamabhizinisi amancane. UmNyango wokuThuthukisa uMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo wona wethule isabelomali sikaR3.4bn. 

UMASIPALA waseThekwini usithakasele isinqumo senkantolo yaseScottburgh sokuhlawulisa iSappi uR8 million ngenxa yokuphula i-National Environmental Management Air Quality Act ngokweqa isikali esibekiwe sokukhiqiza i-sulphur dioxide eSaiccor Mill eMkhomazi, eningizimu yogu laKwaZulu-Natali.  Le nhlawulo ilengisiwe, nokho le nkampani egaya iphepha kuthiwe ayikhokhe i-confiscation order ehlukaniswe kwaba uR5m ozoya kumasipala noR3m ozoya kwiCriminal Assets Recovery Account. Le mali kufanele ikhokhwe ngomhlaka-28 Ephreli. I-Sappi yaphula lo mthetho phakathi kukaJulayi ngo-2012 noDisemba wango-2014. Umasipala uthe loku kukhombisa ukuthi uyayisukumela futhi uyayihlonipha imithetho yezemvelo.

Basadonsa kanzima abathengi kodwa likhona ithemba ngamanani okudla. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUQHUBEKILE ukunyuka kokwehla kwamandla emali ngoMashi kwafinyelela ku-7.1%, kusuka ku-7.0% ngoFebhuwari. Kanti ukunswinyeka kwabathengi kubonakele njengoba nokudayiswa kwezinto kwehlile, obesekungokwesithathu izinyanga zilandelana

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page