Baqale bebancane ukubondla ngolwazi lwezezimali ezinganeni, kuloba uNokwazi Chonco
YINI ukufunda ngezezimali kanti kungani kubalulekile ezinganeni zethu. Ulwazi lwezezimali lungachazwa njengokufunda amakhono okuphatha imali kahle futhi ukwazi ukuyihlelela kahle.
Lolu lwazi lusiza ukuthi siqonde kahle ukuthi imali isebenza kanjani empilweni yethu nasemnothweni wethu.
Kuthiwa ugotshwa usemanzi, ngakho asiqale ngokushesha ukufundisa abantwana bethu ngemali; sibanike amakhono azobasisa ukuthatha izinqumo eziphusile ngemali.
Uma beyibamba besebancane indaba yokuba nobudlelwano obuhle nemali, bazokhula nomqondo onemicabango yempumelelo yodwa ngemali.
Ucwaningo lukhombisa ukuthi, uma umntwana esefike ku-7, kusuke sekwakheke imikhuba ethile ngemali.
Le mikhuba isuke ithathwe kubazali ekhaya nasemphakathini. Yingakho kubalulekile ukuthi sihlale siyisibonelo esihle ngokuphatha imali ngoba le mikhuba yakha isisekelo sezimali ezinganeni.
Singabazali asizimisele ukusiza izingane zethu zikwazi ukufunda ngezezimali. Asizisize zenze izinqumo ezinhle ngemali ukuze uma sezikhulile ziphumelele ezimalini.
Xoxa nezingane ngemali
Asenze kube yinjwayelo ukuba nezingxoxo zemali ekhaya. Asiyiqede into yokuba novalo nokungakhululeki ukukhuluma ngemali obala. Asijwayele ukufaka izingane kulezi zinkulumo.
Lezi zinkulumo zisiza ukuthi abantwana babone ukuthi imali akusona islwane okumele sisatshwe, kepha yingxenye yempilo yethu futhi kumele sibe nobudlelwano obuhle nayo.
Uma wenza uhla lwezinto zasendlini, biza abantwana ubavumele ukuthi babeke umbono bese uhamba nabo ukuyothenga; nikhulume ngamanani eniwabonayo. Xoxani ukuthi yini ebizayo, yini esendalini njalonjalo.
Okufunayo nezidingo
Isidingo, yinto ongeke ukwazi ukuphila ngaphandle kwayo, njengokudla, amanzi, njll.
Okufunayo yinto oyithandayo noma oyifisayo, njengengubo yokugqoka entsha. Kunzima ezinganeni ukuhlukanisa phakathi kwesidingo nokuthandayo, kepha asiphikelele ukuzama ukubasiza ngokuhlukanisa.
Ngokwazi umehluko, bazokhula benze izinqumo eziphusile ngemali yabo.
Kuzobafundisa indlela yokuhlelela kahle izinto ezibalulekile kuqala.
Umkhuba wokonga
Fundisa izingane ukuthi imali ayiyona nje yokuthi isetshenziswe kuphela. Iyongiwa imali yongelwa ikusasa. Ukonga kufundisa isimilo, ukuzibekela umgomo nokuhlela.
Basize abantwana ngokubathengela isikoqokoqo noma ubavulele i-akhawunti yasebhange ukuze bakwazi ukubeka imali.
Kumele ubakhuthaze ukuthi uma beyibeka imali kumele kube khona okuthile abakufisayo ngaleyo mali noma injongo ethile, mhlawumbe ithoyizi elisha noma amateku okudala ewafisa.
Yiba yisibonelo esihle
Khumbula ukuthi izingane zethu zibukela okuningi kithina. Zibuze ukuthi bazocosha imikhuba emihle noma emibi ngokuphatha imali yini, ushintshe indlela yokwenza.
Qaphela ukuthi ukhuluma kanjani ngemali phambi kwezingane. Uhlale ubalisa noma uthetha noma ukhuluma ngokuzithemba ukuthi konke kuhamba kahle ngendlela obuhlele ngayo.
Asikhulise izingane ezizethembayo ngemali yazo.
- UNkk uChonco uwungoti wezimali nomsunguli we-Ibanokwazi, inkampani efundisa ngokuphatha imali
