Akakhulumi ngenzwabethi othi kunomcebo olwandle njengoba enebhizinisi elivuthiwe lokudoba. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE
EMINYAKENI eyisishiyagalolunye edlule uhulumeni wethula uhlelo lokukhulisa umnotho wasolwandle i-Operation Phakisa, olwahlanganiswa yindlela eyasetshenziswa iMalaysia ukuphucula izinto kuhulumeni wawo ngokushesha iBig Fast Results.
Inhloso enkulu yalolu hlelo wukukhulisa le mboni igcine isingenisa phakathi kukaR129 billion noR177bn emnothweni ngo-2033.
Umdobi wasolwandle osephendule ikhono lakhe laba yibhizinisi lokuchazela izivakashi ngezinhlobo zezinhlanzi ezitholakala olwandle i-Indian Ocean eseNingizimu Afrika uyakufakazela ukuthi mningi umnotho osolwandle, inqobo nje uma unolwazi lokuthi utholwa kanjani.
UMnu uScelo Dlamini, oneminyaka ewu-42, odabuka eMid-lllovo, KwaZulu-Natali, uwumnikazi wenkampani iDlamini Fishing Co, esebenza olwandle eThekwini. Uqashwa ngabanikazi bezikebhe zokuvakasha ezintweza olwandle lwaseThekwini ukuze achazele izivakashi ezifuna ukwazi kabanzi ngezinhlanzi nokudoba kuleli dolobha.
Uthi: “Izikebhe ezilapha emtateni abantu baziqashela izinto ezingafani. Ezidumile yilezi abantu abagqoka izingubo ezifanayo bangcebeleke kuzo bebuka ulwandle ngaphezulu nobuhle beTheku. Kunalezi eziqashwa yizivakashi ezithanda izinhlanzi, zifike zisho ukuthi zifuna ukubona ziphi izinhlanzi.”
Uthi izinhlanzi abasuke befuna ukuzibona ezidume umhlaba wonke ngokuba ukudla okunempilo futhi isidlo sazo simba eqolo ezindaweni zokudla.
“Izivakashi eziphuma kwamanye amazwe nezakhona kuleli (zwe) ezizifela ngezinhlanzi ziqasha izikebhe zisho ukuthi zifuna ukubona ukuthi umdobi uyibamba kanjani inhlanzi ethile nokuthi itholakala kuyiphi ingxenye yolwandle. Umdobi oqashiwe ungena nalezo zivakashi esikebheni nezinsiza zokudoba zakhe nezezivakashi, kuye ngokuthi zikhokhele ukwenzani.
“Uma zifuna ukudoba zona mathupha, umdobi ngolwazi lwakhe uziyisa engxenyeni yolwandle okutholakala kuyo leyo nhlanzi. Ube esezisiza ngokuzichazela ukuthi udobo olusetshenziswayo yiluphi nokuthi wenza kanjani ukuze ahehe leyo hlanzi ize kulo,” kuchaza uDlamini.

UDlamini, oseneminyaka ewu-18 edoba olwandle lwaseThekwini, okwamanje akanaso isikebhe okungesakhe, uqashwa ngabanikazi bezikebhe abehlukene.
Uthi imvamisa yizivakashi okungezona ezasezweni ezithanda ukutetemuka ngalezi zikebhe ukuze zibone izilwane zasolwandle okusuke kunomdobi ozikhombisa izinhlanzi futhi azikhombise ukuthi lezo zinhlanzi zidotshwa kanjani.
Kokunye ziqashwa ngabanye abadobi befuna ukubona ubuchule abusebenzisayo ukubamba uhlobo oluthile lwenhlanzi.
Uthi ngoba izivakashi eziningi zisuke zilele emahhotela, izinhlanzi ezidotshiwe azihambi nazo zibuyiselwa emanzini.
Ezinhlanzini eziletha izivakashi ubala izinhlanzi ezinkulu njengoshaka, amahlengethwa, ama-dorado noma olamthuthu ngoba azwana namanzi afudumele futhi adotshwa ehlobo, i-gobra edume ngokuba yinhlanzi enempilo, i-Talang queen fish, i-Slinger, i-Englishman, i-Mussel cracker fish, i-Tuna nezinye.
Uthi abanye abaqasha izikebhe basuke befuna ukuzibonela inhlanzi yesizwe i-Galjeon noma indamba. “Leyo nhlanzi akuvumelekile ukuthi uyidobe uphume nayo olwandle. ungazikhombisa izivakashi uma unemvume yokuyidoba bese uyibuyisela emanzini. Olwandle awungeni ungenayo ilayisensi. Kunenqwaba yamalayisensi akuvumela ukuthi wenze izinto ezihlukene kulo.”
Uthi ngenxa yothando lwakhe lokusabalalisa ulwazi ngokudoba, ujwayele ukuya emisakazweni ehlukene elalelwa ngabantu abamnyama eyokhuluma ngomnotho wasolwandle nangamathuba akhona kulo mkhakha ngoba efuna ukuthi bande abamnyama kulo mkhakha abawusabayo ngoba besaba ulwandle.
UDlamini uthi lukhulu angalwenza uma engaba nesikebhe nelayisensi evumela ukuthi adayise izinhlanzi. Lezi yizona zinselelo ezinkulu abhekene nazo njengoba ethi usengqongqoze eminyango eminingi ezama ukuthola usizo oluzokwenza ukuthi akhule kepha ayivuleki.

