Ubuchwepheshe bokwenza impilo ibe lula ebhizinisi bufikile, ngakho ungazithambisi, kuloba uNtokozo Biyela
KULELI sonto ngithanda sibhekisise udaba lwe-Artificial Intelligence (i-AI) neChatGPT. Mhlawumbe abanye bayazibuza ukuthi yini kambe yini iChatGPT ngoba i-AI sake sakhuluma ngayo.
Ngiyazi sekukaningi ubuchwepheshe bushintsha mihla namalanga. Ake ngithi ukubuyela emuva kancane sikhulume nge-AI. Lolu wuhlobo lobuchwepheshe olusetshenziswa ukwenza imishini ikwazi ukwenza imisebenzi noma izinto ezenziwa ngabantu.
Ake ngenze isibonelo, uzoqaphela ukuthi isikhathi esiningi manje uma ufonela e-call centre ugcina ulutholile usizo kodwa ungazange ukhulume nomuntu ophilayo. Isikhathi esiningi ukhuluma nerobhothi eliphendula imibuzo yakho noma elikubuza imibuzo ukuze liqonde kangcono usizo osuke ulidinga.
Isikhathi esiningi uye izwe leli robhoti lithi: “Uma ufuna ukukhuluma nozokunika usizo ngezezimali, cindezela u-1”. Ucindezela leyo nombolo udlulele phambili bese likubuza omunye umbuzo. Likubuza imibuzo ugcine ulutholile usizo olufunayo.
Lolu hlobo lobuchwepheshe kade lwaba khona; wukuthi nje belungeluningi. Manje selisabalele yonke indawo.
I-ChatGPT wuhlobo lobuchwepheshe olufana nomsizi wakho ongakusiza nganoma yini ofuna ukuyazi. Ake ngenze isibonelo ngabanezingcingo zohlobo lwe-Apple iPhone. Kunezwi elibizwa ngoSiri. Kwabasebenzisa iSamsung kuthiwa wuBixby. Kwi-Android system kuthiwa wuGoogle Assistant, kuthi kwa-Amazon kuthiwe wu-Alexa.
La mazwi afana nomsizi wakho okuthi uma ufuna akwenzele into umcele bese enza njengokumyalela kwakho. Abanye-ke baye bawasebenzise ukucela laba basizi ukuthi bashayele umuntu othile ucingo ngaphandle kokuthinta ucingo. Uzozwa ucingo selukhala njalo lushayela lowo muntu.
Abanye-ke asebehambe kakhulu ngobuchwepheshe abaxhumanisa izingcingo zabo nezimoto zabo noma imizi yabo ezibizwa ngama-smart home. Bakhuluma nalezi zingcingo ukuthi azikhanyise ugesi endlini bengakafiki, zivale amakhethini ngawo, zivule amanzi kubhavu ukuze bafike sekunamanzi kubhavu.
Lobu wubuchwepheshe obukhona obusetshenziswayo ngabantu basemazweni athile, kanti-ke okukhulu ukuthi baqala ukusetshenziswa yizinkampani kudala.
Manje lobu buchwepheshe sebudlulela kubo bonke abantu. I-ChatGPT wumsizi ombuza noma yini ongayicabanga bese lo msizi ekuphendula.
Uma nje uwumfundi ungamcela lo msizi ukuthi akubhalele indatshana nganoma yini, uzokubhalela. Ungamcela akufunele imininingwane ngento ethile ongayazi, uzokutholela akubhalele yonke imininingwane oyidingayo.
Manje njengoba lo msizi ekwazi ukwenza nanoma yini, loku kusho ukuthi kunenqwaba yemisebenzi ebidinga abantu engeke isabadinga ngoba abantu ezinkampanini bazogcina besebenzisa lo msizi.
Okubuhlungu wukuthi izinkampani eziningi ebeziqasha ezinye izinkampani wukuthi zenze ucwaningo ngokukhangisa imikhiqizo yazo sezithanda ukusebenzisa iChatGPT ukuze kube yiyona eza nezindlela ezintsha zokwenza izinto futhi ngokushesha, okusiza lezi zinkampani zonge imali.
Kukhona imisebenzi esengcupheni yokuphela ngoba lolu hlobo lobuchwepheshe selungenisile ngisho kwezemfundo. Loku kusho ukuthi izikole noma amanyuvesi ayogcina esesenkingeni nawo ngoba othisha bazoncishelwa imisebenzi.
Lolu hlobo lwemisebenzi luyangenisa ezibhedlela nakwezesayensi. Loku kusho ukuthi abantu sebeyogcina sebezilapha bona qobo ngoba okumele bakwenze wukuthi bavele babuze umsizi bese ebatshela ukuthi baphethwe yini.
Miningi eminye imikhakha lapho lobu buchwepheshe sebusabalele khona, ngakho-ke wena ungosomabhizinisi kufanele uqaphele ukuthi uhambisana nabo lobu buchwepheshe ngoba uma ungenzi njalo kuningi okuzokulahlekela. Kuhle ukuzifundisa ngobuchwepheshe obusha obufikayo ngoba busuke buzosiza wena benze nempilo yakho ibe lula.
Mina ngibuthanda kabi ubuchwepheshe obusha ngoba benza impilo yami ibe lula. Kumanje nje sengizebenzisa iChatGPT ukuthola imininingwane engiyifunayo. Ngicabanga ngisho ukubuzama ekubhaleni izincwadi zami ezizayo ngoba manje izinto sengizithola kalula.
Mhlawumbe kungekudala yona le ngosi ngizobe sengiyibhala ngeChatGPT nje, ngivele ngithi bengicela ungibhalela ukuthi impi yase-Ukraine neRussia iwuphazamisa kanjani umnotho wamazwe.
Ake uyizame nawe ubone ukuthi isebenza kanjani. Shona ku-OpenAI.com ufike ubuze noma yini uzibonele nawe. Uzozisholo wena.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift
