Ukwanda kwezindawo zobumnandi kumnike umqondo webhizinisi lendawo yokulala elokishini. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUCWANINGA ngempilo yabantu yansuku zonke kwenza wabona ukuthi ziningi izindawo zobumnandi emalokishini ekubeni ziyindlala ezokulala, nokuphoqa ukuthi abantu ngisho sebejabule kwaze kweqa baye edolobheni ukuyobeka uhlangothi emahhotela akhona.

Ukungawutholi umsebenzi awufundele kube yisibusiso. Ungene kwezolimo kanti useziphilisa ngokukhiqiza amaveji. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NJENGENINGI lentsha yakuleli ufunde waphothula iziqu kodwa akangawuthola umsebenzi. Impilo ibe nzima ezama indlela yokuziphilisa, waze wasizwa wumcabango wokungena kwezolimo. Manje uyasimama kule ndima njengoba esenenkampani ekhiqiza amaveji.

Usenebhizinisi lamakhekhe elivuthiwe owasukunyiswa wukuswela imali yasenyuvesi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

EMVA kokuphothula umatikuletsheni, uthwale kanzima eshoda ngemali yokubhalisa enyuvesi ngenxa yokuthi abazali bakhe abasebenzi. Uvuke wazithatha wafuna umsebenzi, wasebenzisa ulwazi aluthole kuwo ukuqala ibhizinsi lokubhaka adayise amakhekhe emgwaqweni.

Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe nothando lwezibuko zelanga kumholele ekuqaleni ibhizinisi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE.

UKUKHANGISA ngebhizinisi ezinkundleni zokuxhumana ngenye yezindlela ezilula nezisheshayo zokuheha amakhasimende nokwazisa abantu ngomkhiqizo wakho, ikakhulukazi uma usaliphemba ibhizinisi lakho. Ufinyelela kubantu abaningi ngaphandle kokungena ezindlekweni ezinkulu.

Ukuba yiqhathanzipho kumholele ekusunguleni ibhizinisi lokuqoqa izibi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

IBIMKHATHAZA indlela okubukeka ngayo indawo yangakubo ehlala ingcolile isikhathi esiningi. Kuthe ngelinye ilanga wafikelwa wumbuzo wokuthi yiliphi iqhaza angaba nalo ukushintsha loko? Impendulo kwaba wukuthi akaqale ibhizinisi lokuqoqa udoti emizini yabantu.

Kusegazini ukulwela abantu abamnnyama kosanda kuthatha izintambo kwi-ABASA. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKHOKHO wakhe ngelinye lamaqhawe ahlonishwayo eNingizimu Afrika ngokulwela isithunzi nengcebo yomuntu omnyama. Inkosi uJongumsobomvu Maqoma nowagcina efele ejele eRobben Island, lapho wayengomunye wabantu ababehamba phambili belwela ukuthi abantu abamnyama bangaphucwa umhlaba wabo.

Qikelela indlela osebenzisa ngayo imali yebhonasi, sidlulile isikhathi sokuphuphuthekiswa yisonto elilodwa likaDisemba, kuloba uNtokozo Biyela

KULE NGOSI ngithanda sibheke indaba yokusebenzisa imali yebhonasi ngalezi zinsuku zenjabulo kaDisemba. Cha, angiyena umeluleki wezezimali kodwa yiseluleko nje lesi esivela kimina njengomeluleki kwezamabhizinisi ngoba kuye kube buhlungu ukubona indlela abantu bakithi abachitha ngayo imali ngesonto nje elilodwa lenjabulo kaDisemba.

Wakhuthazwa wukudilizwa ogubha iminyaka ewu-20 asungula inkampani esidlondlobele embonini yamakhemikhali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWABANYE abantu kuduma ikhanda uma umuntu ediliziwe emsebenzini ngoba usuke ethatha ebeka ukuthi uzokwenzenjani esephelelwe wumsebenzi. Nokho bakhona abasheshe babone ukuthi ukuvaleka komnyango kusho ukuvuleka komunye.

Uqhubeke lapho okwagcina khona uninalume onebhizinisi lezimbadada zesimanje. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UNINALUME wayenebhizinisi eLEnza izimbadada, okuthe uma edlula emhlabeni alanganakwa muntu. Ubone kungaba yiphutha ukuyeka umbono kaninalume uphele kanjalo nje, waqhubeka lapho agcina khona ukuqhuba ibhizinisi lezimbadada ezenziwa ngendlela yesimanje.

Uneminyaka eyivile kwengu-20 angena embonini yezakhiwo oke waphatha nasezinkampanini ezinkulu, njengokusho kukayise. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMLOMO uyadala. Sisho njalo isiZulu. Kube njalo empilweni kasomabhizinisi osemnkantshubomvu emkhakheni wezakhiwo, ugesi namanzi. Ekhula uyise wayehlale ethi kumele afundele umsebenzi ophathelene nokuphatha amabhizinisi khona ezokhombisa abantu bezinkampani ezinkulu ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.

Wangena engaqondile ebhizinisini lamakhekhe eselidlondlobele laze lanamakhasimende nakwezinye izifundazwe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

EMINYAKENI eyisishiyagalombili edlule enye yamadodana akhe yayizogubha usuku lokuzalwa. Wahluleka wancama ebheka ikhekhe elalihlotshiswe ngopopayi owu-Mickey Mouse eyayiwufuna. Wagcina engene kwi-internet ukucwaninga ukuthi lenziwa kanjani, walibhaka yena lelo khekhe.

Benza okungajwayelekile ngokubambisana ebhizinisini ukuze badlondlobale kwezemfashini. Abanye babo baxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYE kuthiwe abantu abamnyama abathandi ukusebenzisana, ingasaphathwa-ke uma bengabantu besifazane bodwa. Kepha izintokazi eziyisithupha ezigila izimanga kwezemfashini ziyayiphikisa le mibono ngokubambisana kahle ebhizinisi lazo elinezinhlelo zokuthi libe nezitolo ezweni lonke.

BAHLEKA bodwa osomabhizinisi abebekhangisa embukisweni okhuthaza ukuhwebelana kwamazwe ase-Afrika. Abanye babo baxoxe noSLINDILE KHANYILE

BABONA kuzovuleka eminye iminyango yokukhula abanye bosomabhizinisi abebekhangise ngemikhiqizo yabo embukisweni ogqugquzela ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika. I-Intra African Trade Fair (i-IATF) ebise-Inkosi Albert Luthuli ICC eThekwini, eGauteng, nephele ngeSonto.

Bafundisa ngemvelo nezolimo, basize nabantu bashaywe wumoya epulazini labo. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BESE kuyisikhathi eside benentshisekeko yokuhlanganisa abantu babafundise ngokubaluleka kwemvelo nezolimo. Bagcine befeza lelo phupho labo leminyaka ngenkathi bethenga umuzi osepulazini ngo-2014, okuyiwona abawusebenzisa njengendawo egcina amagugu emvelo.

Usedlondlobele owemikhiqizo yesikhumba nokwelapha engaxutshwe namakhemikhali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ESANDA kuqala ukuzisebenza wayethula izinkulumo mahhala emicimbini, emsakazweni, ebhalela amaphephandaba ngoba enzela ukukhangisa umsebenzi wakhe. Esinye sezihloko asidingida kuKhozi FM savula iminyango emholele ukuthi asebenzisane namanye amazwe e-Afrika.

Kuthiwa zinhle izinhlelo zokwethula ugesi ongaphehlwa ngamalahle inqobo nje uma zizovikela imisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZOLO kuphinde kwaqala ukucishwa kukagesi eNingizimu Afrika ngokwesigaba sesibili, nokuyinto u-Eskom othe izoqhubeka kuze kube wuMgqibelo. Lesi simemezelo sale nkampani ephehla ugesi siphinde sakhombisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi izwe lithole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.

Abagqugquzelwa yivuso lokuphucula impilo yakubo sebenebhizinisi lezimpahla zokugqoka eziqhakambisa ubuhle be-Afrika. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUKHULA ngaphansi kwesimo esinzima akwenzanga izelamani ezintathu zidikibale empilweni. Kunaloko bezihlale zizihlupha ngokuthi yini ezingayenza ukushintsha impilo yazo.

Singenza kangcono ngenkinga kagesi, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU baseNingizimu Afrika baziwa ngokuthi bayakwazi ukwenza icebo uma kunenkinga. Nokho inkinga kagesi isidonse isikhathi eside. Nakuba kunenqubekelaphambili ekuvuleleni izinkampani ezizimele ukuthi zikwazi ukwakha kalula iziteshi zikagesi ezizophehla u-100MW nezinhlelo ezikhona zikagesi ongakhiqizwa ngamalahle kodwa sibhekene nokucinywa kukagesi esingakaze sikubone phambilini, nokuphazamisa amabhizinisi nempilo yethu mihla namalanga.

ISIBONELO ESIHLE

SISANDA kubhala ngezelamani zakwaMkhungo ezingabanikazi beMzo’s Stylish Craft, ibhizinisi elenza umsebenzi obazwe ngokhuni eThekwini, KwaZulu-Natali.   OMnu uMzokhona noMluleki Mkhungo baqale lo msebenzi eminyakeni ewu-14 edlule. Lezi zelamani seziwukhulise kangaka nje … Read More

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page