Author: admin
Inkulu indima okusamele ikhathulwe ukuze kuthuthukiswe abesifazane ngamandla omnotho, kuloba uMusa Xulu
EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisna nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.
Owafundela omunye umkhakha unobizo lokukhiqiza osomabhizinisi. Manje usengene shi ekusunguleni izikole ezizimele ezicija ingane ikwazi ukubhekana nezinselelo zesikhathi esiphila kusona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”
Ongoti babheke ngabomvu udaba lwesibonelelo sikaR350 kwisabelomali saphakathi nonyaka. USLINDILE KHANYILE uyabika
NGESONTO elizayo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala. Nakuba isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium-Term Budget Policy Statement, kungesiso esokwenza izinguquko ezitheni kodwa zikhona izinto ongoti ababheke ngamehlo abomvu ukuthi uzothini ngazo.
Nasi isisekelo sesiqalo sokwakha umnotho wabamnyama, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngithanda sinabe ngodaba olusenhliziyweni yami lokwakha umnotho wethu thina bantu abamnyama kancane kancane. Ngiyazi abantu abaningi baye bangangizwisisi uma ngithi le ndlela esicabanga ukuthi umnotho ophethwe ngabelungu uzobuya ngayo, uhlelo lweBroad-based Black Economic Empowerment, ngeke kwenzeke loko.
Likhulu ijoka elibhekene neNingizimu Afrika emhlanganweni wokuvikela imvelo, kuloba uBusi Mavuso
ININGIZIMU Afrika izoya kwiCOP26 eGlasgow (eScotland) ngesonto elizayo inezinto ezinqala eyozibeka ezithebeni. Lona kuzoba ngumcimbi owumzamo omkhulu wamazwe nosomabhizinisi bomhlaba wokulwa nokuvikela imvelo. Wonke umholi wepolitiki nebhizinisi uzofika efuna ukubona umnyakazo. Ngiyathemba ukuthi nakulabo abazobe besimele kwezamabhizinisi nakuhulumeni kuzoba esifanayo nangabo.
Usewuqweqwe lukasomabhizinisi owaqala ngokusebenza esitolo sikayisemkhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
ABAHOLI bezinkampani bangesabi ukuvulela izisebenzi isifuba futhi baveze obala yonke into uma kusuke kunezinselelo ngoba isikhathi esiningi yiyona ndlela yokuthi bathole amaqhinga amasha. Loku kuyasiza nangokuthi izisebenzi zibathembe futhi zisebenzisane nabo ekutholeni izixazululo zenkinga esuke ikhona ngaleso sikhathi.
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSindiswa ‘uLady Afrika’ Zulu, umbhali nembongi yezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani ehlela imicimbi i-Afrikazania Ink. Unencwadi yeqoqo lezinkondlo esihloko sithi Mayine
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngihlale kakhulu nobaba ngikhula. Imali waqala engipha njalo ekuseni uma ngiya esikoleni. Ngangiphatha uR1.50 nomphako. Ngokuqhubeka kwesikhathi wangibuza ukuthi kunganjani ngidle isihlanu, ngibeke ishumi zonke izinsuku, ngavuma. Leyo mali yayihlala esikoqokoqweni esasinengidi evulwa wuye. (Wagcina) esenginika imali yesonto lonke, ethi kumele ngifunde ukudla ngizibekele kungashayi uLwesihlanu ngingasenamali.
UWUHLONIPHILE UMTHETHO
OBEYINHLOKO yamaJaji uJaji Mogoeng Mogoeng uthathe umhlalaphansi kuleli sonto ngenxa yokuthi ibisiphelile iminyaka eyishumi ephethe lesi sikhundla. UJaji uMogoeng ugcina nje ubesevele enezinyanga esekhefini. Wanqaba ukuxolisa ngakusho mayelana nempi esineminyaka … Read More
Kuleli sonto eligqugquzela ukuhlelwa kwemali uSLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti abakucebisa ngokwenza loku kahle
NGOMSOMBULUKO izisebenzi zenye yezimboni ezinkulu eNingizimu Afrika, imboni yokusansimbi, ziqale isiteleka ngoba zifuna ukunyuselwa amaholo ngo-8% ekubeni umqashi ubeke etafuleni u-4.4% kulo nyaka. Amalungu iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) athe azoteleka umqashi aze agobe uphondo njengoba ethe ngonyaka odlule azwelana naye ngesikhathi kungasebenzeki ngenxa yeCOVID-19.








































