Iyanda intsha nabamnyama abangena embonini ka-ice cream engenisa izigidi emhlabeni. USIMANGALISO NTSHANGASE uyabika

UMCIMBI wokujabula usuke ungaphelele uma zingekho izibiliboco. Esinye sezibiliboco ezihamba phambili wu-ice cream njengoba uyintandokazi kwabaningi. Akugcini nje lapho njengoba bebaningi nabawukhonze uma kushisa benzela ukuthiba ilanga.

Ukuhlukunyezwa wubugebengu kumholele ekuqaleni ibhizinisi owesifazane owenza ezibukwayo embonini yezokuphepha. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUGQEKEZELWA komndeni wakhe izikhawu ezine kwenze wabona ukuthi kumele athathe izinyathelo ezinqala. Emva kokubiza inkampani izomqinisela ezokuphepha kwakhe, wabona kuyithuba elihle lokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zendawo ziphephile njengaye.

Inkulu indima okusamele ikhathulwe ukuze kuthuthukiswe abesifazane ngamandla omnotho, kuloba uMusa Xulu

EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisna nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.

Owafundela omunye umkhakha unobizo lokukhiqiza osomabhizinisi. Manje usengene shi ekusunguleni izikole ezizimele ezicija ingane ikwazi ukubhekana nezinselelo zesikhathi esiphila kusona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”

Ongoti babheke ngabomvu udaba lwesibonelelo sikaR350 kwisabelomali saphakathi nonyaka. USLINDILE KHANYILE uyabika

NGESONTO elizayo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala. Nakuba isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium-Term Budget Policy Statement, kungesiso esokwenza izinguquko ezitheni kodwa zikhona izinto ongoti ababheke ngamehlo abomvu ukuthi uzothini ngazo.

Ukufisa ukuvala igebe lokushoda kwamagaraji kaphethroli elokishini kwenze bavula elabo kwelinye lamalokishini amakhulu ezweni. Oyedwa uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUSHODA kwamagaraji kaphethroli emalokishini aseNingizimu Afrika ngesinye sezizathu ezenze banquma ukuqala elabo elokishini langakubo eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Uthando lwezolimo lwenze washiya phansi izifundo ze-PR waqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUKHULISWA wuninakhulu owumlimi kutshale imbewu yothando lwezolimo kuyena. Nokho kuthe ekhula wathi ukuluziba, wagxila ekwethuleni izinhlelo emsakazweni nakwithelevishini, nokwenza wanquma ukwenza izifundo ze-public relations ngemva kokukuphothula umatikuletsheni.

U-TRANSNET ukhiphe imiphumela yezimali yokuphela konyaka ophele mhla ka-31 ngoMashi 2021. Ngonyaka wezimali wango-2021 uTransnet ulahlekelwe yimali ewu-R8.4 billion, ikakhulu ngenxa yomphumela omubi weCOVID-19 nezinye izindleko ezingalindelekile emsebenzini okukhona kuzona izindleko ezingavamile zokubheka ezemvelo ezibe wuR1.2bn, imali yokucuphela izindleko zokumangalelwa ewuR3.6bn nezokukhinyabezeka eziwuR1.6bn. Ukube azibanga khona lezi zindleko, uTransnet ubuzolahlekelwa wuR3.8bn.

Likhulu ijoka elibhekene neNingizimu Afrika emhlanganweni wokuvikela imvelo, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika izoya kwiCOP26 eGlasgow (eScotland) ngesonto elizayo inezinto ezinqala eyozibeka ezithebeni. Lona kuzoba ngumcimbi owumzamo omkhulu wamazwe nosomabhizinisi bomhlaba wokulwa nokuvikela imvelo. Wonke umholi wepolitiki nebhizinisi uzofika efuna ukubona umnyakazo. Ngiyathemba ukuthi nakulabo abazobe besimele kwezamabhizinisi nakuhulumeni kuzoba esifanayo nangabo.

Usewuqweqwe lukasomabhizinisi owaqala ngokusebenza esitolo sikayisemkhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ABAHOLI bezinkampani bangesabi ukuvulela izisebenzi isifuba futhi baveze obala yonke into uma kusuke kunezinselelo ngoba isikhathi esiningi yiyona ndlela yokuthi bathole amaqhinga amasha. Loku kuyasiza nangokuthi izisebenzi zibathembe futhi zisebenzisane nabo ekutholeni izixazululo zenkinga esuke ikhona ngaleso sikhathi.

Nakuba besatabalasa kodwa kuntwela ezansi kosomabhizinisi abesembonini yezokuvakasha ngenxa yokuxhaswa. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUKHULA engenalo ikhaya kahle njengoba babehlala emjondolo kwamenza waba nesifiso sokuthi ngelinye ilanga abe nekhaya lakhe elicacile, angaziqhenya ngalo. Nokho ngokuhamba kwesikhathi lesi sifiso sivuse nentshisekelo yokusungula ibhizinisi lezakhiwo.

Basungule ibhizinisi elenza impilo ibe lula ebantwini baselokishini. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

BANGABANYE babantu okuthe ngokubheduka kweCOVID-19 babona intuba yebhizinisi elisha. Njengoba lesi sifo sivalele abantu emakhaya, bona baqhamuke nesisombululo sokusiza osomabhizinisi abenezitolo zokudla emalokishini ukuthi bangawi ngokusungula iMashesha Deliveries.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSindiswa ‘uLady Afrika’ Zulu, umbhali nembongi yezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani ehlela imicimbi i-Afrikazania Ink. Unencwadi yeqoqo lezinkondlo esihloko sithi Mayine

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngihlale kakhulu nobaba ngikhula. Imali waqala engipha njalo ekuseni uma ngiya esikoleni. Ngangiphatha uR1.50 nomphako. Ngokuqhubeka kwesikhathi wangibuza ukuthi kunganjani ngidle isihlanu, ngibeke ishumi zonke izinsuku, ngavuma. Leyo mali yayihlala esikoqokoqweni esasinengidi evulwa wuye. (Wagcina) esenginika imali yesonto lonke, ethi kumele ngifunde ukudla ngizibekele kungashayi uLwesihlanu ngingasenamali.

UWUHLONIPHILE UMTHETHO

OBEYINHLOKO yamaJaji uJaji Mogoeng Mogoeng uthathe umhlalaphansi kuleli sonto ngenxa yokuthi ibisiphelile iminyaka eyishumi ephethe lesi sikhundla. UJaji uMogoeng ugcina nje ubesevele enezinyanga esekhefini. Wanqaba ukuxolisa ngakusho mayelana nempi esineminyaka … Read More

Kwezemfundo ukhona, kwezomculo nangu, kwezamasiko nezobugugu wuye, kwezamabhizinisi ukhona nakwezikamoya ukhona. Lo makadebona ulandise uLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

UMCULO. Kuko konke akwenzile umculo uyinsika. Namuhla uyayikazela ngamajazi emfundo njengoba eneziqu zobudokotela ezine. Kumanje usekhathule indima enkulu kwezinye iziqu zobudokotela.

Kuleli sonto eligqugquzela ukuhlelwa kwemali uSLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti abakucebisa ngokwenza loku kahle

NGOMSOMBULUKO izisebenzi zenye yezimboni ezinkulu eNingizimu Afrika, imboni yokusansimbi, ziqale isiteleka ngoba zifuna ukunyuselwa amaholo ngo-8% ekubeni umqashi ubeke etafuleni u-4.4% kulo nyaka. Amalungu iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) athe azoteleka umqashi aze agobe uphondo njengoba ethe ngonyaka odlule azwelana naye ngesikhathi kungasebenzeki ngenxa yeCOVID-19.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page