Kuhle ukwanda kosomabhizinisi kwipolitiki, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithanda sibheke umkhuba omuhle esiwubona uvama kwipolitiki – ukwanda kosomabhizinisi abangena kulo mkhakha.

Cishe usomabhizinisi okugqame kakhulu ukungena kwakhe kwipolitiki ngowayengumengameli waseMelika uMnu uDonald Trump, owahlula uNkk uHillary Clinton.

Abanye bosomabhizinisi abaziwayo phesheya abakade bangena kwipolitiki ngoMnu uSilvio Berlusconi, owayengundunankulu wase-Italy, noMnu uMichael Bloomberg, owayeyiMeya yaseNew York.

Nalapha eNingizimu Afrika sibonile owasungula inkampani yokucwala izinwele iBlack Like Me uMnu uHerman Mashaba engena kwipolitiki, waba yimeya yaseGoli efike kwezwakala. Okwacaca yindlela ayenza ngayo ekuholeni kwakhe wayehola njengosomabhizinisi kwanezinto azibuyisela emgqeni.

Ngesonto eledlule singazelele sibone nomunye usomabhizinisi oqavile ezweni uMnu uSandile Zungu, owusihlalo weZico, inkampani ehweba ezimbonini eziningi, UZungu nongumnikazi weqembu lebhola AmaZulu, uthe ufisa ukuphonsa itshe esivivaneni kwipolitiki ngokungenela umbango wokuba wusihlalo we-ANC KwaZulu-Natali.  

Lesi senzo sikaZungu ngisishayele ihlombe impela ngoba uma ubheka sengathi  osopolitiki sebephelelwe amaqhinga. Abasazi ukuthi bazoliyisa kanjani leli zwe phambili. Ubuholi bezwe sebudinga abantu abanobuchule namava kwezamabhizinisi, ezomnotho nabantu esingabethemba ngoba bakhombisile ukuthi bangabaholi abaqotho kwezamabhizinisi.

Sesiphelile isikhathi sosopolitiki abasebenzisa ukuthi bona babeyizishoshovu zomzabalazo zaleli lizwe ngeminyaka yobandlululo nokulwa namabhunu. Sesiphelile isikhathi sokuthi osopolitiki basebenzise izimendlela zabo zokuboshwa beboshelwa ezombusazwe ukuthi bona babeseqhulwini uma kukhulunywa ngabaholi esingabethemba ekuholeni leli lizwe liye phambili.

Manje yisikhathi sabaholi abacabanga bangabheki ipolitiki kuphela kodwa abanobuchule uma kuziwa kwezomnotho wezwe nowezwekazi.

Uma kungenjalo kusho ukuthi ngeke siye ndawo njengezwe uma siyoloku savumela ukuholwa ngosopolitiki onhliziyo zabo zibomvu kanti futhi zilandelana nebhodwe eliconsayo.

Sekucacele noma wubani ukuthi asinabaholi sizihlalele. Nesicabanga ukuthi uwumholi oqotho usebenzela abantu, lutho naye usebenzela emsamo wakhe nezingane zakhe.

Angazi yini eyenza osopolitiki bacabange ukuthi ukuhola isifundazwe, omasipala, imikhandlu akudingi ukuthi ufunde futhi ube namava athile kulo womkhakha ofuna ukuhola kuwona. Ngihlale ngizibuza ukuthi kazi lo mlingo ongaka wolwazi abanawo bawuthatha kuphi uma obengungqongqoshe womunye umnyango esuswa esikhundleni efakwa kwesokuba wungqongqoshe womunye, usuke eseluthathaphi ulwazi olungaka nobuchule kwezezimali?

Thina pho esiqeda iminyaka siqoqa ulwazi lomkhakha esisuke sikuwona noma esifuna ukungena kuyona kudlalelwani ngathi uma kuwukuthi uma uwumholi kwezepolitiki awudingi ziqu kulowo mkhakha? Yebo, ngiyazi ukuthi basebenza nongoti abayifundele le mikhakha kodwa kumqoka nokuthi owengamele umnyango noma umasipala abe nolwazi lwakwengamele.

Angisayiphathi-ke eyabantu osekufanele ngabe kudala baya empeshenini kodwa basematasatasa babanga izikhundla iminyaka yabo seyadlula kudala kwewu-65. Bahluke ngani kunathi esicelwa ukuthi sithathe umhlalaphansi uma sesifike ku-60?

Kunesizathu sokuthi uma sesigugile sithathe umhlalaphansi. Loku kuhambisana nesayensi. Umqondo wethu singabantu usuke ungasagijimi njengoba sasisebancane sisavutha bhe ngemicabango futhi kunobungozi bokuthi siyoloku sadla ngoludala noma isikhathi sesishintshile.

Okokugcina, angisiboni isidingo sokuthi amakhehla nezalukazi kungaba yibona abaklama umhlahlandlela weminyaka benzelele abantu abasebancane bona bebe sebesondela egodini. Kudlalwa ngathi.

Sengivala, ngibongela uZungu ngesinqumo asithathile. Ngifisa kumhambele kahle, afike neso elisha kwipolitiki namava okuba wusomabhizinisi.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page