Bangenisile abesifazane emikhakheni engejwayelekile nakwemidala, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke abesifazane abenza izinto zenzeke emikhakheni abakuyona. Kuhle esikubonayo ngoba kusho ukuthi abantu besifazane sebengene shi emabhizinisini.
Ngesonto elidlule ngikhangise ngamabhizinisi abantu besifazane abenza kahle kakhulu emakhasini ami ezinkundla zokuxhumana. Kube kuhle ukubona isasasa kubantu abaningi uma bebona lezi zikhangiso ngamabhizinisi abesifazane.
Ngizoqala ngoNks uJabu Gwala, umsunguli weSiko Republik, inkampani yezimpahla zokuzivocavoca esiyaziwa eNingizimu Afrika nasemazweni aphesheya, ikakhulukazi ngezimpahla zabesifazane. Isibe yingxenye yokugqokisa abangenele uMiss South Africa iminyaka emine ilandelana kanti kulo nyaka ingenye yezigqokisa abe-Big Brother South Africa. Isanda kuqokwa njengezogqokisa abadlali beCosafa Games nezogqokisa iBanyana Banyana ezoshutha izithombe ezintsha maduze.
Ngilandelise ngoNks uBusi Gumede, oqhamuke nomkhiqizo omusha wamasi anempilo athakwe nge-kefir, isithako esesisize abantu abaningi abanenkinga yezilonda esiswini noma abanezisu ezingagayi kahle ukudla. Umkhiqizo wakhe ususatshalaliswa kwaCheckers ngegama lenkampani yakhe iGoodlife Foods. Bambalwa abesifazane abasendimeni yemikhiqizo yobisi, amasi ne-yoghurt.
Kukhona noNkk uLindiwe Mngadi, intokazi esungule amabhodwe okupheka ohlobo oluphambili Ukhamba Cookware. Ishisa izikhotha impela ngamabhodwe ayo angaconsi phansi kwabathanda ukupheka ukudla okuconsisa amathe. Uma esho uthi ubone isikhala njengoba abantu manje bethanda ukusebenzisa amabhodwe kanokusho uma bepheka. Ngenxa yokuthi abanye abakwazi ukukhipha izimali ezishisiwe ukuthenga lolu hlobo lwamabhodwe uthe yena uzoza nohlobo lwamabhodwe esimanje kodwa agqize ngemibala yobu-Afrika asuselwe ebhodweni lesiZulu, ugalaza.
Owokugcina wuNks uSibu Kraai waseMgungundlovu wendawo ephambili yokukwenza zinwele nokucwala izinzipho iPlatinum Glow Hair and Nail Salon. Inegatsha lesibili eMusgrave, eThekwini. Kule ndawo kubhucabhucwa umzimba.
Kuyathokozisa ukubona abantu besifazane besungula amabhizinisi amakhulu anesasasa kangaka okuyothi noma bengasekho kodwa asale abe wumlando nasezizukulwaneni ezizayo.
Kuhle futhi ukubona singabantu abamnyama sesiqala ukuzenzela izinto zethu. Yiyona ndlela esizokwazi ukubuyisa umnotho ezandleni zethu ngayo.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
