Siyadingeka isibonelelo sokubhekelela abangasebenzi, inqobo nje uma singeke siwise umnotho, kuloba uBusi Mavuso

NGOLWESIHLANU iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBUSA) bethule umbiko obuphenya ngezindlela zokuxhasa isibonelelo esingatholwa yiwo wonke umuntu ongasebenzi, i-Basic Income Grant.

Baningi asebephakamise ukuthi kwethulwe lesi sibonelelo, imvamisa bathi kufanele sikhokhwe njalo ngenyanga. 

Lesi siphakamiso yinto ekitaza izindlebe zabaningi kodwa singahle sisilimaze. Ngenxa yokubaluleka kwalolu daba, sicele abacwaningi base-Intellidex bacwaninge ukuthi lesi sibonelelo singakhokhelwa kanjani. Umsebenzi wabo uveza ukuthi kunezindlela ezintathu: ukunciphisa izindleko, ukuboleka enye imali noma ukukhuphula intela. 

Ningabafundi bale ngosi niyazi ukuthi iBLSA izibophezele ekutholeni izindlela zokunciphisa ububha ezweni lethu. Kepha noma ngabe yiziphi izindlela esizisetshenziswayo kumele kube ngesizokwazi ukuzimela futhi ezingeke zisidalele izinkinga ezizoba ngaphezu kwenkinga esizama ukuyixazulula.

Sekuneminyaka osomabhizinisi bezibophezele ekusebenzisaneni nezinhlaka zomphakathi ezifana neNedlac nezinye ukuguqula ezenhlalakahle nokuhlinzeka ezempilo kodwa kufanele sibheke ukuthi singakwazi yini ukumelana nalezi zinguquko.

Akusisizi ukwamukela izinguquko ezizophazamisa izimali zikahulumeni nomnotho futhi zisiholele ekutheni siwele ezandleni zabantu esibakweletayo, nokungasidalela izinkinga.

Emva kwalo mbiko, iBUSA isibuyekeze umbono wayo ngalesi sibonelelo. Iyavuma ukuthi isibonelelo esifana nalesi esiphakanyiswayo siyakwazi ukuphucula inhlakalakahle yabasitholayo kodwa uma ikhona imali yokusikhokhela, singeke silimaze imali kahulumeni futhi kungeke kuphazamiseke ukukhula komnotho nezinhlelo zokudala amathuba omsebenzi. Ngisho kungathiwa yisibonelelo semali engatheni njengoR600 ngenyanga, loko kungadinga uR300 billion, nokuyimali enganyuka ngokuqhubeka kwesikhathi.

Ayikho indlela yokuqhamuka nemali enkulu kangako ngaphandle kokuphazamisa umnotho nokuthatha izinsiza kwezinye izindawo ezifana nezempilo, ezemfundo, imali ekukhuthazwa ngayo izinkampani ukuthi zidale amathuba omsebenzi nezibonelelo ezivele zikhona.

Lo mbiko uthi mancane amathuba okuthi ukukhuphula intela kungathela izithelo ngenxa yendlela abantu abenza ngayo uma kunyuswe intela – labo abathintekayo bavame ukushintsha indlela abenza ngayo izinto noma bathuthele kwamanye amazwe ukuze baziphungulele ijoka lentela.

Impela kumanje ubufakazi buveza ukuthi ukukhushulwa kwentela okusanda kwenzeka akuyandisanga imali engeniswe wuhulumeni ngenxa yokuthi abantu bashintsha indlela abenza ngayo.

INingizimu Afrika ivele ibalwa namazwe akhokhisa abantu nezinkampani intela ephezulu uma kuqhathaniswa nenqwaba yamazwe asathuthuka nasethuthukile.

Sisanda kunciphisa isikweletu sikahulumeni nakuba sisasikhulu. Loku sekusizile ukuthi uma siboleka sithole inzalo engalumi kakhulu kodwa ukuyobolekela ukukhokhela lesi sibonelelo esiphakanyiswayo kungakushintsha lokhu.

Nakuba isimo sabantu abantulayo eNingizimu Afrika sisibi impela futhi sidinga ukushintshwa masinyane kodwa ukuphazamisa umnotho akusona isisombululo. Empeleni, okufanele kwenziwe wukugxila ekukhuliseni umnotho. Umnotho okhulayo uzokwakha amathuba emisebenzi futhi unciphise ububha, ungenise intela ezoya esikhwameni sikahulumeni bese ukwazi ukukhokhela izidingo zezenhlalakahle ezimqoka.

Sesike sakwenza phambilini. Eminyakeni eyandulela u-2008, umnotho wakhula ngamandla, nokwenza kwandiswe imali eyasetshenziselwa ezenhlalakahle kwasungulwa uhlelo lwezibonelelo olungelinye lwalezo ezinkulu kunazo zonke emhlabeni. Wukukhula komnotho okwenza ukuthi kwenzeke loko, kwaphucula isimo semali sikahulumeni futhi kwanciphisa nenye intela.

Leyo kwakuyiyona ndlela efanele yokukhulisa ezenhlalakahle. Manje sinomnotho ontekenteke njengoba umnotho ukhula ngaphansi kwendlela isibalo sabantu esikhula ngayo. Sonke kumele sigxile ezinguqukweni ezizokhulisa umnotho.

Isinqumo seBhange loMbuso sokuqala linyuse imalimboleko kusukela ngonyaka odlule sisizile ukubamba amanani ezimpahla uma kuqhathaniswa namanye amazwe. Kukhona abakhohlwa wukuthi amazwe angaxhasa izidingo zezwe ngokugaya imali eningi. Kepha uma iNingzimu Afrika ingaqala igaye imali eningi, irandi lingawa futhi amanani ezimpahla aqonge.

INingizimu Afrika ibalwa namazwe awu-31 asengozini yokuthi “aqede ukuhlalisana kahle kwabantu” embikweni weWorld Economic Forum wango-2022 i-Global Risks kodwa izinhlangano zamabhizinisi zikholwa wukuthi le ngozi yinto enganqandeka.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page