Asizame ukukwehlisa izinga lempilo esiyiphilayo futhi sibheke namathuba amasha, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yezinga lempilo esiyiphilayo singabantu baseNingizimu Afrika.
Indlela izinto ezenzeka ngayo iyaphoqa ukuthi sibhekesise indlela esiphila ngayo. Indlela isimo somnotho esitsheke ngayo nesisicindezela ngayo kusobala ukuthi sonke kufanele sibheke ukuthi yini esingayibeka eceleni noma siyisuse ukuze siphile kangcono.
Kukhona abasabambelele ekutheni bazoqhubeka baphile ngendlela ebebephila ngayo noma isimo somnotho singasavumi. Ukunyuka kukaphethroli sekufakele wonke umuntu ingcindezi, hhayi amabhizinisi kuphela. Nabathengi banengcindezi enkulu.
Ngabe kusho ukuthini loku? Kusho ukuthi nabathengi sebezithola sebesenkingeni yokuthi kufanele baqaphele ukuthi imali bayisebenzisa kuphi futhi kanjani. Akusezukuba lula ukuthi abathengi bangene esitolo bagcwalise inqola ngezimpahla ngengakuqala.
Abanye sebeqalile bathenga izinto abazifuna emasekenini. Uma ubheka, leyo makethe ikhula ngesivinini njengoba kwanda izitolo ezidayisa izimpahla esezike zasetshenziswa.
Loku kusho ukuthi sizobona nemboni yokudayisa izimoto ezintsha iloku incipha ngenxa yokuthi abanye abantu bazoqala ukungena ezinkingeni zokuthi abasakwazi ukuthenga ngesikweletu. Njengoba sibone ezinye izimboni zivala, sizobona nemboni yokuthenga nokusabalalisa kwezinto nayo incipha.
Kusho ukuthini loku kuwena somabhizinisi nawe mthengi? Kusho ukuthi nawe kufanele ubheke ukuthi yini ongayenza ukuze uphile kangcono. Kungasho mhlawumbe ukuthi kufanele uthathe izinqumo ezinzima njengokudayisa enye yezimoto zakho ezinkulu ukuze uthenge imoto encane engeke ibhubhudle uphethroli. Mhlawumbe ukudayisa noma ukuqashisa ngendlu yakho ukuze ukwazi ukuphila kangcono noma ukushintsha izikole zezingane zakho uzifake kwezibiza kangcono kunalezi ezikuzona.
Loku kuhle ukukwenza isikhathi sisavuma, hhayi uma ususenkingeni ngoba kuyoba lukhuni ukuphuma kulolo taku uma ungene shi. Akubonakali isimo somnotho sizoshintsha maduzane, kunaloko kubonakala ukuthi kungathi ungakapheli unyaka ilitha likaphethroli libe selibiza uR30. Angazi noma yimina kuphela yini enginaka ukuthi ngisho uphethroli kaR200 awusathi shu, sekufana nokuthela iconsi likaR50 nje. Kuvele kunganyakazi ngisho uthi lwegeji.
Ngike ngabhala ngokuthi kuyoba kuhle amabhizinisi amaningi abhekisise ukuthi angenza kanjani ukuthi asuke ekusebenzeleni emahhovisi asebenzele emakhaya ngoba ukusebenzela emahhovisi kunezindleko eziningi, enye yazo wukuya nokubuya emsebenzini ngemoto kufakwa uphethroli. Kwabaphatha ukudla kwasemini nako kunezindleko zakhona; ngoba njalo ngosuku kufanele kube nemali okungenani engangoR30 yokuthenga. Loko okwenza uR150 ngeviki kube wuR600 ngenyanga. Leyo yimali eningi kwabanye abantu engathenga ukudla kwenyanga.
Nendaba kagesi ayizibekile phansi njengoba nayo yenza kube lukhuni ukuba nebhizinisi eNingizimu Afrika. Ukuhamba kukagesi sekubulale inqwaba yamabhizinisi. Loku kusho ukuthi uma ibhizinisi lakho lincike ekusebenziseni ugesi ngaso sonke isikhathi, uba senkingeni uma ugesi ungekho, kufanele uvale.
Ngiyazi ukuthi abanye bayazithanda izinto ezisezingeni eliphezulu ezibizayo kodwa lesi sikhathi sidinga ukuthi sibhekisise izinto esizithengayo. Ngithuke ngacishe ngawa phansi uma nginaka ukuthi isinkwa sesibiza uR18, maduze nje sizobe sithenga isinkwa ngoR20 kuya phezulu.
Njengoba ngihlale ngisho ukuthi nasenxushunxushwini kuhlale kukhona ithuba lokwenza imali. Kungenzeka ukuthi mhlawumbe nawe elakho lelithuba wukuthi uziqalele ibhikawozi lezinkwa ngakini ngoba isinkwa yinto edliwa yonke imihla. Uthi uma ususenzile usenze singabizi kakhulu ukuze uthole abantu abaningi abazobuya bezothenga ngenxa yenani elihlula amanye.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
