Kusaqhutshekwa nokukhohlisa osomabhizinisi abamnyama, kuloba uNtokozo Biyela

KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yomgomo ye-ANC ebingesonto elidlule. Cha, asihlaziyi ezepolitiki ngoba thina siyingosi yezamabhizinisi kodwa sonke siyazi ukuthi ezepolitiki zinomphumela ongakanani emabhizinisini. 

Uma ulalele kahle uzobona ukuthi akukho okusha abakulethile kuloku kuhlangana kwabo ngaphandle kokwenza izithembiso ezindala.

Inhlangano ephethe uma ubheka isahamba ngoshuni wokuthembisa ubala. Uma ubuyela emuva uzozibuza umbuzo othi kungani kuze kube manje kungakaze kwenzeke ezinye zezinqumo inhlangano ephethe eyazithatha ngengqungquthela yango-2017? Kwakona loku ethembisa ukukwenza izokwenza kanjani phezu kwezinye futhi izethembiso ezingafezekile? Wonke umuntu uyazibonela ukuthi kudlalwa ngathi singabantu abamnyama la, ikakhulukazi osomabhizinisi abamnyama.

Okungiphatha kabi wukuthi kuyo yonke into engezinqumo ezihambisana nomnotho kuhlale kuqokwa izethenjwa ezithile zabelungu ukuthi zibe yingxenye yokwenza imigomo ezocindezela thina futhi abantu abamnyama. NangeBBBEE nakhona kwakuyiso leso abelungu babeyingxenye yokwenza lowo mgomo osekubonakala ukuthi awusisizi ngalutho ngoba naku namhlanje abelungu basanqwahe namabhizinisi noma izimboni esifuna ukungena kuzona. Akukho lapho bengagwevile khona. 

Okubuhlungu kakhulu wukuthi izabelo okumele ngabe ziya eningini labantu abamnyama ziqhoqhotshelwe ngamanye amalungu aphezulu enhlangano ephethe nemindeni yawo. Kanti umuntu omnyama uyophelela kuphi uma kuwukuthi ushaywa ngapha nangapha? Abe asathe uzama ukungqongqoza kubelungu, bamchayise; aye kubantu abamnyama, nabo babe wogombela kwesabo?

Kudala indaba yokukhokhela osomabhizinisi abamnyama ngesikhathi yayikhulunywa. Kuze kube manje osomabhizinisi abamnyama basasokola ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi. Kubuye kubhekwe indaba yengxenye yemisebenzi okumele itholwe wosomabhizinisi abamnyama nentsha kodwa nalapho kusaxhugelwa akuyiwa ndawo. 

Okunye okubi kakhulu, osekuyisihlava esicindezela abantu abamnyama, ngamaqembuqembu azibiza ngosomabhizinisi agcwele zonke izifunda ahambe efuna ngenkani eminye imisebenzi etholwa ngosomabhizinisi abamnyama. Uma benganikwa umsebenzi, benza isiqiniseko sokuthi baphazamisa lowo msebenzi; kugcine kungaqhutshekwanga nawo. 

Umbuzo engihlale ngizibuza wona uthi kanti umuntu omnyama uyoze akuthole nini ukuphumula? Noma esethola ithutshana lokuveza ikhanda kuba ngabantu bakithi futhi abashaya lelo khanda esathi usavela, agcine ebuyele emuva umuntu omnyama noma iphele indaba yakhe.

Ziningi izinkinga esibhekene nazo singabantu abamnyama uma kuza ekuthuthukeni kwamabhizinisi ethu. Yingakho nje uma ngibheka ukuthi yikuphi okusha inhlangano ephethe ethembisa ukubuya nako kule ngqungquthela esanda kuba khona angiboni lutho olusha ngaphandle kwamanga amadala nje; okuzofanele siwathathe enjalo, sishaywa ngemfe iphindiwe.

Ukube kuya ngami, ngabe ngenza umnyango ozobhekana ngqo nokwenza isiqiniseko sokuthi yonke imisebenzi eyenziwa uhulumeni ingxenye ewu-40% yawo itholwa ngabantu abamnyama, intsha nabesifazane abamnyama. 

Uma sizoqhubeka nokukhohlisana kusho ukuthi ngeke siye ndawo singosomabhizinisi abamnyama.

Nanku umbuzo enginawo sengivala. Bangaki osomabhizinisi abamnyama abancane okwake kwakhulunywa nabo ukuthola ukuthi yini abayifisayo ngaphambi kwengqungquthela yomgomo? Luthini lona uvo losomabhizinisi abancane abamnyama ngezingqinamba abahlangabezana nazo ekuzameni ukwakha amabhizinisi abo eNingizimu Afrika?

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page