Qaphela izinqumo ozithatha ebhizinisini futhi ugweme izindlela ezinqamulelayo, kuloba uNtokozo Biyela

SIQALE isonto ngezindaba ezithi owayeyisikhulu esiphezulu eTransnet uMnu uBrian Molefe nowayewumphathi wezimali uMnu u-Anoj Singh bavele eNkantolo yamaCala aBucayi ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa izigidi zamarandi ngesikhathi le nkampani kahulumeni ithenga izitimela.

Bakhona nabanye ababoshiwe ngaleli cala. Bakhishwe ngebheyili kaR50 000 umuntu emunye. Uma ubheka la macala namanye avuka emva kweminyaka zaqala ukuba khona izinsolo zokuthi kukhona okushaya amanzi eTransnet. Akumangazi okwenzekayo ngoba siyazi sonke isisho sesiZulu siyasho sithi zibhajwa kweziwudlayo.

Ngakho-ke okwenzeka manje besekuyisikhathi sokuthi ababayingxenye yako babhekane nezenzo zabo. Okubuhlungu-ke wukuthi ezimweni ezifana nalezi siye sibone sekuvela namagama ezinkampani zosomabhizinisi abaningi abazithola sebegaxela kuloku kukhwabanisa. Siyazi-ke sonke ukuthi kuthiwa “uthando lwemali yimpande yesono”. Osomabhizinisi abaningi abazithola sebekule nkinga yokubhecwa ngazo zonke izinto ezingezinhle uma kuziwa emabhizinisini olunomhobholo wokufuna yonke into.

Uye ubone ukuthi empeleni akukona ukuthi lowo somabhizinisi usuke engenayo nhlobo imali, isuke iningi kodwa ngoba unenhliziyo engaphandle uthanda ukulandela ibhodwe eliconsayo. Lowo somabhizinisi wenza noma yini ukuphula imithetho yokuhweba ngendlela efanele ukuze athole ingxenye yanoma yimuphi umsebenzi okusuke kuhloswe ukutapa imali ngayo.

Engiye ngikuqaphele wukuthi ngalesi sikhathi osomabhizinisi benza izenzo zokukhwabanisa imali kunoma iyiphi inkampani ezimele noma ekahulumeni basuke bengakunaki ukuthi lapho bethinta khona kusala iminwe yabo, ngakho-ke ngisho bangahamba ibanga elide baphumelele kodwa bazogcina bebanjiwe ngoba ingalo yomthetho yinde.

Kuyadabukisa ukubabona sekungathi bayasukelwa uma sebeqoqwa oKlebe sekufanele bachaze ngeqhaza labo. Ungaze ufunge ukuthi kusukelwa izingelosi uqobo lwazo kanti lutho iningi labo yimigulukudu eyayazi kahle ukuthi yenzani. Ngakho-ke singosomabhizinisi kumele siqaphela ukuthi hlobo luni lwezivumelwano esingena kuzona. Kuhle ukuthi ngaphambi kokwenza noma yini enegama lakho noma igama lenkampani yakho uqale ululekwe, mhlawumbe wumeluleki wakho omthembayo, mayelana nezamabhizinisi noma wummeli owungoti kwezamabhizinisi.

Loku kuyasiza ungazitholi usugaxela ezenzweni zokukhwabanisa. Ebhizinisini isithunzi sakho nesebhizinisi lakho sibalulekile. Ngingakuqinisekisa ukuthi uma kuke kwenzeka wavela kwabezindaba mayelana nezinsolo ezithile zokukhwabanisa, impilo yakho kwezamabhizinisi isuke isiphelile. Kuyobe sekuwukuqala kolulwa impi yokuthi kufanele uloku uzichaza kuwo wonke umuntu ozama ukusebenza naye ngoba akekho umuntu ozobe esekwethemba futhi efuna ukuzihlanganisa nawe.  

Uthi noma uqhubeka nempilo kodwa uhlale ulengelwa yifu lokuba wumsolwa. Ngisho ngabe ngelinye ilanga kuyatholakala ukuthi umsulwa kodwa umonakalo uyobe sewenzekile. Kuyoba nzima ukugeza igama lakho. Ngakho somabhizinisi qaphela ukuthi wena uzibandakanya nobani noma hlobo luni lwezinto uma wenza ibhizinisi ngoba kungenzeka uzibandakanye nabantu abayokusebenzisa kuthi emva kwaloko bagxume bagelekeqeke uma izinto sezibheda kube sengathi abakwazi, kusale wena wedwa enkingeni.

Asizifundise ukungajahi izinto ezisheshayo, siwakhe amabhisinisi ethu kahle nje ngaphandle kokuba nomhobholo nokulandela ibhodwe eliconsayo. Sigade singazitholi sijabula okwesikhashana kodwa isikhathi eside sisiphile sikhala.

Asizifundise futhi ukuthola izeluleko kwabanamava ekuphatheni amabhizinisi ukuze sihlale senza izinto ngendlela okuyiyona. Khumbula ukuthi noma yiliphi ibhizinisi olenzayo, enye inhloso yalo wukuthi ukwazi ukushiya okuthile nomlando omuhle ezizukulwaneni ezizayo.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page