Izonyuka imizamo yokulwa nobugebengu ngenxa yesivumelwano sethu nophiko lwezokushushisa, kuloba uBusi Mavuso

SENGIKE ngabhala phambilini ukuthi elinye lamasu aseqhulwini kwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukweseka ukuvuselela ezobulungisa.
Kuyangithokozisa ukuthi ngesonto elidlule sithathe igxathu eliya phambili ekwenzeni loku ngokusayina isivumelwano noPhiko leZwe lonke lokuShushisa iNational Prosecuting Authority (iNPA) ukuze sikwazi ukulweseka ngamakhono obuchwepheshe oluwadingayo ukuze lushushise ngempumelelo. Ngiyishayela izandla intshisekelo yeNPA yokusukuma yenze imizamo emisha ukuze iqinisekise ukuthi inezinsiza ezidingayo ukuze kube nobulungisa.
I-NPA isheshisa imizamo yayo yokuphendula iKhomishina kaZondo, izodinga amakhono akhethekile ukubhekana namacala enkohlakalo abucayi njengabaphenyi bamabhuku nabantu abakwazi ukuhlaziya imininingwane.
Nakuba inyukile imali exhaswa ngayo iNPA kodwa kuthatha isikhathi ukuqasha nokuqeqesha ochwepheshe abanala makhono adingekayo, ekubeni izinkampani ezizimele zinazo izinsiza zokwenza uphenyo olunzima nabameli abangahlanganisa ubufakazi bokweseka ukushushisa ngempumelelo.
Lawa ngamakhono angandile angahlanganiswa yizinkampani ezizimele ngokushesha ngenkathi iNPA iqhubeka nokukhulisa awayo. I-NPA kumele ikwazi ukubhekana namacala afaka ubugebengu obuthinta amanye amazwe, okujwayele ukuhambisana nobufakazi obuthinta ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu obudingekayo ukuze kuhlaziywe ngaphambi kokwethulwa enkantolo.
Kubalulekile ukuthi iNPA isebenze ngokuzimela, ingalawulwa ngabantu abangaphandle kwayo ngendlela engafanele. Lesi sivumelwano siyakuvikela loku ngokuqinisekisa ukuthi noma yiziphi izicelo zokwesekwa ziqhamuka kwiNPA. I-BLSA izibophezele ekufuneni ongoti abadingekayo kodwa labo bantu bazobika ngqo kwiNPA futhi kuzofanele balandele yonke imigudu yomthetho efanele.
Siyasibona futhi nesidingo sokudlulisela amakhono kubasebenzi beNPA. Lesi sivumelwano sisinika amandla okuthi sihlanganise abantu abafanele ezinkampanini ezizimele ukuze besebenzele iNPA, baphenye futhi baqoqe ubufakazi ukuze kushushiswe izigebengu ngendlela efanele.
Lesi sivumelwano sithathe isikhathi, ngakho ngoba bekufanele kuqinisekiswe ukuthi siyahambisana nezinga eliphezulu lokuzimela nesithunzi seNPA.
Inhloso yeBLSA icacile – seseka ukusebenza komthetho. Kade kwasa sikwenza loku ngophiko lwethu iBusiness Against Crime, manje sesiyayandisa le mizamo yokweseka iNPA.
Kubalulekile ukusebenza komthetho ukuze umnotho usimame. Ukugwamanda amandla ombuso kwehlisa isithunzi sezobulungisa, namhlanje kumqoka ukuthi zonke izinhlaka zibambe iqhaza ekulungiseni lokhu. Osomabhizinisi bazibophezele ekubambeni iqhaza labo – ekugcineni sifuna ezobulungisa ezizokwazi ukushushisa ngempumelelo abaphula imithetho yethu. Loko kwakha ukwethembana, kunike nomnotho amandla. Sidinga ukuthi izinkontileka zisetshenziswe, kujeziswe abenza ubugebengu kuvikelwe izakhiwo nezimpahla.
Siyazibona nezinselelo ezikhona njengoba sisengozini yokufakwa yiFinancial Action Task Force kwi-grey list (uhlu okufakwa kulo amazwe asolwa ngokweseka abashushumbisa imali yezenzo zobushokobezi) ngenxa yokuhluleka wukushushisa abathinteka ebugebengwini bokuhweba nokushushumbisa imali.
Siyathemba ukweseka kwethu iNPA kuzoba nesandla emizamweni yezwe yokulungisa loku ukuze sigweme ukwehla kwesithunzi seNingizimu Afrika njengoba saziwa ukuthi siyizwe eliyihloniphayo imithetho elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zokushokobezi.
Ngijabule kakhulu ngokuthi sigcine sifinyelele lapha, ngikulindele ngabomvu ukusebenzisana neNPA, nokubona amalungu ethu eseka ngokushesha le mizamo ekuphenduleni izicelo. Ngiyakholwa wukuthi loku kuzohlinzeka ngezinsiza ezibalulekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi ekugcineni umthetho uyasebenza, osomabhizinisi nabathengi bakwazi ukuthemba ukuthi iNingizimu Afrika yindawo ephephile ongasebenza futhi uphile kuyona.
Umbuso wentando yabantu eNingizimu Afrika waqala kahle uthembisa ikusasa elinomnotho ongcono. Kepha inkohlakalo eyabhebhezelwa wukuqasha abantu ngokwezinhlangano yaqala ukwanda njengoba izikhulu zikahulumeni zagxila ekuzicebiseni zona.
Namhlanje umonakalo womnotho odalwe ukungaphathwa kahle kwezwe uyathusa kakhulu kangangokuthi amathuba okuthi iqembu eliphethe izwe liphinde liwine okhethweni ayancipha, nosekwenza lifune ukwenza izinto ezingalungile kodwa ezizojabulisa iningi. Uhulumeni usibeke endaweni lapho zingekho khona izisombululo ezilula.
Amabhizinisi asolwa ngokungabi nandaba nosizi lwabampofu ngenxa yombiko esiwukhiphile mayelana nemiphumela yesibonelelo sabangasasebenzi iBasic Income Grant.
Miningi imizamo eyenziwa ngamabhizinisi ukulwa nobubha ngezinhlelo zokunikela emphakathini, phecelezi i-corporate social investment, intela nokweseka amabhizinisi abantu abamnyama.
Amabhizinisi aphakamisa ukuthi kube nemigomo ezolekelela abampofu ngaphandle kokuthi iNingizimu Afrika ibishe ezikweletini ngaphezu kwaloku ebishe khona manje.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
