Asiphathe amabhizinisi ngendlela eqotho, kuloba uNtokozo Biyela

KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yokuba qotho ekwenzeni izinto ebhizinisini.  Ngisuswa yisivunguvungu esibhokile ezweni. UMengameli uCyril Ramaphosa umbuleke izinqe ngento eyenzeka ngo-2020 abezama ukuyifihla.

Kuyabonakala ukuthi imizamo yakhe inhlanga zimuka nomoya. Kubonakala sengathi into uRamaphosa ayeyisho ngaphambi kokuqokwa kwakungamampunge wodwa; wayezama ukusijabulisa ukuze simthembe.

Cha, angikhulumi ngepolitiki lapha, ungaze ucabange ukuthi ngiyaduka. Ngale kokuba wusopolitiki, umengameli uyaziwa nangokuba wusomabhizinisi. Namanje uzisholo yena ukuthi yena uwumlimi odayisa izilwane nokungakho insavunsavu yemali eyatholakala epulazini lakhe yayingathusi ngoba kwakuyimali ayehweba ngayo uma bedayiselana izilwane. Nokho kubonakala sengathi kukhona imithetho yokugcinwa kwemali ayiphulile umengameli.

Kukangaki osomabhizinisi owawuthi uma ubabona ufise ukuba yibona kodwa kuthi emva kweminyaka ubabone sebevela emaphepheni ohlwini lwabantu okusolakala ukuthi kwezinye izikhathi abahambisanga izinto ngendlela ekwenzeni izinto zebhizinisi? Akufanele ubuke ngeso lokufisa kanti awazi ukuthi into oyifisayo yatholakala kanjani.

Kuhle ukuba wumuntu owenza izinto zakho ngobuqotho ngoba loko kuyokwenza ukuthi nangelinye ilanga ungazitholi usuthinteka ezinkulumweni obekungafanele ubandakanyeke kuzona noma uzithole usuyingxenye yohlu lwabantu abasolwa ngokukhwabanisa.

Isenzo sikamengameli simbeke engcupheni. Siyazi ukuthi uwusopolitiki kodwa loku okwenzekile kulimaza isithunzi sakhe njengosomabhizinisi oqotho. Kubalulekile ukuba qotho ebhizinisini. Kwenza ukuthi nabantu osebenza nabo bakwethembe, kuthi abantu obenzela umkhiqizo nabo bakwethembe bese kuthi nezimakethe nazo zikwethembe.

Ukungathembeki akubeki wena kuphela engcupheni kodwa nomndeni wakho, inkampani yakho ngisho nemboni osebenza kuyona imbala. Kuhle futhi ukuthi uma sifundisa izingane zethu, sizifundise ukuba qotho uma zenza izinto. Abantu abaningi abathanda ukuthatha izindlela ezinqamulelayo bagcina sebehlambalaze ngisho imindeni yabo. Kufanele singajahi inzuzo phambili kodwa singaqikeleli ukuthi leyo nzuzo siyenza kanjani.

Ngakho-ke ukuze uvikele igama lakho noma isithunzi sakho kubalulekile ukuthi uziqhelelanise nenkohlakalo ngoba uma ungenzi njalo isiZulu sithi “zibhajwa kweziwudlayo”. Ekugcineni ukungathembeki kwakho kuyogcina kuziveza obala.

Ngicabanga ukuthi umengameli wayengacabanganga ukuthi izinto zizohamba zize zifike lapho sezifike khona. Isikhathi esiningi uma ukhetha ukwenza ibhizinisi ngendlela egwegwile, ekugcineni abantu bayawabona amabatha.

Lezi zinto ebhizinisini zibizwa ngama-ethics, ama-principle nama-value. Sonke sisebenza ngaphansi kwemigomo nezimiso ezithize, ngakho-ke kuhle siyilandele leyo migomo nalezo zimiso. Uma sihluleka siyobe sizigwaza ngowethu.

I-Afrika yonkana njengoba sazi sonke ukuthi yizwekazi elicebe kangakanani kwezomnotho kodwa siyizwekazi elihlupheke kunawo wonke emhlabeni. Into esihlanganisa sonke singamazwe ase-Afrika wukukhwabanisa nokuthi abaholi bethu bayishaya indiva indaba yokwenza izinto ngendlela efanele.

Ngakho-ke kufanele sizame ngawo wonke amandla ukulwa nalesi sifo.

Kweminye imikhakha abantu benza izifungo zokuthi bayowenza umsebenzi wabo ngobuqotho neqiniso kodwa uma kuziwa ngasemabhizinisi ayikho impoqo.

IKwaZulu-Natali ivelelwe wumshophi wezikhukhula kodwa phezu kwaloko uzozwa maduze nje ukuthi kube khona isandla semfene ekusetshenzisweni kwemali obekufanele igcine iphelele kwabantulayo abahlukunyezwe yizikhukhula.

Konke loko kukhomba uhlobo losomabhizinisi esiphila nabo emphakathini asebejwayele ukuthi noma yikuphi lapho kuvela ithuba, ngisho elincane kanjani, kufanele bahlomule ngendlela engaphezu kwalena abebekade bezohlomula ngayo.

Asizameni impela ukuthi senze kangcono.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page