Asenze konke okusemandleni ukuvuselela nokweseka osomabhizinisi abancane, kuloba uBusi Mavuso

SEKUPHELE unyaka kwaba nezibhelu KwaZulu-Natali naseGauteng, ngazo okwatashwa izimpahla emabhizinisini amancane namakhulu acekelwa phansi.

Abezindaba bake basibuza ukuthi izehlakalo ezenzeka ngoJulayi odlule zawathinta kanjani amalungu ethu kodwa okungikhathaza kakhulu wumonakalo owenzeka emabhizinisini amancane.

Amabhizinisi amakhulu athinteka kakhulu nakuba enomshwalense weSasria kodwa azokwazi ukuvuka azithathe. Amabhizinisi amancane amaningi ayengenawo umshwalense noma imali ewugadingozi angavuselela amabhizinisi awo ngawo kanti nezikhukhula zengezile kulobu bunzima eKZN. Amanye ngeke aphinde asebenze, navulwa kabusha kunzima ukuthi abuyele ekwenzeni inzuzo ayeyenza zingakabi khona izibhelu.

Namabhizinisi amancane abhekene nokunyuka kwemalimboleko, amanani kaphethroli nokucinywa kukagesi. Kusobala ukuthi amabhizinisi amancane adinga ukwesekwa ngokuthe xaxa ukuze athathe indawo yawo ewafanele yokuba yizihliziyo zokukhulisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi. Usizo oluqhamuka kuhulumeni, imboni ezimele nezinhlangano ezingenzi nzuzo kuzobamqoka kuloku.  

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikholwa wukuthi amabhizinisi amancane kufanele esekwe futhi athuthukiswe. Akukhona eNingizimu Afrika kuphela lapho enesandla khona ekuqasheni abantu, ekukhuleni, ekuncintisaneni nasekuqaleni izinto ezintsha kodwa nakwamanye amazwe amakhulu kunjalo.

Ngokombiko weMcKinsey wango-2020 amabhizinisi asafufusa angaphezu kuka-98% eNingizimu Afrika kanti kubantu abaqashiwe abaphakathi kuka-50% no-60% baqashwe yiwona. Ngeshwa la mabhizinisi amancane yiwona angakwazi kakhulu ukumelana nokubheda kwezinto emnothweni ngoba anamakhasimende ambalwa nemali encane ewugadingozi.

Uhulumeni uyakubona ukubaluleka kwawo. Enkulumweni echaza isimo sezwe yakulo nyaka, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe umthetho olawula amabhizinisi neminye imthetho ethinta amabhizinisi iyabuyekezwa ukuze la mabhizinisi ancishiselwe imicikilisho. UMengameli ubonile ukuthi miningi kakhulu imicikilisho nokunzima ukumelana nayo, nevimba amabhizinisi amancane ukuthi akhule futhi asungule imisebenzi, ukuhambisana nayo, evimbela amabhizinisi amancane ukuthi akhule futhi adale namathuba omsebenzi.

Loku kuholele ekusungulweni kwethimba eHhovisi likaMengameli, neliholwa wuSihlalo weSmall Business Institute uMnu uSipho Nkosi elibhekene nokunciphisa imicikilisho eminyangweni kahulumeni.

Ngaphezu kwaloko umsebenzi womNyango wezokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane wukugxila ekuthuthukiseni nokweseka amabhizinisi amancane nemifelandawonye ngenhloso yokukhuthaza abesifazane nentsha ukuthi bangene emabhizinisini.

UmNyango wezokuHweba, iziMboni nokuNcintisana unezinhlelo eziningi zokuxhasa amabhizinisi amasha navele ekhona ngemali. KuneNational Youth Development Agency eqoqa imali yokuxhasa amabhizinisi amancane, neSmall Enterprise Finance Agency, ebheke ukukhulisa amabhizinisi amancane futhi efaka isandla ekulweni nobubha.

Uhulumeni ngeke enze wonke umsebenzi kant iBLSA nayo yenza umsebenzi omkhulu kule mboni. Sikholwa wukuthi uma imboni yamabhizinisi amancane ikhula, kunyusa amathuba emisebenzi nokwandisa abantu abakwazi ukondla imindeni yabo, kunciphise ukuthembela kuhulumeni. Loku kuzokwandisa nabantu abakhokha intela, kukhulise imali engeniswa wuhulumeni, nokuzonyusa imali okwesekwa ngayo abathembele ezibonelelweni zikahulumeni.

Ngesikhwama iBeyond Advocacy Fund sibambisene ne22 On Sloane, inhlangano enkulu esiza ukufukula amabhizinisi asafufusa e-Afrika ngokuwahlomisa ngamakhono adingekayo. Okubalulekile ngalolu hlelo lwe-22 On Sloane wukuthi wuhlelo olusiza amabhizinisi amancane asheshe akwazi ukuba yingxenye yomnotho omkhulu ngokuthi athole amakhasimende nemali ayidangayo ukuze axhaswe.

Ziningi ezinye izinhlelo ezikhona zokweseka amabhizinisi amancane ezenziwa yizinhlangano zamabhizinisi amakhulu emnothweni kodwa la mabhizinisi ashayekile ngenxa yeCOVID-19.

Enye yezinto engasheshisa ukuvuseleleka kwawo yilolu phiko oluzonciphisa imicikilisho eHhovisi likaMengameli. Siyadinga ukuqala ukubona imiphumela yomsebenzi walo ngokushesha, ikakhulukazi emabhizinisini amancane. Iziphakamiso ezenziwa yizingcithabuchopho, izinhlangano zomphakathi nohulumeni zokulungisa inkinga kagesi eNingizimu Afrika ziyakhuthaza.

I-BLSA nezinye izinhlangano zamabhizinisi ngaphansi kwenhlangano iBusiness for SA sezidlulisele uhlelo lokulungisa inkinga kagesi kuhulumeni kanti sesilinde ukuzibophezela kukahulumeni ngezinyathelo ezingathathwa ngokushesha.

Kumele sihlangane sibhukule ukuze kushaye uFebhuwari wango-2023 sesikwazi ukushushisa abashushumbisa imali futhi abaxhasa izenzo zobushokobezi, ngale kwaloko sizozithola sisohlwini okuthiwa yi-grey list.

I-BLSA inxusa umNyango wezeziMali nePhalamende ukuthi benze konke okusemandleni abo ukuphothula lolu hlelo ngokushesha.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page