Silishayela izandla ikhwelo lokubambisana ukulwa nobugebengu, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule besikhunjuzwa ukuthi ubugebengu buhlupha kangakanani kuleli zwe. Ngekota yokuqala yango-2022 izibalo zobugebengu obuhambisana nodlame njengokubulala, ukudlwengula nokushaya, zinyuke ngendlela ethusayo.
Ukubulala kunyuke ngo-22% njengoba kube nezigameko eziwu-6 083 ngekota, okusho ukuthi awu-67 amacala okubulala enzeka ngosuku. Lezi zibalo ziveza umphumela osabekayo wobugebengu kubantu baseNingizimu Afrika. I-Business Leadership South Africa (iBLSA)kade yaqala ukuletha usizo oluqhamuka kosomabhizinisi ekulweni nobugebengu. Umsebenzi esiwenza ngaphansi kweBusiness Against Crime South Africa (iBACSA) uhlanganisa izinsizakusebenza nolwazi ukweseka amaphoyisa nabashushisi.
Okubi ngobugebengu wukuthi buhlukumeza izisebenzi nabathengi futhi buletha izinselelo zezokuphepha ebhizinisini. Ubugebengu obenzeka emabhizinisini bukhinyabeza umnotho. Kunamacala angaphezu kuka-25 000 avuliwe kule kota, nokusho ukunyuka ngo-13% kusuka ngonyaka odlule.
I-BACSA iqale uhlelo lokufokisa, i-Eyes and Ears Initiative, ehlanganisa amabhizinisi, amaphoyisa nemboni yonogada abazimele ukuze kwabelwane ngolwazi ukulwa nobugebengu. Isebenzisa izinsiza zezinkampani ezizimele ezinjengezimoto, amabhanoyi anophephela emhlane, amakhamera, ama-drone nezisebenzi ukuze kuliwe nezigameko ezisuke zibikiwe behambisana namaphoyisa.
Kusetshenziswa ubuchwepheshe bamakhamera akwazi ukubona inombolo imoto ebhaliswe ngayo nobunye ubuchwepheshe besimanje.Ngonyaka odlule iBusiness Fusion Monitoring Centre yasungulwa ukuze kuhlanganiswe lonke lolu lwazi ndawonye kuqinisekiswe ukuthi luyahlaziywa bese lusatshalaliswe emaphoyiseni ukuze akwazi ukulandelela, aphenye aphinde anqande ubugebengu obenzekayo ezweni. Amaphoyisa athunyelelwa ulwazi ngezigameko zobugebengu eziqinisekisiwe ezingaphezu kuka-550 ngosuku.
Enye yezinkinga amabhizinisi abhekana nayo wukunyuka kwemizamo yokufuna ukuwagwazisa. Kuneqembu lezigebengu elihlelekile elibeka engcupheni amabhizinisi, abafuna ukugwazelwa ukuze bangakuhluphi. Lobu bugebengu buqashwe ngeso lokhozi ezweni lonke, iBACSA isisungule isizinda lapho ulwazi oluthinta loku luqoqelwa khona. Ngokuqoqa ulwazi olukanjena singaqonda ngendlela ubugebengu obenzeka ngayo, siyamanise izehlakalo futhi sinyuse amathuba okuthi kube khona ababoshwayo bashushiswe ngendlela efanele.
Ungakwazi ukungena kule website yokubika ngokungena ku: https://e2.bac.org.za, ngigqugquzela wonke amabhizinisi aseke aphangwa noma ngayiphi indlela ukuthi azame ukwenza njalo.
Ngesikhathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele ememezela izibalo ngesonto elidlule, unxuse uhulumeni, amabhizinisi, izinhlangano ezingenzi inzuzo nemiphakathi ukuthi balwe nobugebengu. I-BACSA itshengisa ukuthi ukusebenzisana kungaba nemiphumela emihle futhi osomabhizinisi bamagange ukubambisana nohulumeni nezinye izinhlaka ukulwa nobugebengu.
Ubugebengu bujulile futhi ziningi izimbangela zakho. Indlala nokuphazamiseka komphakathi, lezi zinto zinesandla ebugebengwini. Izibalo zobugebengu bezinzima kakhulu uma zibhekiswa kubantu besifazane. Amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokushaya anyuke kakhulu (nakuba u-90% wamacala okubulala kubulawe amadoda). Angaphezu kuka-10 000 amacala okundlwengula abikiwe kule kota, nokusho ukunyuka ngo-14%.
Isibalo sokubulala izingane sinyuke ngo-37%. Laba abangakwazi ukuzilwela yibona abathwele kanzima kakhulu ngenxa yobugebengu.
Ungqongqoshe uveze ukuthi ukusebenza kwamaphoyisa kuncike ekusebenzisaneni kahle nemiphakathi. Ungqongqoshe ufakele amaphoyisa ingcindezi yokuthi akwazi ukuziphendulela eziteshini zawo ukuze kuqinisekiswe ukuthi imiphakathi iyawathemba. Ungqongqoshe namaphoyisa bethule iStation Accountability Plan baqala ngeziteshi ezingu-30 ezisendaweni enobugebengu kakhulu, ezobheka izinhlelo zalolu hlelo ukuze kwehliswe ubugebengu. Kusetshenziswane nezinhlangano zomphakathi bese kukhishwa izinsizakusebenza ezweni lonke.
Ungqongqoshe ukhuthaze ukuthi kwethulwe izinguquko ezilula njengokuqinisekisa ukuthi amaphoyisa ayasebenza ngezimpelasonto, okuyisikhathi ubugebengu obusuke budlange ngaso. Izibalo zobugebengu ziyathusa kodwa ngikhuthazekile ngokuthi akubanjiswane nangeminye imizamo yokuqinisekisa ukuthi iziteshi zamaphoyisa ziba ngabalingani nemiphakathi ukulwa nobugebengu. Nathi esisemabhizinisini sikulungele ukuba yingxenye yale mizamo, ngikulindele ukusebenzisana namaphoyisa nemiphakathi ekulweni nobugebengu.
Ukushushisa abathintekayo nokuqinisa izindlela zethu yizinto ezimbili kwezintathu esizidingayo ukuze sidlule kule nto yokugwamanda umbuso. Into yokugcina efunekayo wukuthi kubuyiswe okwantshontshwa.
I-BLSA ithemba ukuthi isinqumo seS&P Global sokubuyekeza indlela ebuka ngayo ukuthi iNingizimu Afrika ifanele yini ukubolekwa imali, njengoba isiyiklelise kahle, kusho ukuqala kokubuyela kwethu esigabeni esizodonsa abatshalimali. Lobu wubufakazi bomsebenzi oncomekayo owenziwe wuhulumeni ukulwa nokunciphisa isikweletu, nokwenziwe yiBhange loMbuso nomNyango wezeziMali.
Inselelo ebhekene neNingizimu Afrika manje wukuqhubekela phambili nezinguquko nokuqala uhlelo lukaR1 trillion lokuthuthukisa ingqalasizinda. Yilapho kuphela sizobona kunyuka ukutshala imali.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
