Kuhle esikubona kwenzeka ngokwanda kobuchwepheshe, kuloba uNtokozo Biyela

KULE ngosi ngithanda sibheke izinguquko zokusetshenziswa kobuchwepheshe yizinkampani eziningi eNingizimu Afrika okucacisa ukuthi iningi lezinkampani seziyaqonda ukubaluleka kokuhweba ngobuchwepheshe, phecelezi i-e-commerce emabhizinisi azo.
Siyabona futhi nohulumeni useyabona ukuthi indlela elula yokusabalalisa izinsiza wukubambisana namabhizinisi akwazi ukufinyelela ebantwini. Empeleni asisekho isidingo sokuthi abantu bakithi bame kolayini abade uma bedinga usizo ezikhungweni zikahulumeni. Buka nje ukuthi abantu bagqilazwa kanjani beshiswa yilanga beyolanda isibonelelo sabangasebenzi uR350.
Yebo, ngiyaqonda ukuthi uhulumeni ufuna ukusebenzisa izinhlaka nezinkampani zikahulumeni ukuze wenze umsebenzi kodwa iqiniso wukuthi ngamabhange amakhulu kuphela anezinhlaka eziphilayo ezizokwazi ukuthi abantu bathole imali yabo ngendlela efanele nangesikhathi.
Eminyakeni edlule ngike ngazibuza umbuzo othi kungani uhulumeni wethu uhluleka kangaka ukusungula ibhange lawo kodwa sibe sibona amabhange amasha afana neCapitec avele athushuka kungazelelwe? Kumanje iCapitec isingeliye lamabhange avelele ezweni.
Umbuzo uthi yingoba bengekho abantu abamnyama abanobuchule namava ekuqaleni amabhange uhulumeni angabasebenzisa? Ngisho ngabe kuthatha iminyaka emihlanu noma ewu-10 ukuthi kwenzeke loko, kungcono kunokuloku njalo uhulumeni encike ezinhlakeni noma amabhange aqhoqhotshelwe ngabelungu.
Impendulo engazitholela yona yayithi yingoba uhulumeni akanayo intshisekelo yokuthi le nto yenzeke. Akufanele ngabe yiThala kuphela ibhange likahulumeni elikhona emva kwayo yonke le minyaka yentando yabantu. Iqiniso lithi wuhulumeni kuphela onemali eningi futhi engakwazi ukusimamisa lelo bhange. Akusenani-ke noma lelo bhange selingasebenzisa ezinye izinhlaka zamabhange akhona kodwa okusalayo wukuthi lelo bhange kuyobe kungelikahulumeni.
Kanjalo ezindaweni eziningi zikahulumeni ezifana nakwaNdabazabantu asisekho isidingo sokuthi abantu bakithi kufanele bayoma olayini abade beshiswa yilanga befuna omazisi noma izitifiketi zokuzalwa kwezingane noma ama-passport.
Kufanele ngabe kwaNdabazabantu kudala benza i-app okwazi ukufike ufake isithombe sakho osishuthile, ugcwalise imininingwame vele osazofika uyigcwalise uma uya khona kepha loko ukwenze ekhaya, kuthi uma konke sekulungile bakuthumele i-SMS ukuthi woza kwaNdabazabantu izinto zakho sezilungile, wazi ukuthi uyela into ekhona, hhayi ukuyodlala izigilamkhuba eziqola abantu bakithi imali abangenayo ngokuthi zizobabambela ulayini.
Ngaphandle kwaloko, okulula kakhulu wukuthi babe nomshini njengasebhange ozonika abantu izinombolo ngokwezidingo nokulandelana kwabo; uthi ulindile wazi ukuthi kuzobizwa inombolo yakho bese uyakhona, hhayi le nto yokuxhashazwa sengathi niyizinkomo ziya ediphini.
Ngithokoze kakhulu ngibona olunye udaba emaphephandabeni oluthi abashayeli baseNingizimu Afrika sebezokwazi ukuvuselela ilayisensi yemoto kunoma yimuphi uPick n Pay.
Yebo, lena akuyona into entsha ngoba vele besikwazi ukuvuselela ilayisensi yemoto emaposini kodwa inkinga enkulu wukuthi izisebenzi zaseposini iningi lazo zisebenza sengathi zikwenzela ufefe zikhohlwe wukuthi ziqashiwe, ziyaholelwa ukuthi zisisize ukuthi silungise izindaba zethu zezincwadi zokushayela.
Ngingathokoza kakhulu uma ezinyangeni ezizayo singathola ukuthi nezinye izitolo ezifana noSpar, uCheckers, uWoolworths, uCambridge noBoxer nazo zizokwazi ukusiza abashayeli. Kuzosiza iningi labantu ukuthi balungise izinto ezimayelana nezincwadi zemoto.
Kuyathokozisa nokuzwa ukuthi uhulumeni usufuna ukufaka uhlelo lwezincwadi zokushayela ezi-digital, okusho ukuthi ngeke sisaba khona isidingo sokuloku siphatha izincwadi zokushayela bese sijeziswa uma sizikhohlwe kwenye izimoto; yize sinazo.
Ngempela uma ubhekisisa, asisekho isidingo sokuphatha amakhadi uma sesikwazi ukukhipha izimali kwi-ATM singaphethe khadi noma sikhokhe ngaphandle kokusebenzisa ikhadi.
Yisiphi ngempela isidingo samakhadi? Asisekho. Ngiyethemba-ke nawe mfundi wale ngosi owusomabhizinisi usuqalile ukubheka ukuthi ungenza kanjani ukuthi impilo yamakhasimende akho ibe lula ngokufaka ubuchwepheshe ebhizinisini.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe, iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela