Sekuyisikhathi sokuthi abantu besifazane bahole, kuloba uNobuntu Hlazo-Webster

ENYE yezinto ezingahambi kahle emphakathini waseNingizimu Afrika yiloku: abesifazane yibona abathintwa kakhulu izinkinga zomphakathi ezibhekene nezwe kodwa ababambi iqhaza ngokwanele ekuzixazululeni.
Loku akusho ukuthi abesifazane abazibandakanyi nezepolitiki. Empeleni kunabaholi besifazane kuyo yonke imiphakathi ezweni. Ezintweni eziningi abantu besifazane yibona abamise izinto emphakathini.
Abesifazane bangabahleli ezigabeni eziningi zomphakathi wethu, bakhona nasekusunguleni izinkundla eziningi eziqhamuka nezisombululo zokuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, ububha nezinkinga zokucwasa ngokobulili, ukuvaleleka ngaphandle nodlame oluthinta kakhulu abantu besifazane.
La maziko akhiwe esikweni elidala laseNingizimu Afrika lobuholi besifazane, uma sibuyela emuva kwimashi yabantu besifazane ngo-1956, ngisho nangaphambi kwaloko. Leyo mashi kwakungeyabantu besifazane abawu-20 000 ababebheke eziNdlini zoMbuso abangawalalelanga amaphoyisa obandlululo bebhikishela imithetho yepasi eyayidelela abantu, ingenabo ubuntu. Ikhunjulwa minyaka yonke eNingizimu Afrika ngoSuku lwabesiFazane nangenyanga u-Agasti.
Iqhaza elabanjwa ngabantu besifazane ukwakha lo mbuso wentando yabantu esinawo namhlanje liyaziwa. Kepha sisazobona okunye okuhle uma sekukhona umbono wabesimame kwipolitiki yaseNingizimu Afrika nasezindabeni ezithinta intuthuko.
Uyancomeka umsebenzi weNingizimu Afrika uma kubhekwa indlela abesifazane abameleleke ngayo. Abesifazane bayawathola amathuba abalulekile emphakathini futhi bawasebenzisa kahle. Abalelwa ku-46% amalungu ePhalamende angabantu besifazane.
Ngo-2019 banda abesifazane abathola iziqu zesayensi, ezobuchwepheshe nezobunjiniyela kunabantu besilisa.
Nakuba lezi zibalo zikhombisa inqubekelaphambili kodwa isayinde indlela okusafanele ihanjwe ngaphambi kokuthi kulinganwe ngokupheleleyo. Abesifazane basahola okungenani imali engaphansi ngo-20% kunamadoda.
Nakuba kubalulekile kodwa abantu besifazane akumele balwele ukulingana nabantu besilisa kuphela. Abesifazane kumele babenezwi uma kuhlanganiswa inqubomgomo ezobhekana nezinkinga ezithinta umnotho waseNingizimu Afrika okuwububha, ukungalingani nokuntuleka kwamathuba emisebenzi, ikakhulukazi ngoba lezi zinkinga zithinta ngqo abasifazane.
Njengamanje bangu-35.5% abesifazane abangasebenzi uma kuqhathaniswa nabesilisa abangu-32.6%. Angu-21.9% kuphela amabhizinisi okungawabantu besifazane. Uma sibheka ububha, ngu-71% wabesifazane eNingizimu Afrika yibona abathwele kanzima kakhulu njengoba kuyibona abathwele amakhaya ampofu kakhulu.
Nobugebengu nabo buthinta kakhulu abobulili besifazane. Imizi ephethwe abesifazane yiyona esengozini enkulu yokugqekezelwa nokuhlukunyezwa. Abesifazane basengozini enkulu yokwebelwa nokukhwatshaniselwa kuneyabantu besilisa.
Ngabantu besifazane abathintwa kakhulu izinkinga zezwe laseNingizimu Afrika ngezindlela eziningi. Ngakho iqhaza elingabanjwa abantu besifazane ekusizeni ukuqonda nokuxazulula lezi nkinga libaluleke kakhulu. Ngeshwa, abanikwa ithuba elanele lokwenza loku.
Izinkundla nezinhlangano zabantu besifazane zigcwele. Kepha kukhona ukungaxhumani kahle phakathi kwemibono nezixazululo eziqhamukayo nenqubomgomo egcina isisebenza.
Lezi ngezinye zezinto ezivelile emcimbini wokuqala weKhomishana yabesifazane eNingizimu Afrika obuhlanganiswe kukhunjulwa imashi yango-1956, ukuze abesifazane bahlangane balwe nezinkinga ezibhekene nabo nezwe lonke.
Izithunywa zisho ngazwi linye ukuthi abesifazane bakhathale wukukhuluma bafuna kube nomnyakazo. Bathi abesifazane banawo amandla okulungisa izinkinga zezwe lethu – ngale kokulwela ukulingana kuphela kodwa nokuthuthukisa umnotho, ukubamba iqhaza ukuhlanganisa inqubomgomo nokushintsha indlela okuhlinzekwa ngayo izidingo zabo bonke abantu eNingizimu Afrika.
Njengoba kuthiwa kushoda ubuholi kwezepolitiki eNingizimu Afrika, abahlanganisa inqubomgomo kufanele babheke inqwaba yabaholi abasemphakathini nasezinhlanganweni ezingenzi inzuzo – abesifazane ezweni lethu.
Sihlelekile, sihlangene nomphakathi futhi sinazo nezixazululo. Sekuyisikhathi sethu sokuhola.
- UNkk uHlazo-Webster uwumholi weKhomishana yabesiFazane eNingizimu Afrika
