Sidinga uhlelo lokuvikela ofakazi abaveza inkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibiloku isebenzisa izincomo zeKhomishini kaZondo ukubheka izindlela nezinhlaka ezingasiza ukugwema inkohlakalo ngomuso nokweseka ezinye izinhlaka ukuthi ziqhube umsebenzi wazo. Enye yezinto esicabanga ukuziphakamisa yindlela engcono yokuvikela ofakazi okuyibona abaqhumbuza ithumba ngezenzo zenkohlakalo.
Labo bafakazi babewukhiye ekuvezeni inkohlakalo obala kanti abanye balahlekelwa wokukhulu njengoba bekhokhe ngempilo yabo. Ukusocongwa kobeyibamba lesikhulu sezimali somNyango wezeMpilo eGauteng uNkk uBabita Deokaran owembula inkohlakalo ethinta amathenda eCOVID-19 kukhombise ukuthi sihluleke kangakanani emsebenzini wethu wokuvikela umuntu osuke ebike ngenkohlakalo, okungamfaka engozini enkulu.
Abantu ababika ngenkohlakalo babhekene nengozi engabalimaza bona siqu sabo nesimo sabo sezimali. Ngisho izenzo zabo ziholela ekushushiseni nasekugwebeni kwabenzi bobubi, kutholakale nezimpahla ezisuke zebiwe kodwa emva kwaloko kubanzima ukuthi baphinde bathole umsebenzi bavuselele impilo yabo.
Bajwayele ukuthathelwa izinyathelo zomthetho nokuba nezindleko ezinkulu. IJaji uRaymond Zondo liphakamise ukuthi abantu abasuke bebike ngenkohlakalo kumele bakhokhelwe ngendlela efanele. Kwamanye amazwe, njengaseMelika, abantu abasuke bebike ngenkohlakalo bayahlomula ngemali esuke itholakele. Lena yinto mhlawumbe okufanele siyizame siyiNingizimu Afrika.
Okunye esingakwenza wukusungula isikhwama esizimele esizokweseka ababika inkohlakalo. Loku kungabhekelela kuphela izindleko abagcina bezithwala ababika ngenkohlakalo, okungezabameli nokulahlekelwa wumsebenzi noma kungaba wumklomelo ohambisana nokuthi imali ebuyisiwe ingakanani.
Kumele kucatshangwe ngokucophelela kungagcini sekuhlomula abantu kungafanele. Kufanele kusizakale abantu abathola isinxephezelo ngenxa yokuveza ulwazi oluholela ekushushiseni abenzi bobubi ngempumelelo nasekutholakaleni kwemali futhi kumele kube ngabantu ababika inkohlakalo ngempela.
Yinselelo ukubona ukuthi umuntu wenza into ngezinhloso ezinhle. Ngesonto elidlule sibe nenkinga yomuntu obethi ubika ngenkohlakalo kanti ufuna ukungcolisela igama loMcwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke.
IHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele lingezinye zezikhungo ezibalulekile ekulweni nenkohlakalo, ngakho bayohlale befuna ukulihlasela labo abangalahlekelwa wokuthile. Obephethe kwandabazabantu kuleli hhovisi wenze izinsolo eziningi emva kokufuna ukukhokhelwa imali ethize ukuze ahambe.
Uphenyo oluzimele olwenziwe yinkampani yabameli luthole ukuthi lezi zinsolo azinasisekelo, lwase luphakamisa ukuthi obike lezi zinsolo abekwe icala lokusabisa.
Uma sibheka loku, sekukaningi kuba nezinsolo ezibhedayo ezibhekiswe kubantu abalwa nokuthi siphele isikhathi sokuthi abantu bazenzele umathanda futhi bagcine bengajeziswanga. Sinenhlanhla ngoba sinazo izinkantolo ezihlukanisa iqiniso namanga kodwa abantu ababika inkohlakalo badinga ukuvikelwa ngisho inkantolo ingakazibhekisisi izinsolo abasuke beziveza.
Esinye isiphakamiso ngesithi akusungulwe inhlangano evikela futhi yeseke abantu ababika inkohlakalo ngempela. Kuzodingeka ukuthi ihlome ngezinsiza ukuze ihlolisise izinsolo kodwa ibenamandla nemali yokweseka ababika inkohlakalo uma kufanele yenze njalo.
Kumele ikwazi ukuhlinzeka ngosizo lwezomthetho, ibenesikhwama futhi ikwazi nokusiza ofakazi ngezinye izindleko ababhekana nazo njengoba belahlekelwa nawumsbenzi.
Sizoqhubeka sisebenzisane nezinhlaka zikahulumeni nezinhlangano zomphakathi ukucabanga izindlela zokwenza ngcono ukuphathwa kofakazi ababika inkohlakalo. Babamba iqhaza elibalulekile emphakathini esiwufunayo, lapho kona ubugebengu buvezwa obala futhi kuliwe nabo ngokushesha. Yiloku okudingwa ngosomabhizinisi nomphakathi, nokuzokwenza ukuthi kuphinde kuthenjwane. Kuzosisiza sonke.
Uhlelo lokuthenga ugesi ovuselelekayo kubaphehli abazimele luloku lubambezeleka, nokusho ukuthi ugesi okufanele uqale ukutholakala eminyakeni emibili ezayo ngeke ube khona. Uma sizimisele ukulungisa inkinga kagesi ngokushesha ukuze kuphele ukucinywa kukagesi eminyakeni emibili ezayo, kufanele siphinde sisheshise ukuthenga ugesi kubaphehli abazimele ngale ndlela okwakwenzeka ngayo ngesikhathi kusanda kuqala.
Umbiko weFraser, ohlola inkululeko yezomnotho emazweni awu-165, unohla esikwazi ukulusebenzisa ukubona ukuthi yikuphi lapho iNingizimu Afrika ingenzi kahle khona. Ngokombiko, aloku ephela amandla okuthi abantu bakwazi ukuzithathela izinqumo zabo ngemali, nokuyinto ekhathazayo. Amazwe akhululekile ngokomnotho anezinto eziningi akwazi ukuzenza kahle.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
