Sekuyisikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ibuyele emsebenzini, kuloba uBusi Mavuso

IMIGOMO yeCOVID-19 ixegisiwe ekupheleni kukaDisemba ngonyaka odlule ngesikhathi kuvunyelwa imibuthano yabantu abangafinyelela ku-1 000 futhi kwaqedwa nomthetho wewashi.
Kusukela ngaleso sikhathi nokuhlasela kwe-Omicron kwehlile. Nokho imithetho eminingi enqinda ukusebenza kwezinkampani ngendlela ejwayelekile ayixegisiwe, nokwenza izinkampani zingakwazi ukusebenza kahle.
Izinhlangano zosomabhizinisi zenza konke okusemandleni ukuphucula imithetho yezempilo nokuthi kucace kahle umthetho osebenzayo ngokuphoqa ukuthi kugonywe. Sesifikile isikhathi sokubuyekeza imithetho yeCOVID-19 elawula izinkampani.
Okwamanje abaqashi kumele basize izisebenzi ukuthi zisebenzele ekhaya uma indlela ikhona. Kumele baqikelele nokuthi ziyaqhelelana futhi zigqoka izifonyo. Yize kodwa lokho kungaseyona impoqo uma lezo zisebenzi zihlala phansi zidla.
Imigomo yokuvikela kumele ilawulwe wubufakazi besayensi futhi kukhunjulwe nezindleko ezihambisan nayo. I-Omicron isiyadamba manje kanti ibe nomthelela ongaphansi kwamanye amagciwane phambilini.
Uhlelo lokugoma abantu lube yimpumelelo engatheni kanti nesibalo sabantu abagoma zonke izinsuku siyancipha. Okwamanje wu-67% wabantu abaneminyaka engaphezu kwewu-60 abagomile, okuyibona bantu abasengozini kakhulu.
Bangaphezu kukahhafu kwabaneminyaka ewu-35 abagomile. Ukungabi nomthelela omkhulu kwe-Omicron kuthiwa kudalwa yisibalo esiphezulu sabantu asebeke bagula ndlela thize njengoba bewu-72%, nokusho ukuthi umzimba usuyakwazi ukulwa naleli gciwane. Yiloku okwenze imithetho ixegiswe kodwa sidinga ukwenza okuthe xaxa.
Umnotho weNingizimu Afrika awuvumi ukuthi kungaloku kuqhubeka kulahleka imali. Sidinga ukuthi umnotho ukhule ukuze uvuseleleke masinyane. Ukuntuleka kwemisebenzi yiwona mphumela omubi obonakala kalula wengcindezi ekhona ngenxa yale nkinga. Nakuhulumeni kuzwelile ngoba imali engenayo inciphile (ngaphandle kwezimayini ngenxa yokunyuka kwamanani okumbiwa phansi).
Ingcindezi embaxambili yokwehla kwemali engenayo nokunyuka kwesidingo sosizo lwezenhlalakahle iyinkinga futhi ingamosha imali kahulumeni.
Izinkampani eziningi manje zicela abantu babuye emsebenzini. Yize imiphumela yomphumela wokusebenzela emakhaya kwabantu ingafani kodwa izinkampani eziningi zithi ukuqhubeka kwesikhathi zingekho izisebenzi emahhovisi lezi zindleko ziyakhuphuka, ikakhulukazi ezokuqeqesha nokucathulisa.
Izinkampani kumele zikhululeke zikwazi ukuzikhethela zona ukuthi ziyafuna yini ukuthi izisebenzi zibe semsebenzini noma cha. Uma ngempela izisebenzi zisebenza kangcono uma zisekhaya, silindele ukuthi izinkampani zizokuvumela loko.
Siyazi ukuthi amathuba okunyuka kwengozi yezempilo ngokuvumela izisebenzi ukuthi ukuthi zizosebenza ehhovisi mancane uma sibheka ubufakazi obuvumele ukuthi kuxegiswe imithetho embonini yezindawo zokudlela nemibuthano.
Abaqashi bangayinciphisa futhi kakhulu ngokuthi bathi akuvame ukuhlolela lesi sifo emsebenzini. Ukugoma nako kubalulekile.
Abaqashi abaningi badinga ukuthi izisebenzi zigome, nokuyingxenye yokubuyela emsebenzini. Umyalelo ocacile kuhulumeni ungasiza ukuthi bande abazosebenzisa le ndlela esibonakele ukuthi iyayinciphisa ingozi. Kungaqhutshekwa nokuthi abantu abaqhelelane uma ubufakazi bukhombisa ukuthi kusadingeka kanjalo nokugqoka izifonyo uma umuntu ehleli phansi; inqobo nje uma kungezukudingeka ezindaweni eziningi.
Kubalulekile ukuthi umnotho usebenze yonke indawo. Loko kudinga uguquko emigomweni eminingi ukubhekana nezinselelo ezikhona ngogesi, umoya
wokudonsa i-internet namakhono. Kepha ukushintsha imigomo elawula iCOVID-19 kumele kube yingxenye yokudingidwayo. Akukwazi ukuthi kungaqhubeka kunqindwe indlela izinkampani ezisebenza ngayo uma kungasenasidingo.
Kulula ukuthi abantu bathatheke uma kwenziwa izethembiso ezingekho ngempilo engcono eNingizimu Afrika njengoba ububha buthe bhe. Kepha kudingeka ukuthi sigxile ezindleleni ezisebenzayo nezikhona ngempela ukuguqula impilo yabantu abampofu.
Indlela kuphela thina njengezwe esinganqoba ngayo ububha nokungalingani wukuthi siphucule ezemfundo, indlela uhulumeni asebenza ngayo nangokukhulisa umnotho okuzonciphisa ukuntuleka kwemisebenzi.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa