Asigqugquzele izingane zethu ukuthi zisebenze ngaphambi kokuya enyuvesi, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke isihloko esimayelana nokugqugquzela izingane zethu ukuthi ziqale ngokusebenza kuqala ngaphambi kokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Omunye angazibuza ukuthi kungani ngisho kanje? Isikhathi esiphila kusona sibheda kakhulu, ikakhulukazi kwezomnotho. Loko kusho ukuthi namathuba emisebenzi asemancane kakhulu. Ngikhuluma ngamathuba okuqashwa ngisho kwabantu abaneziqu. Uma ubhekisisa imakethe yemisebenzi isidinga abantu abanesipiliyoni.

Usithola kanjani lesi sipiliyoni ungakaze usebenze? Yiyona nkinga esibhekene nayo, ikakhulukazi thina abantu abamnyama. Noma isimo sesiphoqa ukuthi sishintshe indlela esenza ngayo izinto kodwa ngoba sibambe elentulo siyosebenzisa ngisho izindlela ezingasasinikezi imiphumela esiyifunayo. Imfundo ibalulekile futhi iyona into esisakwazi ukushintsha ngayo izimo zethu thina bantu abamnyama.

Kepha kumele sivume manje ukuthi kuhle sibheke ukuthi isimo sempilo sesikuphi sishintshe uma kufanele sishintshe indlela esenza ngayo. Loku kungasho ukuthi izingane zethu kuzozisiza ukuthi ziqale ngokusebenza noma unyaka owodwa noma emibili ukuze zithole amava abalulekile uma kuziwa kwezemisebenzi nohlobo lwemboni ezingathanda ukusebenza kuyona.

Ngiye ngigqugquzele loku isikhathi esiningi kubantu abafuna ukuvula amabhizinisi. Kuhle ukuqala ngokusebenzela omunye umuntu noma inkampani ukuze uzothola ithuba lokufunda ukuthi yiziphi izinhlaka ezibalulekile okumele zibe khona ukuze ibhizinisi liqhubeke ngendlela ezoliyisa phambili. Loku kuyasiza ukuthola isipiliyoni ngisho kungathiwa izinto azihambi kahle kodwa kwenza ukuthi umuntu abe nesibindi sokuqala ibhizinisi ngoba useke waba sebhizinisini elithile.

Ngesonto eledlule ngike ngaqondana nodaba kwelinye lamaphephandaba lezamabhizinisi ebeliveza indaba ehlabahlosile yensizwa yomlungu uJeandre van Derhan okuthiwa yaqala ibhizinisi lokudayisa izinsimbi eminyakeni emibili eyedlule ngemali engangoR820 vo. Bathi yathi nje ilivula kwakhona abafaka i-oda likaR80 000. Kwathi emva kwezinyanga ezinhlanu leli bhizinisi labe selenze imali engangoR920 000.

Loku kwamangaza wonke umuntu ngoba le nsizwa esencane, ineminyaka ewu-24, yaqala leli bhizinisi ineminyaka ewu-22. Kulolu daba iveza ukuthi kwathi iqeda uMatikuletsheni ngenxa yokungakwazi ukuya enyuvesi yathola umsebenzi kwenye yezinkampani ezisebenza ngensimbi. Yayiwumthengi nomdayisi wezinsimbi kule nkampani. Ithole ulwazi olunzulu ngokuthi ithengwa kanjani, kuphi nokuthi idayiselwa kanjani amakhasimende insimbi.

Kuthe nje ngesikhathi seCOVID-19 kwasho ukuthi izinkampani eziningi ziyavalwa, naye yaphelelwa umsebenzi kodwa ayilahlanga mbeleko ngakufelwa. Yathatha leli thuba ukuthi izivulele inkampani. Yilapho-ke yathola khona i-oda likaR80 000. Kumanje kuthiwa inkampani yayo ibiza u R7.5 million, inani ongalithenga ngayo emakethe. Uma ubheka nje uyabona ukuthi ukusebenza kwayo kulezi zinkampani kuyinike ikhono elinzulu embonini yokuhweba ngezinsimbi. Kumanje uma ingathatha isinqumo sokudayisa inkampani ingahlomula uR7.5m.

Kubuhlungu ukubona izingane zethu zabantu abamnyama eziqeda enyuvesi kodwa zizithole zihlala amakhaya neziqu zazo ngoba ingekho imisebenzi. Loku kusho ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi zonke lezi zingane ezineziqu ezihleli emakhaya zithathwe ziqeqeshelwe ukuthi zingaqala kanjani izinkampani.

Akumnandi ukufike ufunde iminyaka emine noma emihlanu bese uzithola uhleli ekhaya ungenzi lutho.

Yingakho-ke ngithi okungcono asigqugquzele izingane zethu ukuthi uma zingakwazi ukungena enyuvesi, kungcono ziqale ngokuthola imisebenzi noma ngabe yimiphi noma okungenani zingasebenza zingaholi akunani kodwa ziyosithola isipiliyoni.

Isimo sibi; nabafundile sebezithola behleli emakhaya nemfundo yabo. Asisukume sakhe ngenye indlela.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi abancane ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page