Kufanele iqondwe imigomo ekhuthaza ukutshala imali nokuqasha abantu, kuloba uBusi Mavuso

NGISEBENZISA isikhathi esiningi ngibonisana nabanye abalingani ngokuthi amabhizinisi angasebenzisana kanjani kahle nohulumeni nabanye abantu. 

Sengifunde ukuthi zikhona izindlela ezisebenzayo zokuthola imiphumela emihle kodwa zikhona nezindlela ezingasebenzi eziphoxa wonke umuntu. Awuthi ngichaze ngisebenzisa izibonelo ezimbili.

Esokuqala yindlela esizama ngayo ukuxazulula inkinga yethu kagesi. Akubuzwa ukuthi osomabhizinisi bakhathazekile ngokuhlinzeka ugesi – ukucinywa kukagesi kwenza kubize ukuba nebhizinisi futhi kokunye kwenza kungasebenzeki nhlobo. Yingakho sihamba phambili ezingxoxweni nezinhlaka eziyinsika njenge-Eskom nohulumeni.

Emasontweni amabili edlule, isikhulu esiphezulu e-Eskom uMnu u-Andre de Ruyter sicele amabhizinisi ukuthi alekelele. Okwenze kwalula kithina wukuthi ubeke izindlela ezicacile: izinkampani zingaqashisa ngomhlaba wazo kubaphehli bagesi abazimele, bangasayina izivumelwano zokuthenga ugesi nabaphehli ukuze bezokwazi ukuyoboleka imali ebhange nakwabanye abantu abaxhasa amabhizinisi, ufuna kwesekwe imikhankaso ekhuthaza ukusebenzisa ugesi kahle, ufuna usizo ekuvikeleni imishini ye-Eskom ukuze ingacekelwa phansi noma intshontshwe. 

NgoLwesihlanu osomabhizinisi bahlangene ngenhloso yokubonisana ukuthi kungaqhutshekwa kanjani nalezi zicelo. Siyabonisana nosomabhizinisi abangabalimi i-Agricultural Business Chamber ukuze kubhekwe umhlaba ofanele onganikwa abaphehli bagesi abazimele. I-Multichoice isivumile ukweseka umkhankaso oqonde emphakathini. Sisebenzisana nenqwaba yabalingani abangosomabhizinisi ukubona ukuthi singenze njani ukweseka imizamo yokuvikela ingqalasizinda e-Eskom. Loku kuzoholela ekutheni kube nemiphumela emihle. 

Isibonelo sesibili yindlela eseseka ngayo ezobulungisa. Ukusebenza komthetho kubalulekile kosomabhizinisini, kuqinisekisa ukuthi ozakwethu bangethenjwa kuphinde kusisize sibe ingxenye yomnotho womhlaba. Siwazi kahle umonakalo omkhulu kwezobulungisa odalwe wukugwamanda amandla ombuso. Kade sasilwa nobugebengu ngophiko lwethu iBusiness Against Crime, manje sesisebenza noPhiko lezokuShushisa ezweni ukuqinisekisa ukuthi lungakwazi ukuthola amakhono eliwadingayo embonini ezimele ukweseka ezokushushisa njengabaphenyi bamabhuku nabameli. Sisayine isivumelwano ukuqinisekisa ukuthi noma ngabe iyiphi indlela siseka uPhiko lezokuShushisa ezweni luzimele. 

Nakuloku futhi sinezindlela ezithile ezicacile zokusiza ezihambisana nazo zonke izinjongo zethu.

Lezi yizibonelo ezimbili ezingezinye zezindlela eziningi izinhlangano zamabhizinisi ezizisebenzisayo ukweseka uhulumeni ukuze kuhlomule wonke umuntu waseNingizimu Afrika. Izicelo esingakwazi ukwenza lutho ngazo zijwayele ukungacaci kahle, zisala ziyimibuzo kwabamabhizinisi. Isibonelo nje, sijwayele ukutshelwa ukuthi amabhizinisi atshale imali ethe xaxa futhi andise abantu ababaqashile. Izicelo ezinje zizodwa azisizi ngalutho.

Izimo ezizokhuthaza amabhizinisi ukuthi atshale enye imali noma andise abantu abaqashile aziyona imfihlo. Kumele kube noshintsho ngamathuba akhona emnothweni, amathuba azokwenza kube lula ukukhulisa umsebenzi ngaphandle kokuzifaka engozini engenasidingo. Yingakho sijwayele ukukhuluma ngezinguquko ezinqala okuyizinguquko endleleni yokusebenza komnotho ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kahle kwawo kushintshe nokubuka ingozi nenzuzo yebhizinisi. 

Isibonelo esihle, ushintsho emThethweni oLawula uGesi nogunyaza  abamabhizinisi ukuthi baphehle ugesi ngaphandle kwelayisensi, osekuholele ekutshalweni kwezigidi ngezigidi zamarandi futhi kwasiza ukuxazulula inkinga kagesi. Lolu shintsho luyasebenza ngoba lushintshe indlela amabhizinisi abuka ngayo izinto nokwenza anganqeni ukutshala imali futhi andise umsebenzi. Kepha izicelo ezingezukushintsha indlela izinto ezibukeka ngayo okuyizicelo nje zokuthi akunwetshwe, azithi shu. 

Kuningi esingakuzuza ndawonye uma le migomo ibiqondwa ngabaningi. Ngingakuthokozela ukubonisana nohulumeni ekuwukhombiseni izinkinga ezicindezela izinkampani zizivimbe ukutshala futhi zikhule. 

Ngokubambisana singaqhamuka nezisombululo ezizokwandisa ukutshala imali namathuba omsebenzi. Kepha ukutshala imali nokuqasha abantu akufanele kube yisiqalo, kumele kube wumphumela. 

Ukwakha izwe elinohulumeni osebenza kahle ngenye yezinto amabhizinisi aziphokophelayo. Amabhizinisi asebenza nohulumeni ukwandisa amakhono ngohlelo i-Operation Vulindlela nezinye eziningi.

Awukho umlingo ozoqeda inkinga yethu yokuntuleka kwemisebenzi. Usizi lwabantu abampofu luyanda inyanga nenyanga njengoba nokwehla kwamandla emali kunyuka. Izwe lingatshala ebantwini balo nasemnothweni ngezindlela eziningi ukuze abantu basizakale okwesikhashana. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page