Kuyakhuthaza ukubona abantu abasaphokophele ukwakha izinto bezisusa phansi, kuloba uNtokozo Biyela

IZOLO bengimenywe emcimbini obuhlelwe Icebolethu Group, ephethwe uNksz uNomfundo Mcoyi. Ubuhlanganise osomabhizinisi abaningi baKwaZulu-Natali nabawongoti emikhakheni yabo ehlukene.
Isikhulumi sosuku bekuwuMnu uVusi Thembekwayo onamabhizinisi ehlukene nowaziwa ngezinkulumo ezakhayo. Ngaphambi kokunaba ngokuthi uThembekwayo ukhulume ngani ngicela ukukha phezulu ngoNksz uMcoyi.
Usilandise ngomlando wokuthi Icebolethu Funerals yaqala kanjani. Wayewuthisha, ehlala eHammardale. Wabona indawo lapho abantu babelahla udoti khona, wacela ukuyisebenzisa. Waqala ngezisebenzi ezinhlanu vo. Uthe abaningi babezibuza ukuthi uqondeni ngoba ayikho le nto azama ukuyenza.
Kwathi ngokuhamba kwesikhathi yakhula inkampani, yandlondlobala yaqala yasabalala, ikakhulukazi eKZN. Kumanje isinamagatsha amaningi eKZN kanti futhi isikhona eGauteng. Kumanje inezinhlelo zokuvula amanye amagatsha eGauteng naseMpumalanga Kapa.
Uma esho uNksz uMcoyi uthi uthando lokusiza abantu abamnyama kakhulu ukuthi babuke impilo nemingcwabo njengempilo nje engatheni kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi kufanele kube khona abakuphokophelayo bangacabangi ukuthi impilo imayelana nokwenza loko okwenzayo bese uyafa ekugcineni.
Inkampani isiqashe abantu abangu -1 700. Loku kubukeka kuyisimangaliso uma ucabanga ukuthi eminyakeni ewu-13 edlule waqala ngabantu abayisihlanu. Uwumuntu omsabayo uNkulunkulu futhi uyakucacisa ukuthi konke anako ukuthole kuNkulunkulu ngomusa wakhe.
Ngiyazi singabantu futhi singosomabhizinisi sikholelwa ezintweni eziningi kodwa uye uthole ukuthi ngisho nalabo abasebhizinisini abakholelwa kuNkulunkulu abavamisile ukugqamisa ukuthi bayakholelwa kuye. Bagcina sebebala yonke into le eyabasiza, kodwa ke asikho lapho okwanamhlanje.
Bekukhona osomabhizinisi abaningi abahlabeke umxhwele ngenkulumo yakhe nekaThembekwayo, oveze ukuthi usezinze eDubai, lapho eqhuba khona umsebenzi wenkampani yakhe. Akugqamisile wukuthi kukancane ukuthi uthole abantu abamnyama abaqala izinto zikhule zize zifike ezingeni Icebolethu Funerals esifike kulona.
Iningi labantu abamnyama abaqala inkampani bavamise ukungafiki ezingeni eliphezulu futhi bavamise ukudicilelwa phansi ngabantu abamnyama ngokugxeka yonke into ngabo noma indlela abenza ngayo ibhizinisi.
Yingakho abantu abamnyama abaningi uthola ukuthi banovalo lokuqala izinto ngoba bayazi ukuthi ekugcineni lelo bhizinisi liyobulawa yibona ngabantu abamnyama abathi bayabasiza.
Ugqugquzela ukuthi kubalulekile ukuthi siqhubeke singabantu abamnyama nokwakha amabhizinisi ezizukulwane ngezizukulwane. Uphinde wathembisa ukuthi uyokwenza noma yini esemandleni akhe ukuthi noma yiliphi izwe lapho Icebolethu Funerals licabanga ukuvula igatsha uyolekelela ngokuvula iminyango.
Icebolethu Funerals lingamanye amabhizinisi ahlaba umxhwele uma ubheka ukuthi lisuka kuphi. Manje selinegatsha eNgilandi. Sike sakhuluma kwenye yezingosi ngamabhizinisi abizwa ngama-disruptor. Yilolu hlobo lwamabhizinisi olufika endimeni wonke umuntu acabange ukuthi ngeke aphumelele ngoba vele leyo ndima isigcwele isinezikhondlakhondla, afike wona aphendule amatafula.
Sikhuluma nje Icebolethu Funerals isiyinkampani yabangcwabi yesibili ngobukhulu eNingizimu Afrika emva kwe-AVBOB. Ikwenza konke loku nje isenamagatsha ezifundazweni ezimbili nje vo.
Loku kusho lukhulu emlandweni wezinkampani, ikakhulukazi eziqalwa ngabantu abamnyama. Isinikeza ithemba sonke lokuthi uma unentshisekelo nempokophelo, akukho okungeke kwenzeke noma uqala inkampani yakho la kwakulahlwa udoti khona.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting.
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
