Mkhulu umsebenzi osihlalele kodwa ukuphothulwa kombiko kaZondo uyisiqalo esihle, kuloba uBusi Mavuso

NJENGOBA umbiko wokugcina weKhomishini yeJaji uRaymond Zondo usuthuliwe, sekuyisikhathi sokuthi kuthathwe izinyathelo. Kumele sivuselele isithunzi seNingizima Afrika njengezwe elingathenjwa ukuthi linomthetho osebenzayo. Iminyaka yokugwamanda amandla ombuso ngezindlela ezikhinyabeza izikhungo zikahulumeni ezakhelwe ukuqinisekisa ubulungisa nokuthi abaphethe bayaphendula, ililimaze kakhulu igama lezwe.
Ukuvuselela izikhungo kuyaqhubeka kodwa bekukhona ukuba manqika ukuphenya kabanzi nokushushisa abantu abanesandla ekugwamandeni amandla ombuso kuze kube wukuthi iKhomishana kaZondo iyawuqeda umsebenzi wayo. Sesifikile isikhathi manje.
Kuyinjongo emqoka ukuthi iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) yeseke abashushisi ekutheni baphumelele. Kubalulekile emsebenzini wethu jikelele wokuqinisekisa ukuthi indawo osomabhizinisi abasebenzela kuyona iyakweseka ukukhula nokuthuthuka kwezwe. Ukungaphenywa nokungashushiswa kahle kwezigilamkhuba, ikakhulukazi ezenza ubugebengu obuthinta ibhizinisi, kuyilimaza kakhulu indawo osomabhizinisi abasebenzela kuyona.
Akuthenjwana, izindleko zokuhwebelana ziyanyuka futhi kuthena namandla ethu okusebenzisana namanye amazwe. Kubalulekile ukuthi bonke osomabhizinisi basukume beseke imizamo yokuphucula ukushushisa abenza ubugebengu obuthinta amabhizinisi.
Siyazi ukuthi zikhona izithiyo ezinqala zokushoda kwabantu kwezobulungisa. I-BLSA kade yawaseka amaphoyisa ngeBusiness Against Crime. Kepha manje sesigxile ezindleleni zokweseka ezobulungisa ikakhulu ebugebengwini obunzima obuthinta amabhizinisi ukuze kushushiswe ngempumelelo.
Izinkampani ezizimele zinala makhono – abaphenyi bobufakazi, abacwaningimabhuku nabameli. Njengoba sisetshisa umbiko kaZondo nezinyathelo othi kumele zithathelwe abathile, sizobe sicabanga ukuthi iBLSA ingazihlanganisa futhi izikhiphe kanjani izinsiza ukuze yeseke ezobulungisa.
Umbiko kaZondo ushiye umsebenzi omningi okumele wenziwe. Nakuba la makhasi awu-5 500 equkethe imininingwane eminingi ngezinyathelo ezithile okumele zithathwe, okuningi kuthi akuqhutshekwe kuphenywe. Lolo phenyo lungenziwa lube lula ngobufakazi obuqoqwe yiKhomishana kodwa kuningi okuzomele kwenziwe wukuqinisekisa ukuthi abashushisi babanamacala anqala.
Sidinga ukuthi loku kwenziwe ngokushesha. Kusukela kwiFinancial Action Task Force, inhlangano yomhlaba ecabanga ukufaka iNingizimu Afrika kwi-grey list ngenxa yokuhluleka kwayo ukulwa nokushushumbiswa kwemali nemali esetshenziselwa ukweseka izenzo zomushokobezi kuya ezidingweni zosomabhizinisi bezwe zokuthi bakwazi ukusebenza ngaphandle kokusaba noma ukukhwatshwaniselwa, zinkulu izindleko uma kungahlulekwa. Sidinga ukuthi abantu bashushiswe futhi bagwetshwe.
Zikhona izimpawu zenqubekelaphambili. Ukuboshwa kwezelamani zakwaGupta eDubai nokuqala kwezinhlelo zokubuyiswa kwazo kubalulekile. Ngesonto elidlule uPhiko lokuShushisa kuZwelonke (iNPA) luqale ukushushisa inkampani ehlangene noMnu u-Iqbal Sharma okusolakala ukuthi yakhokhelwa ngokungemthetho uR24.9 million wumNyango wezoLimo waseFree State – imali eyaphelela enkampanini yakwaGupta. I-NPA kumele ishayelwe izandla ngalo msebenzi, nakuba sazi ukuthi usemkhulu umsebenzi osihlalele.
I-BLSA izobheka izindlela engaseka ngayo loku okwenziwayo. Sizobonisana namalungu ethu ukubheka izindlela okufanele sizilandele. Ngimagange ukusebenzisana nawo wonke amalungu ethu ukuze sihlanganise izinsiza ezidingekayo.
Umbiko womcwaningimabhuku-jikelele othusayo ngesimo somasipala base Ningizimu Afrika nokuvezwe yiNPA ePhalamende ngesimo senkohlakalo kohulumeni bendawo kutshengisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi sakhe uhulumeni ongezukulawulwa ngokujuba abantu ngokwezinhlangano zepolitiki.
Omasipala abangenzi kahle baxosha osomabhizinisi futhi bandisa nokuntuleka kwemisebenzi. Baphinde babhebhezele inkinga yethu yokushoda kukagesi njengoba bekweleta u-Eskom u-R25.7 billion. Lezi yizinkinga zepolitiki ezidalwa yiqembu elibusayo ngokunika abantu abangafanele umsebenzi. Loku kudinga izixazululo zepolitiki ezisheshayo.
INingizimu Afrika ibheke esimweni esibi kakhulu njengoba izexwayiso zokushoda kwamanzi sezizitshwe isikhathi eside. Ukungasukunyelwa kokuthuthukisa ingqalasizinda entsha nokugcina ingqalasizinda ekhona esimweni esifanele kwenza ukuthi umsebenzi wokuthi sibe namanzi anele ube nzima.
Isisombululo kule nkinga yamanzi wukuvuselela omasipala nokwenza kube lula ukusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele ukuthi kuqhubeke umsebenzi wokuphucula ingqalasizinda.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

