Iyancomeka imizamo yomNyango wezeziMali ezweni, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule ibamba lomqondisi-jikelele emNyangweni wezeziMali ezweni uMnu u-Ismail Momoniat nomholi wehhovisi lesabelomali uMnu u-Edgar Sishi benze isethulo kwiNedlac ngohlelo abalulandelayo ngokulungiselela ukwethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba. 

Ngihlale ngicabanga ukuthi loku kuyinto ebalulekile ekusebenzeni kwalo mnyango nasekuvezeni yonke into obala ethinta ukuhlanganisa isabelomali. Akumangalisi ukuthi isabelomali saseNingizimu Afrika sibalwa nezenziwa kahle emhlabeni ngokubeka izinto obala.

Ingenze ngicabange ngesizathu esenza osomabhizinisi bafise ukubona isabelomali esenziwe ngendlela. Zimbili izinto ezithinta isabelomali: senza uhulumeni asebenze ngendlela ehlelekile futhi uhlinzeke izidingo ngokokuhambisana nomgomo wokulawula imali. Akuzona izinto ezifanayo lezi – uhulumeni osebenzayo usho kokubili; ukwengamela imali ngendlela nokuyabela lezo zikhungo zikahulumeni ezizoyisebenzisa kahle ukuze kutholakale imiphumela esiyifisayo.

Umgomo ngokusebenza kwemali wona uhambisana nezinjongo ezinkulu zomnotho, ikakhulukazi ezithinta ukuthi siwukhulisa kanjani umnotho wethu.

Sidlule esikhathini esinzima; iminyaka yokugwamanda amandla ombuso ifakele umNyango wezeziMali ezweni ingcindezi, sabishisa ezikweletini kanti nokuhlinzekwa kwezidingo akwenziwanga kahle kwafana nokuthi sichithe imali. Ukutakula amabhizinisi kahulumeni amaningi anenkohlakalo nangasebenzi kahle wumgodi izinsiza zomphakathi eziphelele kuwona kanti nakwezinye izindawo kuhulumeni bekuchithwa imali udede kusukela komasipala kuye ezifundazweni lapho bebengakwazi nokuphothula ukucwaninga amabhuku nokulandela izinyathelo zomthetho.

Ukungasebenzisi imali ngendlela efanele emphakathini kuyinkinga yawo wonke umuntu eNingizimu Afrika kodwa osomabhizinisi bakhathazwa kakhulu yinqubomgomo yezimali. Eminyakeni embalwa edlule bekukhathazekwe ngokunyuka mawala kwesikweletu sezwe. 

Indlela esikleliswa ngababheka amazwe abangatshala imali kuwona kwehlile kuzona zontathu izinkampani “ezinkulu ezintathu” ezibuyekeza amazwe ngesikhathi kuqala ubhubhane iCOVID-19, nokusho inzalo enkulu uma iNingizimu Afrika iboleka imali.

Njengoba amazinga esikweletu ebeqhubeka enyuka, bekubonakala ukuthi sizulelwa ngamanqe njengoba bekubonakala sengathi umnotho wezwe uzowa ngenxa yezikweletu nokusinciphisele izixazululo kwaze kwadingeka ukuthi sitakulwe yi-International Monetary Fund, sadedela ubuzwe bethu.

Kuyinto enkulu ukuthi eminyakeni emibili edlule umNyango wezeziMali ukwazile ukushintsha loku. Uthembise ukuthi uzolawula ukusetshenziswa kwemali. Ususebenzile kakhulu walekelela ukwakha ukuthembana. 

Sibonga nokunyuka kwesikhashana kwamanani okumbiwa phansi okunjenge-platinum, umNyango wezeziMali unyelwe yinyoni esandleni, nokusizile ukuphungula isikweletu masinyane kunobekulindelekile. Loku kwenza osomabhizinisi babuyelwe yithemba. Asisekho isidingo sokubuka ingozi yokuwa komnotho uma bethatha izinqumo zokutshala izimali.

Ingxenye ebalulekile yenqubomgomo yezimali wukubheka ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi indlela uhulumeni osebenzisa imali ngayo ibe nomphumela omuhle ekukhuleni komnotho. Kungabonakala sengathi indlela uhulumeni osebenzisa imali ngayo ihlale inomphumela omuhle kodwa akunjalo. Uma sisuke sisikhulu isikweletu sezwe, osomabhizinisi bayakhathazeka ngokuthi ngesikhathi uhulumeni usebenzisa imali mawala, leyo mali isuke ingasetshenziswanga ngosomabhizinisi. Ukwanda kwemali esetshenziswa wuhulumeni kuba nomphumela ongemuhle.

Okubalulekile wukuthi imali isetshenziswe kuphi. Sidinga uhulumeni uqinisekise ukuthi ingqalasizinda iyasebenza. Ukusebenzisa imali kwingqalasizinda kwandisa umthamo womnotho, okusiza ukwandisa amathuba emisebenzi nokukhiqiza. 

Mina njengabanye abaholi bamabhizinisi bengikhungethwe wukuthi ngesikhathi amanani okumbiwa phansi ephezulu, ubunciphile umthamo wezimpahla esizidayisela amanye amazwe ngoba izitimela namachweba ethu akusebenzi kahle. Le mali esiyitholile ibingaba ngaphezulu kakhulu ukube sasitshale ngendlela efanele kusenesikhathi.

Ngenkathi kugwamandwe amandla ombuso imali idliwe, kunokuthi itshalwe. Loku sekushintshile manje. Ngithokozile ukubona uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesonto elidlule ethi imali ezosetshenziswa kwingqalasizinda izonyuka ngo-30%. Loko yinhloso enhle yenqubomgomo yezimali – yikona okwenza umnotho ukhule, okuzolethela uhulumeni imali eyanele yokweseka izinhlelo zawo zenhlalakahle yabantu. Sidinga ukuthi kubekwe eminye imigomo emva kwaloku: imigomo yezimboni ezoqinisekisa ukuthi sikhiqiza izimpahla ezizohlomula ngokukhula kwengqalasizinda.

Kungaba ngcono uma umnyango ungahlanganisa konke okuthinta inqubomgqomo yemali kube ngaphansi kwawo, kunokuthi kuhlukane kube nakweminye iminyango njengoba kwenzekile eminyakeni edlule. Sizoqhubeka sibonisane nomyango ngalokho ezigcawini ezifanele lapho kuxoxiswana khona. Osomabhizinisi bayahambisana kakhulu nemizamo yawo. 

Ukuvuselela amabhizinisi kahulumeni ukuze ezosebenza futhi akwazi ukuzimela nangokwezimali kubalulekile ukuthuthukisa umnotho nasekubeni nezwe elisebenza kahle. 

Uma uhulumeni ukholwa wukuthi ibhizinisi kumele liguqulwe ngokuthi linikwe imali, leyo mali kumele iqhamuke kubatshalimali abazimele kunokuthi kubekwe engozini imali yabakhokhintela enkampanini enethuba elincane kakhulu lokuphumelela. INingizimu Afrika ngeke isakwazi ukuloku izifaka ezikweletini.

Ngohlelo lukagesi olusha, iNingizimu Afrika isizama ngayo yonke indlela ukulwa nenkinga kagesi, okunika ithemba lokuthi ezinye izingxenye zomnotho ezingaqhubi kahle nazo zingalungiseka. Uhlelo lukagesi luzama ukubhekana nemidanti edingakayo ukuze sikwazi ukwakha isiteshi sikagesi. 

Sidinga icebo elifanayo ukuxazulula inkinga yezokuthutha, ukuqeda ngemidanti ezweni nakomasipala kungakhulisa umnotho futhi kuvule amathuba omsebenzi.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page