Umonakalo wezikhukhula udinga ukuthi kubanjiswane ngendlela okwenziwa ngayo kubhekenwe neCOVID-19, kuloba uBusi Mavuso

SIMELANE kahle nezinselelo esibhekane nazo siyizwe, ikakhulukazi yeCOVID-19, sibambisane kahle uhulumeni nosomabhizinisi.

I-Solidarity Fund ihlanganise umphakathi, uhulumeni nemboni ezimele ukuqoqa imali yokubhekana neCOVID-19 ngendlela efanele. Osomabhizinisi bahlanganise inhlangano yamavolontiya ngokushesha iBusiness for South Africa kwahlanganiswa izinsizakusebenza ezitholakale embonini ezimele futhi kwasetshenziswana nomNyango wezeMpilo ukuhlinzeka umgomo.

Loku kuphumelele ngenxa yendlela uhulumeni owakuthatha ngayo, nokulangazelela kwawo ukusebenzisana nezinye izinhlaka. Kubanjiswene ngempela kwahlanganiswa amakhono nezinsizakusebenza ukuqinisekisa ukuthi kubhekwana nalesifo ngendlela efanele.

Nokho inselelo kuba wukuqinisekisa ukuthi bonke ababambisene banabantu abenele ukuxoxisana nokuhlelela ukusebenzisana okunjena. Uma kubhekwa izikhukhula zaKwaZulu-Natali, loku kubonakala kuyinkinga. Ikakhulukazi esigabeni sohulumeni basekhaya, abekho abantu abenele ukuhlola umonakalo odalwe yinhlekelele ukuze kwazeke ukuthi kudingeka usizo olunjani. Lolu wusizo olungaqhamuka kosomabhizinisi nohulumeni omkhulu. Yimali ewuR1 billion ehlinzekwe wumNyango wezeziMali ezweni kodwa engasetshenzisiwe iyakufakazela loku.

Ayikathintwa ngoba umgcinimafa akakazitholi izicelo ezinamaphepha afanele ezisuka ezinhlakeni zesifundazwe nomasipala ezidinga ukusebenzisa le mali. Loku kutshengisa inkinga yokushoda kwabantu, ohulumeni basekhaya abakwazi ukuhlola umonakalo nokulungiselela ukuthi bazowulungisa kanjani.

Osomabhizinisi bangaziqoqa izinsizakusebenza bazame ukubambisana nezinhlaka zikahulumeni nezinhlangano ezingenzi inzuzo lapho ezidingeka khona. Kepha inselelo wukuhlola ukuthi yikuphi okudingekayo. Osomabhizinisi bangakwazi ukuhlola umonakalo ngqo ukuze baqonde ukuthi kufanele kungenelelwe kanjani. Kepha inselelo wukuthi osomabhizinisi bazokwazi ukuhlola ezindaweni abasebenzela kuzona kuphela. Okufanele kuqalwe ngakho wukulekelela ngezinsizakusebenza ezidingakayo, kuhlolwe umonakalo bese kuhlelwa ukuthi kuzolungiswa kanjani ngokushesha.

Uma singasebenzisa izikhukhula zaseKZN njengesibonelo, izibalo zomonakalo zihlukene kakhulu njengoba ziqala ku-R1bn ziye ku-R50bn. Lo mehluko ukhombisa ukuthi akukavunyelwana ngokuthi ungakanani umonakalo osuhloliwe futhi alikho necebo lokuwulungisa.

Akufanele nje sibheke ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula kuphela kodwa kumele siphucule izindlela zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu. Kusadingeka usizo oluphuthumayo njengoba kunezinkulungwane ezikhosele ezindaweni zesikhashana necebo lesikhathi eside.

Sekunemizamo yokugqugquzela ukusebenzisana ukuze kusizwe futhi kwakhiwe kabusha. Sisabuka ukuthi osomabhizinisi bangayeseka kanjani le mizamo. Njengoba sazi-ke, izinhlekelele azifani futhi sifunda izindlela ezitsha zokubhekana nazo uma siqhubeka sizibona. Nokho-ke okungashintshi wukuzinikela kosomabhizinisi wukubambisana nazo zonke izinhlaka ukuxazulula izinkinga. 

INingizimu Afrika isengozini yokufakwa ohlwini lwamazwe athathwa ngokuthi ashushumbisa imali yinhlangano eqapha lokhu iFinancial Action Task Force olubizwa nge-grey list, gaphandle uma izokwazi ukuhlangabezana nezimiso okufanele izigcine ungakashayi u-Okthoba.

Ukufakwa kulolu hlu kusho ukuthi osomabhizinisi nezinhlangano ezingenzi inzuzo bazoba nemicikilisho eyengeziwe ukucacisa ukuthi imali bayithole kanjani. Loku kuzodicilela phansi isithunzi seNingizimu Afrika njengoba sizokwaziwa njengezwe elishushumbisa imali kanti-ke njengoba sivele saziwa ngenkohlakalo, loku kuzoxosha abatshalimali abazobheka kwamanye amazwe. Umnotho weNingizimu Afrika ovele uzishayekele awukwazi ukumelana nomthwalo wezinye izinto ezingaxosha abatshalimali.

Uhlaka lweNational Development Plan: Vision 2030 luyinqubomgomo ekhaliphile. Lumiswe ngobufakazi, hhayi ngemibono yabantu. Ukuhluleka ukufinyelela kokuhlosiwe akusho ukuthi kumele silulahle kodwa iNational Planning Commission kudingeka ukuthi ibuyele emuva ibheke inhloso ngayinye bese ibuyekeza izinhlelo ukuze kubekwe izinjongo ezingafezeka.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page