Akukho okuhlabe umxhwele ngenkulumo kaRamaphosa, kuloba uNtokozo Biyela

KULE ngosi ngifisa sibheke inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa yangesonto elidlule. Cha, angiqonde kuhlaziya inkulumo yakhe ngokuphelele kodwa ngithanda sigxile kwisigatshana akhulume kuso ngezinto athe uhulumeni uzozishintsha uma kuziwa kwezosomabhizinisi abasebancane, iningi labo okungabantu abamnyama.

Ayingihlabanga umxhwele neze le nkulumo. Bekungathi ngilalele enye yezinkulumo zakhe zaphambilini. Empeleni, sengathi umengameli uvele wahosha enye inkulumo yakhe ake wayethula, wathi “fakani izinkulumo zami zonke endishini, ngizocimeza, engizoyitomula yiyona engizoyethula kubantu baseNingizimu Afrika”.

Ngizama ukuthini na? Ngizama ukuthi yonke le nto ayishilo ngokukhokhela osomabhizinisi abancane ngokushesha abavamise ukwenza imisebenzi kahulumeni yinto esiyiculo elidala leli kuloku kwathi nhlo, akukazekuba namehluko uma kuziwa kuleso sethembiso.

Mhlawumbe iyodwa into entsha kuko konke loku akubalulile – wukuthi useqashe uqweqwe lukasomabhizinisi uMnu Sipho Nkosi ozosiza ukunciphisa imicikilisho eyenza ibe nzima impilo yosomabhizinisi.

Ukungenelela kukaNkosi kubhekwe ukuthi kulekelele osomabhizinisi abancane bahwebe kalula. Ayiyintsha le nto, kunini kwakukhulunywa ngokuthi iNingizimu Afrika ngelinye lamazwe okunzima kakhulu ukuba nebhizinisi kulona uma uwusomabhizinisi omncane futhi omnyama?

Sihlale sibona mihla yonke amaphoyisa kamasipala nakahulumeni exhaphaza osomabhizinisi abancane ebadlela izimpahla noma esaphaza imikhiqizo abesuka beyidayisa ngoba bemi kwelokuthi abanayo imvume yokudayisa lezo zimpahla noma ukudayisela endaweni ethize.

Okubuhlungu wukuthi abanandaba ukuthi labo somabhizinisi abancane balahlekelwa imikhiqizo yabo abayisebenzele kanzima nenzuzo obekufanele bayenze ngalezo zimpahla. Yikona-ke okujabulisa abashaya imithetho komasipala bese bezibona ukuthi baqondisa izigwegwe kanti cha balimaza ikusasa losomabhizinisi abancane abamnyama abazama ukuxosha ikati eziko.

Ngisho nemali yokubhalisa ibhizinisi nokuvula i-akhawunti ebhange kumba eqolo. Omunye angathi kanjani ngoba inani lincane uma kuthiwa lisuka kuR125 kuya kuR475 uma ufuna ukubhalisa inkampani eCompanies and Intellectual Property Commission?

Yebo, yincane kwabadla izambane likapondo. Cabanga nje umuntu oziholela imali yesibonelelo sikahulumeni sokungasebenzi uR350 onephupho lokuvula inkampani yakhe? Kufanele kuwona lo R350 agibele ngoR50 bese ekhokha uR125 wokubhalisa inkampani, kufanele athenge nesitoko azoqala ngaso. Uzoyithatha kuphi eyokondla umndeni wakhe?

Uma sibuyela ekuqokweni kukaNkosi, kunenkinga esengike ngayinaka kosomabhizinisi asebaphumelela empilweni, abaziqondi ngokuphelele uma kuziwa kuzo zonke izinkinga zosomabhizinisi abancane abamnyama. Sebecabangisa okwabelungu ngoba kubona yonke into isiyenzeka kalula.

Uthola umuntu ethi ngicela ungithumelele i-email noma i-scan samaphepha afunekayo; akhohlwe wukuthi iningi losomabhizinisi abancane abamnyama inkinga yabo iqala ngokungabi nayo i-data.

Uma ungena-data, ayikho into ongakwazi ukuyenza. Angiyiphathi-ke eyokugibela uye e-internet café eseduze ukuyogaya bese usayina ngaphambi kokuthumela. Loko nje kungakubiza imali engacishe ifike kuR100 isihlangene neyokugibela, into osomabhizinisi abakhulu okuyinto elula nje kubona.

Engizama ukukusho wukuthi umengameli kufanele aqonde ukuthi noma angaqasha oNkosi abayishumi, uma nje umqondo wabo ucabangisa okosomabhizinisi abakhulu, akukho lutho okuzoshintsha.

Mina bengingaluleka uRamaphosa ukuthi enze ikomidi losomabhizinisi abancane elizomeluleka ngezinkinga osomabhizinisi abancane ababhekene nazo, nokuthi lezo zinkinga zingaxazululwa kanjani.

Uma sisazophika nokuthi izinkinga zosomabhizinisi abancane zizosombululwa ngabadla izambane likapondo, iningi labo abangenandaba nosomabhizinisi abancane abamnyama, asivele sikhohlwe.

Le nto ifana nomqondo osopolitiki, ikakhulukazi be-ANC, abanawo abavalela intsha ngaphandle ezikhundleni zobuholi bese becabanga ukuthi yibona kuphela abanelungelo negunya lokuletha izisombululo ezinkingeni intsha ebhekene nazo.

Uletha kanjani izisombululo zentsha wena ususondele ethuneni uzobe ungasekho ngaleso sikhathi othi lezo zinguquko ziyokwenzeka ngaso?

Ayikho into ebihlabahlosile ngenkulumo kamengameli, ubedlala ikhasethi endala nje eyaziwayo.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page