Sidinga ukufakelwa izibuko isiphakamiso selekgotla ye-ANC ngemisebenzi, kuloba uBusi Mavuso

KUFANELE sizibuze ukuthi kungani amabhizinisi engatshali, engakhuli futhi engaqashi abanye abantu? Ngiyavumelana nezixazululo eziqhamuke nelekgotla ye-ANC ngesonto elidlule yize kodwa ngikhathazekile.

Isitatimende besiqinisile uma sithi izinga lokungasebenzi kwabantu eliwu-35% nelokungasebenzi kwentsha eliwu-50% liyakhathaza kakhulu.

Sengisho kaningi ukuthi lena yinkinga edinga umnyakazo omkhulu. Kepha iziphakamiso zingenze ngakhathazeka. Isitatimende sithi akubanjiswane ukulwa nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi nobubha.

Siqhuba sithi zonke izinhlaka zomphakathi ngisho nosomabhizinisi abancane kumele zizibophezele ukuthi “zizofaka isandla kulo msebenzi wokuthuthukisa isizwe”.

Kuthiwa amabhizinisi kuzofanele azibophezele ukuthi azotshala futhi eseke ukuthengwa kwempahla ezweni kanjalo nokuthuthukiswa kosomabhizinisi abamnyama.

Kuthiwa futhi izinyunyana nomphakathi nabo kuzomele “bazibophezele ukuthuthukisa izinga lokukhiqiza, amakhono namabhizinisi”.

Izinkampani zihlale zikujabulela ukwandisa isibalo sabantu ezibaqashile. Lonke ibhizinisi lifuna ukukhula. Kepha kumele sicaceliseke ngemibandela ibhizinisi elingakwazi ukwandisa isibalo sezisebenzi ngalo, okungekuhle-ke wukuthi ilekgotla ididekile ngaloku.

Ibhizinisi ngelokwenza inzuzo. Ukusho kanjena nje akuphelele. Amabhizinisi ayizinto eziningi ezihlukene. Asemphakathini futhi eseka izifiso nezidingo zabantu abahlukene kusukela kubanikazi bawo, amakhasimende kuya kwizisebenzi nemindeni yazo.

Uma ucabanga ukuthi kufanele anxeshezelwe kanjani amabhizinisi ukuze afeze izinhloso zemigomo kahulumeni, kunezinto okufanele zibhekisiswe.

Asikwazi ukuphatha amabhizinisi sengathi ayinkampani eyodwa esingavele sixoxe nayo nje ngokunikela. Kumele senze ukuthi indawo okusetshenzelwa kuyona yenze ukuthi kube lula ukuthola le miphumela esiyifisayo.

Amabhizinisi awatshali imali ngoba naku ezibophezele. Ayikho leyo nto, kunenqwaba yamabhizinisi abhalisiwe nangabhalisiwe ancintisanayo. Into kuphela angazibophezela kuyona ngoba icacile ebhizinisini wukuzama ukungawi nokuphumelela.

Kumele empeleni sizibuze umbuzo wangempela othi: “Kungani osomabhizinisi bengatshali, bengakhuli futhi bengandisi isibalo sabantu abaqashiwe?”

Iqiniso wukuthi amabhizinisi aseNingizimu Afrika awenzi inzuzo edingekayo ukuze akhule. Izibalo zeStatistics South Africa ziveza ukuthi inzuzo yezinkampani yehla ngo-2020, ikakhulu ngenxa yobhubhane. Ngalowo nyaka inzuzo yehla ngo-86% uma kuqhathaniswa nango-2019. Loko kwehla kuyezwakala kodwa empeleni yinto ekade yaqala njengoba ukwehla kwenzuzo seloku kwaqala ngo-2008. Ngo-2019, inzuzo emva kokuthathwa kwentela emnothweni wonke yayiwu-2%, nokukhombisa ukwehla kancane kancane kusukela ngo-2008, lapho yayiwu-6% khona. U-2020 uyohlale ugqamile emlandweni njengoba inzuzo yayiwu-0.3%.

Le nzuzo ewutiki inemiphumela eminingi engemihle. Okokuqala nje amabhizinisi akhokha intela encane. Kodwa futhi kusho ukuthi abakwazi ukutshala. Loku kungenxa yokuthi uma ingekho inzuzo, ayikho imali oyilondolozayo nongayitshala.

Okunye wukuthi ngaphandle kwenzuzo kusho ukuthi imali oyitshalayo ngeke ibuye, ngakho ngeke ukwazi ukuboleka ukuze utshale imali.

Yilezi zinto engifisa sengathi ngabe ilekgotla ye-ANC ibibhunge ngazo. Uma sizolungisa inkinga yokuntuleka kwemisebenzi kumele kuqale kushintshe izibalo emabhizinisini. Kumele abone amathuba azoletha inzuzo ehambisana nobungozi abuthathayo. Yileso sikhathi kuphela lapho ezovuma khona ukuzifaka engozini yokuboleka noma atshale imali ayibekile. Yileso sikhathi kuphela lapho ezokwazi khona ukukhula kuze kugcine ngokuthi andise isibalo sabantu abaqashile.

Loko ngeke kwenzeke ngalesi siphakamiso. Kungafezeka ngokubhekana nezinselelo amabhizinisi amelana nazo ukuzama ukwenza inzuzo; okuyizindleko eziphezulu, ugesi obizayo nobuye ungabi bikho, ukungasebenzi kahle nokubiza kwamachweba nezokuthutha, ukubiza kwezokuxhumana, izinga lamakhono ezisebenzi ngenxa yezemfundo, ukuphepha kwamabhizinisi nokuthemba indlela omasipala abahlinzeka izidingo ngayo.

Kuningi okungenziwa ukubhekana nazo zonke lezi zinto nokunye okumqoka. Izinhlangano zamabhizinisi zingathanda futhi zizimisele ukuthi kuboniswane nazo zonke izinhlaka ukuze kutholakale indlela. Kepha loku ngeke kwenzeka ngale ndlela okuphakanyiswe ngayo ngenxa yendlela ibhizinisi elisebenza ngayo. Loko ngeke kusiyise ndawo.

I-Nedlac (isigcawu sikahulumeni, amabhizinisi nezinyunyana) imvamisa isithathwa njengendawo lapho umgomo ufike ufe khona kodwa izingxoxo phakathi kwezinhlaka ziphaphame kusukela kwaqala iCOVID-19 kanti zithela izithelo.

I-World Economic Forum ibale izinto ezinhlanu ethi ziyingozi kakhulu kwiNingizimu Afrika, nethe wukuqhubeka kwesikhathi ungakhuli umnotho, wukuntuleka kwemisebenzi, wukuwa kukahulumeni, wukungasebenzi kahle kwengqalasizinda, nokwanda komnotho okhuliswa yizinto ezingekho emthethweni. 

Akekho ongaphikisana naloko kodwa njengoba kuza ingqungquthela yokukhetha abaholi be-ANC ngoDisemba ngikhathazekile ukuthi kuzobe kunakwe okunye. Mkhulu umonakalo ongenzeka kwipolitiki ngalesi sikhathi eside kangaka.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page