Kahleni madoda, sekwanele ngokuhlukumeza abantu besifazane, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithi angithinte isihloko esingibindayo njengomuntu osebenza futhi ocija abantu abaningi besifazane abasebhizinisini noma abafuna ukungena ebhizinisini.

Lena imayelana nezinswelaboya zabantu besilisa abakhubaza abantu besifazane, ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Babakhubaza kanjani na?

Iningi lezikhungo ezibolekisa ngemali, ikakhulukazi ezikahulumeni, zigcwele abantu besilisa abathatha izinqumo mayelana nokuthi amabhizinisi ayabolekwa yini imali noma cha. Loku kwenzeka emva kokuhlolisisa amaphepha asuke efakwe wumuntu odinga imali yokukhulisa ibhizinisi ngesikhathi esithile.

Ucwaningo engizenzele lona luveza ukuthi inqwaba yabantu besifazane lithwala kanzima uma lizama ukulandela kahle imigudu yokuboleka imali yokusimamisa ibhizinisi. Ngisho ngabe umuntu wesifazane unazo zonke izimfanelo ezidingekayo zokubolekwa imali kodwa kuba kukhona umuntu wesilisa oyimpisi oloku efuna izinto ezingahlangene nokufuna imali komuntu wesifazane.

Uye uthole ukuthi kunabantu besilisa abayizimpisi abasuke sebeqhutshwa yinkanuko, umuntu esehlupha ingane yabantu eyishayela ucingo efuna ukuthi bahlangane njalo noma bahlangane ebusuku emahhotela ecasha ngokuthi uthi uzama ukuyilungisela ukuze ithole imali eyifunayo.

Uma kungenjalo uyobuza into engapheli ngoba efuna ukubona usisi wabantu, yena ongekho lapho, inhliziyo yakhe noma umqondo wakhe ogxile ekutheni athole usizo lwemali ukuze akwazi ukuthuthukisa ibhizinisi lakhe, ondle izingane zakhe.

Kuyadabukisa ukubona abanye abantu besilisa behlukumeza abantu besifazane emoyeni ngenxa yamandla abanawo ngokomsebenzi wabo, umuntu akhohlwe wukuthi uqashiwe uyaholelwa ukuthi asize isizwe, ikakhulukazi osomabhizinisi besifazane.

Uma kuwukuthi umuntu wesifazane akayingeni indaba yokufeza izinkanuko zalowo muntu wesilisa, umuntu wesifazane wenkosi useyoba nyamanambana kuye nakubo bonke asophikweni abezama ukuthola imali kulona.

Madoda yimbi leyo nto, yiyekeni. Anibulali kuphela ikusasa labantu besifazane abaningi abazama ukufaka isandla ekukhuliseni umnotho wakuleli zwe kodwa nibulala ngisho bona uqobo lwabo. Nehlisa isithunzi sabo.

Angikholwa ukuthi nawe nje uyindoda uphelele ungavuma ukuthi kube khona umuntu wesilisa ofuna ukulala nomkakho, udadewenu noma ingane yakho ngaphambi kokuthi amsize. Yisifo esimbi lesi endimeni yamabhizinisi.

Uhulumeni ufike uhlinzeke ngemali yokuthuthukisa osomabhizinisi, ikakhulukazi abamnyama besifazane, kodwa thina madoda, ikakhulukazi amnyama, kube yithina esima endleleni yempumelelo yabo.

Ngaloku angisho ukuthi ezinkampanini ezizimele akwenzeki loku,  nakhona kuyenzeka. Ziningi nakhona izimpisi ezigqoke isikhumba semvu. Le nto yehlisa ngisho isithunzi sethu singamadoda. Kade abantu besifazane bacindezelwa. Bacindezelwa nxa zonke, bacindezelwa yimithetho yomhlaba, eyezwe, amadoda abelungu abaphethe, abesifazane babelungu ababaphethe nezinye izizwe, bese nathi madoda amnyama sibangcwaba bephila?

Singamadoda abantu abamnyama ake siphokophele ukuthi sifuna ukubona izimbali zesizwe sethu ziphumelela kwezizama ukukwenza emabhizinisi azo.

Ingiphatha kabi le ndaba yokuthi kunenqwaba yabantu besifazane abaphoqwa ukuthi baye ocansini kuqala nababasizayo ukuze bathole usizo. Uma kungenjalo, sebeyoloku beqa lonke uhlobo lwemifula, amawa nezintaba ukuze bathole usizo.

Kahleni madoda ake sibe nonembeza, singenza kangcono. Ngiyazi baningi abantu besilisa abafisa ukusiza abantu besifazane njengami. Masihlanganiseni amakhanda sakheni isizwe esiqotho lapho thina madoda sibeka abantu besifazane bethu eqhulwini.

Ukucindezela umuntu wesifazane ngenxa yokuba nomgolo noziphu oxegayo kufana nokunukubeza ngokocansi. Kuyekeni madoda.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page