Asivuleke amehlo sibone amathuba abanye abawabona ezweni lethu, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuthi singenza kanjani ukwakha umnotho wethu singabantu abamnyama. Ngike ngaphakamisa emasontweni edlule ezinye zezindlela okumele sizenze ukubuyisa umnotho ezandleni zethu ngoba ngeke nangengozi laba abawukinatele bawubuyise.
Ziningi izindlela uhulumeni asezizamile ukufaka abantu abamnyama ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo emnothweni wezwe waseNingizimu Afrika. Ngake ngasho, ngisaphinda futhi ngiyasho, abaphethe umnotho abazimisele ukuwudedela ngoba ubaluleke kakhulu kubona. Ukuwudedela kwabo kusho ukuphelelwa amandla omnotho. Akekho-ke umuntu ofuna ukungabi namandla omnotho, ngoba loko kusho ukuthi ngeke esalawula.
Imali inikana amandla okulawula noma yini. Ungahamba umhlaba wonke, uzobona ukuthi amazwe asebenzisa amandla emali ukulawula amanye, izizwe zisebenzisa imali ukulawula ezinye, abantu basebenzisa imali ukulawula abanye. Loku bakwenza ngokuthi babenezizinda zokwenza noma ukukhiqiza izinto nokuzisabalalisa.
Uma ubheka uzobona ukuthi into yokuqala abelungu abayenza ngenkathi bethatha izwe benza isiqiniseko sokuthi bathatha umhlaba, beza ngomnotho wezwe, kwalandela izinhlelo zokutshala nokukhiqiza izitshalo nemfuyo. Ngaleyo ndlela benza isiqiniseko sokuthi thina esiwumsinsi wokuzimilela ezweni asisenawo amandla okuzenzela izinto kodwa manje sekufanele sihlale sikhothama kwabanamandla okukhiqiza izinto ezenza ukuthi siphile.
Kwase kufika amaNdiya ezosebenza, kwathi ngokuhamba kwesikhathi nawo abona ukuthi ukuze ame asimame njengesizwe kumele athole amandla omnotho. Athe esethole lonke ulwazi aludingayo ase eqala akha izimboni zawo. Nawo alawula imakethe ngomnotho belu.
Manje sekutheleke amaShayina. Nawo afika enza into efanayo nabafika ngaphambi kwawo. Aphinde avuleka amasango kwangena abafowethu bakwamanye amazwe e-Afrika, nabo bafike babona amathuba baqala amabhizinisi.
Umbuzo uthi kanti yini le ebonwa ngabanye abantu thina msinsi wokuzimilela esingayiboni? Uthi namanje asiboni ukuthi leli zwe lethu yizwe loju nobisi, lapho wonke umuntu afika khona afeze amaphupho akhe ebengakwazi ukuwafeza lapho edabuka khona?
Kuyadabukisa ukubona ukuthi siyisizwe esimnyama sesaphucwa umdlandla wokuzenzela izinto, sesibheke kwabanye ukuthi basenzele noma basinike esikufunayo. Kanti umthetho wethu sasingabantu abakwazi ukuzenzela izinto ngaphambi kokuthi kufike abokuhamba ezweni lobabamkhulu.
Indlela yokubuyisa umnotho wukuthi sizenzele izinto thina mathupha. Kuthi uma sesiqalile ukwenza loko, bese sivala amasango esiwavulile ukuthi izinto zifike emiphakathini yakithi namadolobha ethu thina bantu abamnyama.
Uma ubhekisisa, bonke abantu abakwazi ukuzenzela izinto, benza njalo. Baqala izimboni zabo, bakhiqize zonke izinto abafuna ukuzikhiqiza bese besidayisela thina esiyimakethe yabo. Ayikho into abayithenga kithina. Uma ikhona, bayithenga kithina ngamanani aphansi bese bejika bedayisela thina ngenani eliphezulu. Uyabona nje ukuthi badlala ngathi ngoba bazi kahle ukuthi thina asikwazi ukuzidayisela futhi yithina esiyimakethe enkulu kunazo zonke.
Uma kungenjalo bathatha imikhiqizo yethu yezinto zesintu bahambe bayoyidayisa phesheya kube ngathi yenziwe yibona, badle enhle imali lena. Kusenjalo namanje nangomnotho wokumbiwa phansi wase-Afrika. Kumbiwa umnotho wethu, uhambe uye emazweni aphesheya, bawusebenzise ubuye usubiza imali emba eqolo.
Okufanele sikwenze wukuthi wonke amadolobha, ikakhulukazi ahlala abantu abamnyama, kufanele abe nezimboni ezikhiqiza i-toilet paper, impuphu, amafutha, i-rice, ubhontshisi, ushukela, ubisi nesinkwa. Zonke lezi zinto kufanele sikwazi ukuzenzela thina ngoba yizinto esizisebenzisa mihla namalanga.
Uma sike saqala lapho, sase sivala iminyango eletha lezi zinto zisuka kwabanye, kuyobe kuyigxathu elihle lokuqala kwethu ukuzuza umnotho ukuthi ubuyele ezandleni zethu. Emva kwaloko siyobe sesiza kwezokutshala nemfuyo.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
