Akuvulwe izikole ezizothuthukisa ulwazi losomabhizinisi abasafufusa, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yini eyenza osomabhizinisi abaningi abasafufusa eNingizimu Afrika bangaphumeleli emabhizinisini abazama ukuwaqala. Ziningi izizathu ezidala lokhu.

Esokuqala uhlobo lwemfundo esifundiswa lona thina bantu abamnyama. Ngake ngathi ukuyithinta le ndaba yemfundo esiyitholayo thina bantu abamnyama, ihlelwe ngendlela yokuthi sifundele ukuqashwa.

Esesibili yilesi sokuthi aziziningi izincwadi ezibhaliwe ngezilimi zesintu ezikhuluma ngamabhizinisi. Imvamisa uthola ukuthi ulwazi esinalo oluqhamuka kondlebezikhanyilanga.

Esesithathu wukuthi aziziningi izikhungo ezifundisa abantu bakithi abamnyama ukuthi liqhutshwa kanjani ibhizinisi ukuze uphumelele. Yingakho nje ubona iningi labafundi asebeneziqu bengakwazi ukushintsha umqondo wokufunda bawenze umqondo wokuqala izinto, kunokufuna ukusebenza izinto esenziwe abanye abantu.

INingizimu Afrika idinga inqwaba yosomabhizinisi. Idinga ikakhulukazi osomabhizinisi abaziyo ukuthi benzani futhi abaziyo ukuthi ibhizinisi liqhutshwa kanjani. Inqwaba yabantu abanamabhizinisi, ikakhulukazi abamnyama, abanalo ulwazi oluphelele lokuthi amabhizinisi aqhutshwa kanjani. Abanalo ulwazi oluphelele lokuthi zakhiwa kanjani izinhlaka zebhizinisi ezizokwenza ukuthi ibhizinisi lisimame isikhathi eside ngisho umnikazi walo engasekho. Abanalo ulwazi olwanele lokuthi kufinyelelwa kanjani ezimakethe abafisa ukuheha amakhasimende kuzo.

Osomabhizinisi abaningi abasafufusa bahamba ngolwazi olufushane. Ngiye ngithi ukuqhuba ibhizinisi kulula kakhulu. Ukuthola ukuthi abantu badingani bese wena wenelisa leso sidingo, bona-ke bazobe sebekukhokhela imali oyifunayo ngaloko.

 Inkinga iba sekutheni abaningi abazi ukuthi yiziphi izindlela ezinqamulelayo okumele bazithathe ukuze bakwazi ukufinyelela ebantwini abaningi abadinga usizo lwabo noma umkhiqizo wabo.

Isikole-ke mayelana nezamabhizinisi singena lapho. Ngicabanga ukuthi uhulumeni kufanele ayibukisise kahle le ndaba yokuthi asize kuvulwe izikole ezifundisa ukuthi ibhizinisi liqhutshwa kanjani kusukela ekuliqaleni kuya ekuyiseni umkhiqizo emakethe.

Ulwazi lubalulekile ngoba uma usulitholile kuba lula ukwenza izinto zenzeke ngendlela efanele. Baningi osomabhizinisi babantu bakithi abamnyama abanamakhono okudayisa kodwa bashoda ngolwazi olunzulu lwesayensi yokuqhuba ibhizinisi.

Osomabhizinisi abaningi abadayisa ematafuleni bazi loku abakwaziyo ngemakethe abasebenza nayo kodwa uma kungenzeka bangene esikoleni esifundisa ngezamabhizinisi abazoya kuso, ngisho nangezimpelasonto, bafunde cishe unyaka wonke kuningi okungashintsha kufukule umnotho wabantu abamnyama. Siyakwazi ukudayisa, hhayi ukuthi asikwazi kodwa manje sekufanele sifunde ngesayensi yokudayisa.

Ngisho imboni yamatekisi nayo idinga ulwazi olunzulu ngokuthi ingalisebenzisa kangcono kanjani ibhizinisi lale mboni yezokuthutha. Uma bengakwazi ukuthekela ulwazi olunzulu ngezamabhizinisi le mboni ingashintsha kakhulu. Ngeke besadinga ukuya emabhange beyoboleka imali yokuthenga amatekisi ngoba bangasungula ibhange labo batshelekise ngemali eyenziwa yibona uqobo. Ngeke badinge ukuthenga izinto ezifana namathayi ezimoto, izinto ezibalulekile ukukhanda amatekisi, ngoba ngabe banezindawo zabo abangathola kuzo lezi zinto. Bangaba namagaraji kaphethroli abo kuzo zonke izindawo ezweni. Bangaqonda ukuthi angakanani amandla abanawo, mhlawumbe kungaphela nokubulalana kubangwa imizila.

Engizama ukukusho wukuthi ukufunda kanzulu ngezamabhizinisi kubalulekile ngoba kusabalalisa umqondo. Yebo, iyancomeka imizamo kahulumeni yokuzama ukucobelela osomabhizinisi abasafufusa ulwazi ngokubamba izimbizo zamabhizinisi kodwa lezo zimbizo azanele. Sidinga izikole ezizosiza osomabhizinisi abasafufusa nenqwaba yabafundi abahleli neziqu emakhaya.

  • UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page