Asiqonde amandla esinawo singabantu abamnyama ukuze sizolawula umnotho, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sixoxe ngomnotho wasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Isikhathi esiningi senza amaphutha amakhulu uma kuza kwezamabhizinisi bese sijika sikhala ngabamhlophe ukuthi basivalela ngaphandle kwezomnotho kodwa kube kuyithina uqobo esibasiza ukuthi basivalele ngaphandle.

Ngaphambi kokuqhubeka nalo mbono wami ngithanda ukuthi ngiqale la, ngicacise ukuthi uma sikhuluma ngemakethe noma ezomnotho sisuke sikhuluma ngani. Imakethe yithina bantu abamnyama baseNingizimu Afrika. Uma kukhulunywa ngemakethe nje ubokwazi ukuthi kukhulunywa ngawe, hhayi omunye umuntu. Isikhathi esiningi sicabanga ukuthi kushiwo esinye nje isilwane esikude le esingahlangene nathi. Lutho, imakethe wuwe muntu omnyama.

ENingizimu Afrika abantu abamnyama balinganiselwa ku-87% wezakhamuzi. Loku kusho ukuthi abelungu, amaNdiya namaKhaladi nezinye izizwe zokufika bona bahlanganisa u-13%. Kodwa umhlaba nomnotho walelizwe ongango-87% uphethwe yile ngxenye engu-13%. Yebo, konke loko kwenzeka ngesikhathi kuthathwa ngendluzula izwe nangobandlululo. Abelungu babazi kahle ukuthi uma bephethe izwe nomnotho bayobe baqedile ngoba konke okunye akubalulekile kangako.

Into ebalulekile ukuthi wobani abaqhoqhobele umnotho ngoba wona lowo mnotho yiwona ezinye izizwe eziwusebenzisa ukulawula ezepolitiki. Manje thina bantu abamnyama sibuye sidideke sicabange ukuthi ukuba namandla kwipolitiki kusho ukuthi sinamandla onke. Cha, lutho, loku sikubona manje njengoba sesiphethe izwe nje kodwa asinalutho. Umhlaba usahlezi ebelungwini nezinye izizwe, nomnotho usahlezi ezandleni zabo.

Nali-ke iqiniso nevangeli engihlale ngilishumayeza abaningi abangafuni ukulizwa. Abelungu namaNdiya ngeke bawudedele umnotho ezandleni zabo. Abasoze sidalo. Ngani na? Yingoba bazi kahle kamhlophe ukuthi mhlazane badedela umnotho kuyobe sekuwukuphela kwabo. Lapho ngeke baphinde babe nezwi ezintweni eziphathelene nezwe futhi ngeke baphinde bakwazi ukuphatha osopolitiki.

Uma ubhekisisa abelungu namaNdiya baqala amabhizinisi kodwa abazixaki ngokuthi imakethe bazoyithola kuphi. Kungani na? Yingoba bayazi ukuthi imakethe banayo ngisho bengayicelanga noma bengayifunanga. Leyo makethe yithina bantu abamnyama.

Bayazi ukuthi noma yini abafuna ukusidayisela yona noma usizo abafuna ukusinika lona, sizokuthenga noma siluthathe lolo sizo ngoba sikholwa kakhulu ekutheni konke okuhle kuvela ebelungwini.

Yonke into esiyenzayo noma esinayo ezindaweni esihlala kuzona emalokishini nasemakhaya ivela noma yenziwa yizinkampani zabelungu zisebenzisa amandla ethu thina bantu abamnyama. Okubuhlungu kakhulu wukuthi uma sekudayiswa lezi zinto yibona futhi abelungu namaNdiya abenza isiqiniseko sokuthi basivalela ngaphandle.

Basitshela imithetho eyizinkulungwane benze sigxume siye phezulu size sibuze ukuthi sigxume kangakanani besitshela ukuthi yini esiyidingayo, siyidinga kanjani ezindaweni esihlala kuzona. Bavala yonke imigudu yokuthi singabantu abamnyama sikwazi ukuzidayisela thina noma ukuzondla. Loku bakusebenzisa kuyo yonke imithetho yama-franchise nemigudu yokuhweba okufanele nokungafanele sihwebe ngayo.

Konke loku kudinga ukuthi sikuguqule thina manje esibeka imithetho noma imigudu esifuna ukuthi senze amabhizinisi ngayo nokuthi yimaphi amabhizinisi esiwafuna ezindaweni zethu. Sidinga ukuhlangana senze ama-business forum asemalokishini noma asemakhaya; kube yiwona okuthi uma kuzoba nentuthuko emalokishini noma emakhaya kuqale kukhulunywe nawo. Ngaleyo ndlela yithina esingalawula ukuthi umnotho ubuyela kanjani ezandleni zethu.

Singabantu abamnyama sibaningi eNingizimu Afrika futhi yithina esinamandla okuthenga, okusho ukuthi amandla omnotho alele kithi. Uma sinquma ukugodla imali yethu noma sigodla amandla ethu, yiyona ndlela kuphela esingakwazi ukubuyisa ezandleni zethu umnotho ngayo kithina bantu abamnyama.

Ngifunga ngiyagomela ukuthi abelungu namaNdiya abasoze bawudedele umnotho kodwa kufanele thina bantu abamnyama siwuthathe ngobuchule bokuba ngokuphelele njengoba nabo benza.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page