Zicwaselwani izinkampani uma kuxegiswa imithetho yeCOVID-19?, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule kwenziwe izinguquko ezinqala emithethweni eminingi ebisanqinda abantu ezweni ngenxa yeCOVID-19 ngaphandle kowodwa – lona othinta ukusebenza kwabantu.
Kusukela ngaleso sikhathi noma ngabe wubani ongenazimpawu (zalesi sifo) angaphila impilo ejwayelekile ngaphandle kokuhlolwa noma ukuqhela kubantu, ngisho emva kokutholakala enaso (isifo).
Izikole sezibuyelile ekufundeni ngokwejwayelekile futhi akudingeki ukuthi izingane ziqhelelane. Uhulumeni uthe uxegisa le mithetho ngoba bawu-80% abantu baseNingizimu Afrika asebevikelekile ngoba sike sabaphatha lesi sifo noma ngoba begomile.
Ukuxegiswa kwale mithetho kubalulekile ukuvumela abantwana bethu bafunde ngokwejwayelekile, nokumqoka ekusaseni labo.
Nokho ngisale ngizibuza ukuthi kungani uhulumeni engayixegisi imithetho mayelana nezidingo zasemsebenzini. Yisiphakamiso engisenzile lesi kule ngosi emasontweni amabili edlule kodwa kuyacaca ukuthi sishaywe indiva.
Akubalulekile yini ukuthi amabhizinisi ethu akwazi ukubuyela ekusebenzeni ngendlela ejwayelekile? Ngabe izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi alikhulu yini kangangokuthi kufanele ngabe senza konke okusemandleni ukuthi izinkampani zibuye zisebenze ngokujwayelekile, abantu babuyele emsebenzini noma bangabuyeli kuye nezidingo zenkampani?
Izinkampani zisalindeleke ukuthi zenze izinto eziningi osekucacile manje ukuthi azinasidingo. Kunezinto ezingenasidingo njengokubhalisa amagama abantu bonke abafika ehhovisi (ubani oyibhekayo nokuyibheka le nto?) nokuhlanzisisa amahhovisi, nokumba eqolo (nakuba isayensi isivezile ukuthi iCOVID-19 ayithathelani ngokusebenzisa izindawo ezithintwayo.
Izinkampani kusadingeka ukuthi zinciphise isibalo sabantu abasemsebenzini ngokushintshashintsha ukungena kwabantu kanti lezo ezinezisebenzi ezingaphezu kuka-50 kufanele zithumele umbiko emNyangweni wezeMpilo ngabasengozini yokutheleleka ngegciwane.
Ukhona oyibhekayo le mibiko? Abaqashi kulindeleke ukuthi baqinisekise ukuthi abantu baqhelelana ngo-1.5m noma kube khona izinto zokuhlukanisa lapho abantu behlala khona nokusebenza begqoke izifonyo ngisho beqhelelene. Kumele futhi babheke ukuthi izisebenzi azinazo yini izimpawu uma zifika emsebenzini.
Kukhona nezisebenzi ezithatha amashansi zisebenzisa imithetho ukunqaba ukusebenza ngoba zithi zisengozini yokutheleleka ngeCOVID-19.
Njengoba sekuvunyelwe izikole ukuthi zivule ngokujwayelekile, ngabe yiyona ndlela lena yokuthi kubuyelwe emsebenzini?
INingizimu Afrika iphuma eceleni njengojosaka ngemithetho yasemsebenzini. E-UK sebeyiyekile yonke imithetho ebilawula izinkampani njengoba kungasashiwo ukuthi abantu abasebenzele ekhaya, baqhelelane noma bagqoke izifonyo uma bengaphakathi. I-Denmark yizwe lokuqala elixegise yonke imithetho yeCOVID-19 kanti sekulandele i-Italy, iSwitzerland neFinland.
Yebo, la mazwe anesibalo esiphezulu kakhulu sabantu abagomile kunathi kodwa uma kubhekwa izinga eliphezulu lokuvikeleka kwethu, ngabe iNingizimu Afrika ayikakulungeli yini loku?
Okunye wukuthi njengoba abaqashi bengakwazi ukunyusa izinga labantu abagomile, ukuxegisa imithetho nokuvumela abantu babuyele emsebenzini kungasiza ukukhuthaza abantu ukuthi bagome, ikakhulukazi uma abaqashi bephoqa ukuthi kugonywe.
Kuyacaca ukuthi sesiyinqobile i-Omicron. Ukutheleleka kwabantu nokulala esibhedlela kwehle kakhulu kunokwakunyuke ngakho ngoDisemba. Isibalo sabebelaliswa esibhedlela besiphansi kunalezi ziqubu ezimbili zokuqala. Nokufa kwabantu kwehlile kunangeziqubu zokuqala, nakuba kuke kwatheleleka abantu kakhulu.
Loku kukhombisa ukuthi lesi sifo asisenawo amandla afana naweziqubu zokuqala. Zonke izimpawu ziyehla seloku kuqale u-2022.
Inkinga yethu yokuntuleka kwemisebenzi nesidingo sokukhulisa umnotho kwenza kungemukeleki ukubambezela ukuxegisa imithetho kungasenasidingo.
Ngikhathazekile kakhulu ngokuhluleka kukahulumeni ukuxegisa imithetho emsebenzini okuhambisana nokuxegiswa kwemithetho kwezinye izingxenye zempilo yethu kusetshenziswa ubufakazi obubodwa (ngoba) kutshengisa ukuthi umnotho awunakiwe ngendlela efanele.
Abaqashi kumele bakhombise ukuthi bayakwazi ukuqikelela ukuthi izisebenzi ziphephile kodwa inqwaba yezinto okufanele bazenze ngenxa yeCOVID-19 ziyizindleko ezingenasidingo. Kuphinde futhi bangakwazi ukusebenza ngethimba lezisebenzi eliphelele; nokuphazamisa umsebenzi.
Ngizobuza umNyango weziSebenzi neKhabhinethi imibuzo ethi kungani bangathathi isinqumo sokuxegisa imithetho emsebenzini. Uma kunezizathu ezizwakalayo, kulungile.
Kepha akwamukelekile uma izizathu kuwukuthi yingoba nje abantu abenzi lutho noma ngoba “belwa namabhizinisi”. Sidinga ukuthi uhulumeni ubheke ubufakazi bese uqhathanisa izindleko nemihlomulo yemithetho ngendlela eyiyo njengamanje. Ukuxegiswa kwemithetho akusho ukuthi kumele kube wunomphelo kodwa ingabuye yethulwe uma ukutheleleka kwabantu kunyuka kanjalo nezinga lokugula kwabantu.
Izinqumo esizozithatha emva kokuphuma kombiko wokugcina weKhomishini kaZondo ngokugwamanda umbuso yizona ezizocacisa ukuthi sizoba nezwe elinjani ngomuso. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyazeseka iziphakamiso ezenziwe embikweni emibili yokuqala.
Enye yezinselelo kuzoba wukuqinisekisa ukuthi uPhiko lokuShushisa lunazo zonke izinsizakusebenza zokushushisa abathintekayo futhi ngiyakholwa kunendlela iBLSA engasiza ngayo.
Uma sikhuluma ngesibonelelo sokusiza abangasebenzi, i-Basic Income Grant, inhloso yaso kumele kube wukunciphisa ububha, hhayi ukwengeza kubona.
Ngiyethemba ukuthi sizokwenza into efanele engeke ikhinyabeza umnotho. Into eyodwa okumele icace wukuthi indlela efanele yokukhokhela lesi sibonelo wukukhulisa umnotho.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA