Abadedelwe abantu bazibambele ukuthuthukisa ingqalasizinda, kuloba uNtokozo Biyela

KULE ngosi ngithanda sibheke ukuthi mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi uhulumeni udede emsebenzini wokuhlinzeka ngentuthuko, kunalokho udlulisele izintambo zokwenza lo msebenzi kubantu.
Sekuphele iminyaka ewu-28 iNingizimu Afrika ibuswa wuhulumeni wentando yabantu. Yebo, kukhona osekushintshile kodwa kuningi futhi okungakaze kushintshe.
Kunezindawo lapho intuthuko icothoza khona. Onke amagunya okuyisa intuthuko kubantu asuke anikwa omasipala kodwa uma ubhekisisa manje uyabona ukuthi leyo ntuthuko iyogcina iyiphupho kwabaningi.
Kuyacaca ukuthi uhulumeni usuyahluleka ukusheshisa ukuhambisa intuthuko kubantu, ikakhulukazi ingqalasizinda okuyiyona ebalulekile ukusimamisa umnotho wezwe. Siyazi sonke ukuthi ukuze umnotho uthuthuke kubalulekile ukuthi nengqalasizinda isebenze kahle. Yingakho siye sibone izinkinga eziningi kwezomnotho, ikakhulukazi emazweni ase-Afrika. Yingenxa yaloku ukuthi ingqalasizinda ayibonwa, nokwenza kube lukhuni ukuhweba ngokukhululeka.
ENingizimu Afrika sinenkinga yokushoda kwezikole, imigwaqo, ugesi nezokuxhumana ngobuchwepheshe ukuze abantu bakwazi ukuhwebelana noma bahwebe nomhlaba wonke. Likhona iqhinga uhulumeni angalisebenzisa. Uhulumeni awudede, imiphakathi izibambele mathupha.
Loku kusho ukuthi uhulumeni ubambisene nomasipala kufanele usungule ama-community business forum azobheka ukuthi yonke into edingwa wumphakathi iyenzeka.
Kuyofanele yena uhulumeni uwaxhase ngezinsiza zokukwazi ukuzenzela imisebenzi. Uma kufanele kwakhiwe imigwaqo, kufakwe amanzi noma kufakwe ugesi, imiphakathi izibambela mathupha; uhulumeni noma umasipala ulethe imishini nogandaganga kodwa abantu bazenzele.
Ngibona ukuthi uma singasebenzisa le ndlela yokulungisa isimo kungathuthukisa ingqalasizinda ngamandla. Kungabuye kusize ukulungisa izindawo zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi emakhaya, zilungele ukwamukela i-Fourth Industrial Revolution, esifike qathatha.
Uma ubhekisisa uzobona ukuthi intuthuko kwezobuchwepheshe ikhula ngesivinini emadolobheni kepha iyagqoza ezindaweni zasemakhaya. Uma kuqhubeka kanje, loku kusho ukuthi izindawo zasemakhaya ziyohlale zisalele emuva kwezobuchwepheshe.
Izinto eziningi zamabhizinisi sezidinga ubuchwepheshe esikhathini esiphila kusona, ngakho-ke uma abantu bethi basazolinda uhulumeni kusho ukuthi bayolinda ijuba likaNowa.
Izingane ezifunda imfundo yamanje ziyadinga ukusebenzisa ubuchwepheshe ngoba iyona mpilo ezizothi uma ziqeda ukufunda zingene kuyona. Sisakhuluma ngezemfundo, kuyacaca ukuthi abanye abantu sebethanda ukufundisa izingane zabo emakhaya, loku sekunike othisha abazimele amathuba amasha emisebenzi kanti futhi kunika abasebenza ngobuchwepheshe amathuba amasha okwenza imali.
Yonke imiphakathi esiphila kuyona inenqwaba yezifundiswa ezisanda kuphothula iziqu ezihlukene. Lezi zifundiswa kufanele zinikwe amathuba emisebenzi ukuthi zibhekele le misebenzi yemiphakathi.
Asisebenzise iningi lentsha eneziqu kodwa engasebenzi ukuthi kube yiyona eseqhulwini ekwenzeni imisebenzi yokuthuthukisa imiphakathi. Sekufanele imiphakathi isukume izibambele mathupha manje, iyeke ukubheka kuhulumeni.
Ngake ngasho kule ngosi ukuthi kumele sisebenzele ukuphuma siphele ekutholeni amandla kagesi kwi-Eskom. Sesihlukumezeke kakhulu kwezamabhizinisi futhi siwumphakathi ngendaba kagesi. Kufanele ngabe imiphakathi izisungulela izinkampani zokuphehla ugesi owehlukile kunalona ophehlwa ngamalahle. Kufanele sithuthele kugesi welanga ukuze sizoba nokuthula emoyeni.
Asisukume sakhe, isikhathi sesifikile. Akusekho ukukhangeza kuhulumeni noma ukubheka ukuthi yiwona ozoba wumesiya esimlindele. Yindlela ezokwenza isiqiniseko sokuthi izwe lethu liyasimama emnothweni.
Uma ingqalasizinda isezingeni elifanele, kuzoba lula nokuthi kuvele namathuba emisebenzi, ngakho-ke kufanele imiphakathi iqale yakhe lama-community business forum ukulungiselela ikusasa eliqhakazile.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
