Sesifikile isikhathi sokuthi abesifazane baphakame, bayeke ukukhothamela abesilisa, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda ukubongela abantu besifazane kuyinyanga yabo ngenqubekelaphambili ezikhundleni abaziphethe ezimbonini ezihlukene ngisho nakwipolitiki.

Ngesonto elidlule sibone uNkk uNomusa Dube-Ncube eqokwa eba ngowesifazane wokuqala ukuba wundunankulu KwaZulu-Natali. Kuyathokozisa ukubona lesi sikhundla siphethwe ngowesifazane, kwazise lesi ngesinye sezifundazwe ezinkulu eNingizimu Afrika.

Osekuphinde kwathokozisa wukubona ukuthi akapholisanga Maseko, njengoba ethe engena esikhundleni waqoka inqwaba yabantu besifazane ukuthi baphathe izikhundla ebesekuneminyaka zenganyelwe ngabesilisa. 

Kuhle ukubona abesifazane benikezwa okubafanele. Ngikusho loku ngoba uma uzobhekisisa ikakhulukazi umhlaba wonke, imizi imiswe ngabantu besifazane ngoba iningi lethu thina madoda singamagwala, siyanyamalala uma kufanele sihole imindeni yethu, sishiye abantu besifazane bezabalaza bodwa.

Phezu kwaloko kuzabalaza, abantu besifazane benza izinto zenzeke. Empeleni kade abantu besifazane baba ngabaholi abaseqophelweni eliphezulu kusukela emandulo, yiko nje ukuthi kade becindezelwa yithina bantu besilisa.

Uma uwazi umlando, ikakhulukazi wakwaZulu, uzokhumbula ukuthi kukhona isikhathi lapho isizwe sakwaZulu okwakubukeka sengathi ngeke sisaba nomholi oqotho ngenxa yokuthi iSilo uJama sasingenandlalifa.

Kwasiza amadodakazi akhe ayengamawele uMkabayi noMama abakha icebo lokuthi iSilo uJama siganwe wuMthaniya, owagcina esizalele indlalifa iSilo uSenzangakhona. Ngenxa yokuthi iSilo uSenzangakhona sasiseyingane ngesikhathi kukhothama iSilo uJama, kwaphoqa ukuthi uMkabayi abe yibamba bukhosi ngaleso sikhathi ukuze aqhubeke nokwakha isizwe samaZulu. 

Umlando uthi kwakungokokuqala ngqa emlandweni ukuthi umuntu wesifazane aphake impi iyolwa ibuye ihlabene. Loku kukhombisa ubuqhawe obavezwa wuMkabayi kaJama. Balibusa elikaMthaniya bebambisene noMthaniya uqobo lwakhe. Yingakho kuze kube yinamuhla KwaZulu kwaziwa ngokuthi yikwelikaMthaniya. Loku kukhombisa ubuqhawe babantu besifazane.

Bengisika elijikayo nje ngalo mlando ngikhombisa ukuthi ubuqhawe nobuholi babantu besifazane yinto endala. Okungiphatha kabi uma kuziwa kwipolitiki namabhizinisi wukubona abantu besifazane beloku bakhothamela abantu besilisa bencenge ukuvulelwa iminyango noma ukufakwa ezikhundleni kodwa bebe bebaningi ukudlula thina kanti banamakhono amangazayo.

Kwesinye isikhathi kuhamba kuhambe kufike lapho siphela isikhathi sokuncenga ukuvulelwa iminyango nokuncikiswa. Abantu besifazane sesifikile isikhathi sokuthi bathathe ngodli okungokwabo ngaphandle kokuncetheza. Uma kufuneka ivoti, abakhohlwe indaba yokuvotela amadoda kwipolitiki, abazivotele bona ngokwabo ukungena ezikhundleni. 

Angazi yisiphi isizathu, ngaphandle kwepolitiki, esenza abantu besifazane kufanele bazanywe ngezikhundla ezingathi shu ukuze babeyingxenye yokulawula izwe ekubeni umthethosisekelo ube uqhakambisa ukuthi kufanele abantu besifazane nabo baqashwe ezikhundleni ngokulingana njengamadoda, futhi bahole imali elinganayo.

Loku kufanele kube wumthetho omile ukuthi uma kunomengameli wesilisa, kufanele iphini lakhe kube ngowesifazane kuzo zonke izinhlaka kusukela ekuphatheni izwe, izinhlangano zepolitiki, emsebenzini nasemabhizinisini. Kufanele abantu besifazane babekhona babonakale ngoba banawo amava okuphatha. 

Yingakho ngithi-ke hlanganani mbokodo, isikhathi sesifikile ukuthi nithathe okungokwenu. Kuningi osekoniwe yithina bantu besilisa sithi sizama ukulungisa kodwa asiyi ndawo. 

Siyathemba ukuthi njengoba sekungene abesifazane ezikhundleni eKZN, sizobona umehluko omkhulu.

Siyathemba futhi nokuthi iminyango izoloku iqhubeka ivuleka nasemabhizinisi sibone abantu besifazane bedlondlobala.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page