KUHLE kwesinye isikhathi ukuthi yakhele ngamaqubu enye, kuloba uNtokozo Biyela.

NAMHLANJE ngithanda sibheke udaba lokubambisana nezinkampani ezinkulu, esezimnkantshubomvu ekwenzeni noma ekuqaleni amabhizinisi amasha.

Ngiyazi isikhathi esininingi siyathanda ukuthi uma siqala izinto ezintsha sigodle yonke into ngoba sisaba ukuthi uma sike saphumela obala nemicabango yethu kukhona abazothatha imibono yethu, bakhale bemuke nayo, sisale sincela izithupha.

Isikhathi esiningi akunjalo. Empeleni kuyasiza ukuthi amakhanda abe maningi uma uqala into kwezokusebenzisana nokubonisana ngoba wena nje uwedwa ngeke wazi yonke into, ngakho-ke kuyasiza ukubeletha kwasebeyihambile indlela.

Ngempelasonto edlule kade sethula uhlelo olusha lwezincwadi iSTarbooks Programme. Luhambe kahle kakhulu kanti namanje abantu abawuvali umlomo ngendlela olube yimpumelelo ngayo.

Lolu hlelo lumayelana nomqondo engaba nawo ezinyangeni ezimbili ezedlule lapho ngangicabanga khona ukuthi kambe ngingabasiza kanjani ababhali abamnyama ukubavulela omunye umgudu wokuthengisa izincwadi zabo.

Ngibe sengihlanganisa amakhanda nabangani bami ababili uSiyanda Nondwayi, umphathi weStarbucks kuFlorida Road eThekwini, nomunye umngani wami owuqweqwe kwezokukhangisa uSbu Zondi.

Ezinyangeni ezedlule sinoZondi kade sizama ukuhlela umcimbi wohlelo lokuqopha inkulumo ekade ngangifisa ukuyibamba nosomabhizinisi nababhali bezincwadi abamnyama siziphuzela nje ikhofi eStarbucks kodwa kwagcina kungenzekanga ngenxa yeCOVID-19.

Kwase kuvela umbono wokuthi sibe nohlelo lapho abantu abamnyama abangababhali bezincwadi bengahlangana khona bazokhangisa ngezincwadi zabo. UNondwayi waveza ukuthi ngingasebenzisa indawo yakhe ukwenza lowo mcimbi. Kulapho-ke nami engisukumele khona phezulu ngahlanganisa ababhali engibaziyo ukuthi bathumele izincwadi zabo ukuze leli phupho lami lifezeke.

Obekungigqugquzela kakhulu futhi kunginika ugqozi wubudlelwano phakathi kweSTarbooks Programme neStarbucks. Empeleni igama elithi STarbooks ngilisungule ukuze lincike kweleStarbucks ngenzela ukuthi kwabona bangaxwayi ukuthi yini manje le esibalethela yona. Liqhamuke kanjalo-ke leli gama eselinesasasa elingaka emva komcimbi wangoMgqibelo.

Sibe sesilungiselela lo mcimbi ebesicabanga ukuthi mncane kodwa kuthe ngoMgqibelo wasimangaza ngenxa yezinkumbi zabantu ukuzobona kwethulwa lolu hlelo. Cishe bekukhona ababhali abamnyama abangamashumi amabili ababhale izinhlobo ezihlukene zezincwadi.

Umbhali ngamunye unikwe ithuba lokwethula incwadi yakhe ezathemelini. Kuthe sekuphele loko kwase kunikezwa labo ebekade bemenyiwe ukuthi babuze imibuzo kubabhali.

Ababhali basine bededelana enkundleni bephendula imibuzo ebibuzwa yizethameli. Sekuyiwa emaphethelweni izimenywa zithenge izincwadi zababhali zathatha nezithombe futhi. Kepha kukhona okubalulekile engikuqaphelile.

Ngiqaphele ukuthi isasasa nempumelelo yalo mcimbi kube ngenxa yokubambisana  nale ndawo edumile yekhofi. Kunabanye abantu abebengakaze bayivakashela. Loku kusho ukuthi bekungokokuqala bevakashela le ndawo yekhofi “edlisayo”.

Okwesibili kube lula ukuyithengisa ngoba vele iStarbucks yinkampani edume umhlaba wonke, okusho ukuthi abantu abaningi bayalihlonipha igama layo.

Kusizile nokuthi ngiqambe uhlelo ngokuthi yiSTarbooks, igama elincike kakhulu egameni lale nkampani, okwenze futhi abantu bangaxwayi.

Ukube nje ngiyibize ngeMindset Shift Books ngabe baningi abebezosala bezibuza ukuthi leli gama limayelana nani ezincwadini.

Ngamanye amazwi ngithi kuhle ukuthi uma siza nemiqondo emisha sicabange ngokubambisana nezinkampani ezinkulu, sisebenzise udumo lwazo ukuze amabhizinisi esiwaqalayo ezothola udumo ngokushesha. Impela kwenye inkathi akusilo icala ukuthi yakhele ngamaqubu enye.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani, iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page