Yimithetho nendawo osomabhizinisi abasebenzela kuyo okuzocacisa ukuthi kutholakala imiphumela enjani, kuloba uBusi Mavuso

ENYE yezinkinga engihlangabezana nazo uma ngixoxa nabalingani kuhulumeni, izinyunyana nezinhlangano ezingenzi inzuzo yindlela ababuka ngayo osomabhizinisi – njengenhlangano eyodwa abangaxoxisana nayo.

Ngiyakuqonda okwenza loku. Sijwayele ukucabanga ukuthi “izinyunyana” “nosomabhizinisi” bayasebenzisana emiphakathini yethu. Loko kusenza sicabange ukuthi singaxoxisana nabo ukushintsha indlela abenza ngayo.

Kepha uma kukhulunywa ngamabhizinisi, loku akulona iqiniso. Sonke sisebhizinisini ngoba sihwebelana ngesikhathi noma ngezimpahla zethu nabanye. Ngesinye isikhathi siyazihlanganisa sibe yizinkampani ukwenza loko. Kunezinkulungwane zezinkampani, iningi lazo ziyaqhudelana zizodwa. Zinezinjongo eziningi ezihlukene. Ezinye zinabanikazi bazo kuphela, ezinye zingabaqashi abakhulu, ezinye zisafufusa, ezinye yizikhondlakhondla ezisebenzela emazweni ahlukene.

Kwenye inkathi amanye ala mabhizinisi ayazihlela abeyizinhlangano ezikwazi ukuwamela ezigcawini ezithile. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ingenye yalezo zinhlangano – amalungu ethu ayasebenzisana ukuxoxisana nabanye ukuthi ingathuthukiswa kanjani indawo okusetshenzelwa kuyona ukuze umnotho uthele izithelo ezizohlomulisa izwe. Amalungu ethu enza isivumelwano neNingizimu Afrika ukwandisa amathuba okuphumelela kubo bonke abantu. Amalungu ethu ayingxenye enkulu yomnotho; aqasha izigidi zabantu. Kepha-ke nakuba sihambisana ngesifisa ukukubona ezweni kodwa asiyona inhlangano eyodwa engabizwa nge“bhizinisi.” Ayikho into enjalo.

Lokhu kubalulekile ngoba kunombono othi amabhizinisi “awasondele” adele okuthile ukuze kufezeke injongo yenqubomgomo ethile, njengokutshala imali noma ukwandisa abantu abaqashile. Kodwa le ndlela yokucabanga ayihlangani. “Osomabhizinisi” ngeke bazibophezele kulezi zinjongo. Yinkampani ngayodwa engasayina isivumelwano esinjalo.

Uhulumeni ungasayina, futhi uyasayina, izivumelwano nezinkampani ngaso sonke isikhathi ukuze wenzelwe umsebenzi othile noma uthole izimpahla ezithile. Kepha ngeke uthembele ekutheni uzongena esivumelwaneni esinjena nawo wonke amabhizinisi ngendlela efanayo. Ayikho into enjalo.

Yingakho ababhekene nenqubomgomo kufanele bagxile ekubhekeni ukuthi imigomo yabo inamphumela muphi endleleni okusebetshenzwa ngayo. Yiyona ndlela othola ngayo into oyifunayo kosomabhizinisi.

Ucwaningo lwezomnotho luveza ukuthi imithetho ehlukene inamiphi imiphumela. Uma ufuna osomabhizinisi bakhule, baqashe abanye abantu futhi batshale imali, kumele kube nenzuzo nakubona. Akuwona wonke amabhizinisi abheke inzuzo kodwa alikho ibhizinisi elingaloku limile kodwa libelilahlekelwa yimali. Akekho umuntu osebhizinisini noma ongaphandle kwalo ongafaka imali yakhe engozini ngaphandle kwesizathu esinqala sokuthola inzuzo.

Uhulumeni kumele uhlale uzibuza ukuthi le ndawo ibukeka kanjani kosomabhizinisi abacabanga ukubeka imali yabo engcupheni? Yiziphi izinto ezenza usomabhizinisi angabinasiqiniseko sokuthi lena indawo angakwazi ukubeka imali yakhe engcupheni ngayo?

Ngabe izindleko zokusebenza, njengokuthola izimpahla, ukufinyelela emachwebeni nokuthola i-internet zinamuphi umphumela ekwenzeni kwabo inzuzo? Izindleko zokuqasha abantu zinamphumela muni ekufuneni kwabo ukuqasha abantu, hhayi izindleko ngemiholo kuphela kodwa nezindleko ezifana nentela, imidanti yomNyango weziSebenzi neminye imicikilisho?

Izimpendulo zale mibuzo zingawusiza uhulumeni ubone okungenziwa ukuze uthole okufunayo. Kube khona eminye imisebenzi esezingeni elifanele nokukhula  komnotho okusheshayo okwenciphisa nobubha, kumele wenze kube lula ukuthi amabhizinisi atshale izimali aphinde aqashe abantu. Kumele wenze ucwaningo ukuze uqonde umphumela wezinqumo zenqubomgomo ezihlukahlukene, ulalele uphinde ufunde kulabo abasekhaleni lwalokhu.

I-BLSA izibophezele ekwesekeni uhulumeni. Singasebenzisa imibono yamalungu ethu njengabatshali nabaqashi abakhulu ukuze sisize abanye ababambe iqhaza baqonde ukuthi le mibandela ibathinta kanjani.

Sisebenza nangezinhlelo ezihlukene ezinjengeBusiness Against Crime neTamdev ukweseka umphakathi ngezinsizakusebenza zethu. Ngiyazi ukuthi sinobudlelwano obuhle nabaningi abakuhulumeni futhi sinezinjongo ezifanayo ngesifuna ukukubona kwenzeka ezweni lethu.

Ukuze kwenzeke esikufisayo kumele sigxile kokubalulekile: indawo osomabhizinisi abasebenzela kuyona esiyakhayo. NgokweSMME Quarterly Update yeSmall Enterprise Development Agency amabhizinisi asafufusa aqashe abantu abawu-9.8 million ngoJanuwari kuya ngoMashi 2021. Lowo wu-64% wabaqashiwe emnothweni.

Yingakho le mboni yaziwa njengensika yokwakhiwa kwamathuba omsebenzi. Lo mbiko uveze ukuthi kunamabhizinisi asafufusa awu-2.33m eNingizimu Afrika. Awucabange nje ukuba onke ayakwazi ukuqasha omunye umuntu oyedwa -_ kungabakhona imisebenzi ewu-1.3m.

I-Mining Indaba icacise into eyodwa: UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla uMnu uGwede Mantashe unohla lwezinto okumele azenze ngokushesha. Kumele silungise ukungaqondakali kweminye imthetho okukade kwaba khona nezithiyo.

NgokweMinerals Council kunezimvume zezimayini eziwu-4 500 ezingakhishiwe. Uma izimayini zingakwazi ukuhlola zibheke okumbiwa phansi, ziwumkhakha oshonelwa yilanga futhi ozogcina ungasasele nalutho nokuzobhebhezela ukuntuleka kwemisebenzi nesimo esibi emnothweni.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page