Kunzima ukuzimela kodwa yikhona okuqinisa ukhakhayi, kuloba uNtokozo Biyela

SAWUBONA mfundi wale ngosi. Namhlanje ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini ukhethe ukuzisebenza. Sekukaningi sibona abantu abashiya emisebenzini ngenxa yezimo ezithile bancamele ukuyozisebenza.

Kuhle loku. Siyakuncoma impela. Nokho ngiye ngiqaphele ukuthi iningi elingena ebhizinisini liyeka emsebenzini lisuke lingahlelanga kahle.

Isikhathi esiningi abanye basuke benziwa yingcindezi yasemsebenzini kodwa abanye basuke bengaqondi ngokuphelele ukuthi yini kahle hle ukuba wusomabhizinisi.

Isikhathi esiningi singabantu asinalo iqiniso eliphelele ngobunzima bokuzisebenza ngenxa yokuthi emiphakathini esiphila kuyona noma ezinkundleni zokuxhumana sinesithombe okungeyiso sokuthi yini usomabhizinisi.

Isikhathi esiningi kuye kuvezwe abantu abaqola uhulumeni imali eshisiwe ngamathenda, agcine engenziwanga, ubabone sebegcwele zonke izindawo zobumnandi eNingizimu Afrika kwenye inkathi batshengisa izwe ukuthi banemali eningi abangazi ukuthi bayenzeni ngaphandle kokuthenga utshwala, bashuthe iziliphu, bazifake ezinkundleni zokuxhumana.

Uma kungenjalo abanye benza izinto ezixakile; njengensizwa yaseMpumalanga eyayinenkampani yamaloli. Yavele ngomunye unyaka yashayela zonke izimoto zayo, ezibalelwa ku-70, yeza kwiVodacom Durban July eThekwini. Abanye basibonisa bevakashela koDubai nezancinza zabo kukuhle kudelile.

Angicacise, alikho iphutha ekutheni umuntu asebenzise imali yakhe ayisebenzele ngendlela athanda ngayo. Angayishisa uma ethanda. Inkinga wukuthi lezi zinto sizibona zisabalele ezinkundleni zokuxhumana bese zakha umqondo ongesiwona wokuthi yini umuntu omnyama ongusomabhizinisi.

Loku ke kwakha ilukuluku elingelihle kubantu bakithi abamnyama, okuthi uma bethatha isinqumo sokuthi bafuna ukuzisebenza bebe benalezi zithombe zokuthi ukuzimela ube usomabhizinisi kusho le nto igenge yanamuhla eyibiza nge-soft life.

Cha, akunjalo. Ngithanda ukukuqinisekisa wena osafuna ukungena ekuzimeleni ukuthi uma uthatha leso sinqumo usuke uzimisele ukuthi usazodlula ezimweni ezinzima ukwakha ibhizinisi lakho.

Ukuzimela akulula, njengoba abanye baye bethande ukusho. Empeleni, kulukhuni ukuhamba le ndlela yokuzimela. Isikhathi esiningi uzozithola uthwele kanzima kunokujabula okuningi obukulindele. Ngize ngakhumbula izinhlamvu zeculo leSoul Brothers ezithi “Siyajabula okwesikhashana, siphinde sikhale futhi”.

Yebo, kunjalo lapha kwazimele, siyajabula okwesikhashana, siphinde sikhale futhi ngoba le ndlela ehanjwayo inzima. Ikusebenza onke amalunga omzimba wakho, ingqondo yakho, umphefumulo wakho, ulwazi onalo, imfundo yakho, ukuhlakanipha kwakho nokholo lwakho. Imihla namalanga uzithola ulingwa ngezimo eziningi. Kwesinye isikhathi uze uphelelwe yisineke namandla. Baningi abazithola sebeguliswa yizimo ababhekana nazo ebhizinisini, abanye bagcine sebethatha isinqumo sokuthatha umphefumulo wabo ngenxa yengcindezi.

Engizama ukukuveza wukuthi ukuzimela ebhizinisini kuthatha yonke into onayo noma oyiyo. Kodwa-ke kufanele wazi ukuthi zonke lezi zinkinga esibhekana nazo ebhizinisini azizile ukusibulala kodwa zizosiqinisa ukhakhayi.

Ngoba akukuhle ukuthi uqhubeke nohambo lokuzimela ungakaze uqine ukhakhayi. Kufanele nje kuthi empumelelweni yakho kube khona izibazi ezithile okwazi ukuzikhomba.

Ngakho-ke ngizama ukuveza ukuthi ukuzimela akusiyona le nto esiyibona kwithelevishini, emaphepheni, ezinkundleni zokuxhumana zabantu abasebenzisa imali yabo ngendlela engacacile noma engasile kwabanye bethu. Akekho umuntu osebenza imali yakhe kanzima ebese eyibhubhudla sengathi akazi nanyaka.

Kusafanele sike sishintshe ukwenza kwethu singabantu abamnyama abazimele. Uma uNkulunkulu esibusise ngengcebo sikwazi nathi ukuthuthukisa imindeni yethu, imiphakathi yethu nezwe lethu ngokwakhela izingane izikole, sakhele imiphakathi yethu izinsiza lapho zizothola khona ukusizakala. Kuningi nje esingakwenza singabantu abamnyama ukufukula isizwe sethu.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page