Isimemezelo sikamengameli nokubambisana kuletha ithemba ngenkinga kagesi, kuloba uBusi Mavuso

UHLELO lukaMengameli lokulungisa inkinga kagesi  olumenyezelwe ngesonto elidlule lubalulekile.  UMengameli uCyril  Ramaphosa usezame ngazo zonke izindlela ukuxazulula inkinga kagesi, njengokuvulela izinkampani ezizimele indlela ukuze zibe ngabanye babaphehli bakagesi abakhulu. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyawuncoma lo mzamo. 

Osomabhizinisi kumele basukumele le nselelo. Ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka iBLSA neJSE babenomhlangano ngoLwesihlanu nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezivelele ukubonisana nesikhulu esiphezulu se-Eskom uMnu u-Andrè de Ruyter ngokuthi amabhizinisi angawuseka kanjani lo mzamo. 

U-De Ruyter uphawule ukuthi abantu baseNingizimu Afrika badinga ukuxazulula le nkinga ngokubambisana nokuthi bekubalulekile ukuthi abamabhizinisi babonisane ne-Eskom. Umcimbi wangoLwesihlanu ubuyithuba lokuqala lokho. 

Uhambe kahle kakhulu lomcimbi. Osomabhizinisi bayakubona ukubambisana okuhle kukahulumeni ne-Eskom nokugxila kabusha ekuxazululeni inkinga kagesi. Isikhulu esiphezulu e-Eskom sisikhumbuzile ukuthi ukucima ugesi sekube khona iminyaka ewu-14; ukuthi loku akwamukelekile futhi kusenza sonke sibukeke kabi. 

Ngesikhathi seNdebe yoMhlaba yebhola ngo-2010 kwase kubonakala ukuthi ingqalasizinda yomasipala iyawa. Izinhlelo zokufaka abaphehli abazimele zaqala ngo-2013, ngebhadi i-Eskom yanqaba ukusayina izivumelwano zokuthenga ugesi. Ukube lezo zinhlelo zaqhubeka, ngabe ugesi awucinywa ngale ndlela esibona ngayo namhlanje.  

Ziningi izindlela osomabhizinisi abangasiza ngazo ukuxazulula inkinga kagesi. Izinkampani zingakwazi ukuqala izinhlelo zazo zokuphehla ugesi futhi ungaba ngaphezu kuka-100MW ngaphandle kokuba nemvume. Akukaze kube lula kanje ukuthi osomabhizinisi bakhe futhi baphathe iziteshi zabo zokuphehla ugesi. Bangasebenzisana nabaphehli bagesi abazimele, basayine izivumelwano zokuthenga ugesi ezidingekayo ukuze abaphehli bakagesi abazimele bathole imali yokuqala umsebenzi wokwakha iziteshi zokuphehla ugesi ezintsha.

Osomabhizinisi bangaqashisa ngomhlaba oseduze nezintambo zokuxhuma ugesi, ezinenqwaba yezinsiza eziphehla ugesi ngelanga nangomoya. Izinhlelo ze-Eskom zokuxazulula le nkinga ziveza ukuthi abaphehli abazimele bangakwazi ukuhlinzeka ngogesi omusha owu-10GW. U-De Ruyter uthembise ukuphothula izinhlelo ezizokwenza abaphehli abazimele bakwazi ukudayisela izinkampani nomasipala ugesi ngqo.

U-De Ruyter uthe i-Eskom inomhlaba omningi kanti ithi amahekthare awu-30 000 alomhlaba anganikwa osomabhizinisi ukuze bakhe iziteshi zokuphehla ugesi. Loku kubalulekile ngokuthi akugcini ngokuletha ugesi omusha kodwa kuzoqinisekisa nokuthi abathintekayo abaphelelwa wumsebenzi. Umhlaba omningi okhona useMpumalanga, njengoba i-Eskom izovala iziteshi zokuphehla ugesi ngamalahle, kukhona abazophelelwa imisebenzi kodwa loko kuzogwemeka uma kunomhlaba onikwa abaphehli abazimele.

Osomabhizinisi bangeseka imizamo ka-Eskom yokuthuthukisa ukusebenza kwawo, njengezokuvikela ingqalasizinda esengozini yokucekelwa phansi nokwebiwa. Ukucekela phansi sekuyinselelo ebhekene ne-Eskom nokusebenza kwengqalasizinda yayo. I-Business Against Crime, okuwuphiko lweBLSA, lubambe iqhaza ngezindlela ezihlukene futhi sizobheka izindlela esingeseka i-Eskom ngayo ukuthi iqede ukutshontshwa kwezintambo zikagesi nokulinyazwa kwempahla okubambezela ukuhlinzeka ugesi.

Kuzodingeka ukubambisana phakathi kosomabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi konke okudingekalayo mayelana nokuthenga kumi ngomumo. Nathi siyadinga ukubambisana ne-Eskom nohulumeni. Nakuba imizamo icacile, zisekhona izithiyo eziningi endleleni yokuletha ugesi omusha ngokushesha kubantu.

Osomabhizinisi bathembise ukuzihlola baphinde bakhombise uhulumeni okusafanele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukuxazulula lezinselelo masinyane. 

Umhlangano wangoLwesihlanu uphathwe kahle wuDe Ruyter, ocacise kahle waphendula kahle yonke imbuzo nemibono yosomabhizinisi. Ukwazile ukumelana nenselelo yokuphatha i-Eskom ebe esebenzisana nezinhlaka eziningi ezifuna ukuqeda inkinga kagesi, ukwenza konke lokhu ngokunakisisa kodwa engatatazeli. Indlela asebenza ngayo inyuse ithemba kwamabhizinisi ukuthi uhulumeni ne-Eskom bayibambe ngakho ekulungiseni lenkinga. 

Noma kungathiwa yonke into siyihambisa kahle manje kodwa kuzothatha cishe iminyaka emibili ngaphambi kokuthi sibe nogesi osebenza kahle. Kuthatha isikhathi ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokuphehla ugesi nakuba singakwazi ukunciphisa leso sikhathi uma senza izinto ngokushesha uma sizosebenzisa nobuchwepheshe.

Kuyangijabulisa ukubona osomabhizinisi, uhulumeni ne-Eskom bebambisene ukuxazulula izinkinga esibhekana nazo. Ukuthembana kuyakhula, kulekelelwa ubuholi bukamengameli nesikhulu esiphezulu se-Eskom esigcizelele ukuthi i-Eskom iyahambisana nokungenelela kukamengameli. Sesiphelile isikhathi sokuthi kukhonye i-Eskom yodwa, nokukwenza loku kungakhathaleki ukuthi kunamiphi imiphumela.

U-De Ruyter wengeze ngokuthi i-Eskom iyaqonda ukuthi idinga ukuvulela abaphehli abasha nokuthi izosebenzisana namabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka loku. Sisahamba kahle ekulungiseni le nkinga futhi iBLSA izosebenza kanzima nabalingani bayo ukuqinisekisa ukuthi sinekusasa elinogesi owanele. 

Ngabe iNingizimu Afrika izokwazi ukuba nemali eyanele yesibonelelo i-Basic Income Grant?  Ngokwezidingo zenhlalakahle yabantu, lesi sibonelelo siyadingeka kodwa ngokwesimo sezimali sezwe, yisimo lesi esilikhuni. Lesi sibonelelo ngenye yenqwaba yezinselelo ezidinga imali. 

Noma yisiphi isinqumo esithathwayo ngokukhokha lesi sibonelelo sizophazamisa eminye imigomo ekhona njengomshwalense wezempilo kawonkewonke nokuguqula indlela okuhlinzekwa ngayo izibonelelo. Iyodwa kuphela indlela okungakhokhelwa ngayo lesi sibonelelo kahle – wukukhulisa umnotho.  

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page