Asiqaphele singaphucwa umnotho wezindlu zasemakhaya, kuloba uNtokozo Biyela

KWENYE yezingosi ngakhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuthi sakhe umnotho wethu singabantu abamnyama. Loku ngangikuthathela ekutheni sengathi yithina kuphela eNingizimu Afrika abantu abamnyama abangenandaba nokwakha umnotho wethu kodwa zonke ezinye izinhlanga zinowazo.
Uma ubhekisisa umnotho ucishe ufane njengebhandemtshelekwana. Abelungu bafike bawakha, kwathi ngokuhamba kwesikhathi sekufike amaNdiya nawo afike akha owawo umnotho. Isimeme iminotho yabo ngenxa yethu thina bantu abamnyama. Kepha uma ubheka isibalo sabantu abamnyama eNingizimu Afrika uzobona ukuthi thina isibalo sethu silinganiselwa ku-80%, kuthi ezinye izinhlanga zibe wu-20%.
Kuyathusa ukubona ukuthi ingxenyana nje yabantu ewu-20% iqhoqhobele umnotho kodwa u80% walabo abayingxenye yomnotho bona abanaqhaza elibonakalayo ezintweni ezenziwa yimikhiqizo yezwe. Akusesekho ngisho no-20% ke nje wabantu bakithi abansundu onamava okwazi ukulwa naloku.
Ngithanda sibheke into engibona isifufusa kakhulu kubantu abamnyama, lena yokudayiselana izindlu esizakhe emakhaya ezingekho ngaphansi komasipala. Baningi abantu asebehwebelana ngezindlu abazakhele bona ezizeni ezingaphansi kwamakhosi. Kuyajabulisa ukubona ukuthi abantu abamnyama sebezakhele owabo umnotho kule mboni ngaphandle kokufuna kokuthembela kakhulu emabhange.
Lena yindima ethuthuka ngesivinini esikhulu kakhulu engifisa ukuthi abantu abamnyama abakule ndima sengathi kukhona into abangayenza ukuyenza ihleleke ngandlela thizeni ukuze kuthi abantu bakithi uma behwebelana ngalezi zindlu konke kuqoshwe phansi.
Ngiyacabanga ukuthi nalaba abakala amanani ezindlu sebengakwazi manje ukuthi bakale izindlu ezisemakhaya bese benikeza inani okuyilona lona, ngoba okwamanje uma ubheka umuntu uzibizela imali ayithandayo nje. Uma ubhekisisa ukuthi leli nani ulithatha kuphi, uvele ungakwazi ukubona ukuthi yini le eyenza urawondi ubize inani eliphezulu kangaka.
Kungaba kuhle-ke ukuthi kube khona imibandela ebekelwa abantu abasebenza kulo mkhakha yezindlu abazokwazi ukubeka imigomo elawula ukudayiswa kwezindlu emakhaya ukuze kubelula nokuthi kube khona isikhwama esingavulwa noma kwande amabhange lapho abantu bezokwazi ukuboleka khona imali ukuze bathenge lezi zindlu uma bethenga.
Okwamanje abantu basasebenzisa isamba semali ukuze bakwazi ukuthenga noma iyiphi indlu umuntu asuke eyifuna. Njengoba kukhona nje ngisho nomnotho wezimoto ezindala, nomnotho wezindlu zasemakhaya sekuyisikhathi sokuthi wenziwe ngendlela ezokwazi ukuthi umnotho wabantu abamnyama ugcine ususabalala kubantu abamnyama kuphela.
Ngithi angiphakamise loku ngoba ngifuna ukuqwashisa abantu bakithi abamnyama ukuthi babebeqala bewubhekisisa lo mkhakha ukuthi bangawusimamisa kanjani ngoba uma kungenjalo akusekude ukuthi abelungu noma amaNdiya baqale bawusebenze, kuthi loku obekungokwethu kugcine sekusezandleni zabo; kube sengathi ibona abafike nesissombululo.
Ziningi izinto ezaqala zingezethu kodwa manje sekungathi zaqalwa ngabelungu. Kungani na? Yingoba bona uma bebheka into baye babheke ukuthi iyiphi indlela abangenza ngayo imali uma bethatha lezo zinto. Uma ubheka nje uzobona ukuthi bafika lapha e-Afrika bathi besuka lapho benza icebo lokuthi bangenza kanjani ukusilawula futhi basiphuce konke abasifice sinakho.
Basuka lapho benza iziqiwi, bakwazi ukuthumba izilwane, kuthi labo abafuna ukuzozibona bakhokhe imali eshisiwe. Basuka lapho bangenela amasiko ethu nemvunulo. Sekuyibona abaphethe amaqembu abantu abakwazi ukusina abajabulisa izivakashi kanti yibona futhi abadayisa imvunulo yethu kodwa thina sihlomula utiki kulo mnotho wabo asebezakhele wona. Asiqaphele bangasizumi nangalo mnotho wezindlu zasemakhaya.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi abancane ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting.
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
