Kuningi esesikulungisile nakuba usemkhulu umsebenzi osasihlalele, kuloba uBusi Mavuso

KUBALULEKILE sithi ukubhekisisa isimo sethu eNingizimu Afrika. Kula masonto ambalwa kade ngiseWashington DC, eMelika, ngisohlelweni lokucathuliswa oluxhaswe wuhulumeni waseMelika. Ingimangazile indlela enhle okubukwa ngayo iNingizimu Afrika.

Abatshalimali abakhulu bakwamanye amazwe basasibona njengomnotho osimeme kunayo yonke e-Afrika futhi okuyiyona ndlela abayibona ingcono yokungena ezwekazini. Iyathenjwa imboni yethu yezimali ukuthi ingaphatha kahle imali yabatshalimali bakwamanye amazwe.

Khona futhi ngesonto eledlule iWorld Economic Forum ihlangane eDavos, eSwitzerland, ukuze kuqale phansi imihlangano ebanjwa minyaka yonke yosomabhizinisi, ohulumeni nezinhlangano ezingenzi inzuzo, ebiphazanyiswe yiCOVID-19. Isimo besimuncu ngenxa yempi yase-Ukraine, ukunyuka kwamanani ezimpahla emhlabeni nokuguquguquka kwesimo sezulu.

Kulesi simo, bekungekubi kangako uma kubhekwa okweNingizimu Afrika. Akukaze kwenzeke ukuthi uma kubhekwa okulindelekile ngokuqonga kwamanani ezinyangeni ezimbalwa ezizayo kutholakale ukuthi isimo singcono kuleli zwe kunaseMelika, lapho amanani ezimpahla abengaphezulu ngo-6.6% ngoMashi uma kuqhathaniswa noMashi wangonyaka odlule.

Nezinye izinkomba zethu zomnotho zinhle njengoba nakulo nyaka silindele imali ethe xaxa ngenxa yamanani okumbiwa phansi amahle, nenza ukuthi uhlomule kangcono uma udayisela amanye amazwe kunokuthenga kuwona. Loku sekunyuse nanentela eqoqwa wuhulumeni njengoba uqoqa imali engaphezu koyilindele, nokuwusiza uphucule isikhathi okulindeleke uqede ngaso isikweletu uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.

Yizinto lezi eziqashelwe nayiS&P Global ngesonto eledlule ngesikhathi ibuyekeza indlela eklelise ngayo ukuthi kufanele yini iNingizimu Afrika ibolekwe imali, yayibeka esimweni esihle.

Kuyaqala ukuthi indlela esikleliswe ngayo iphuculwe kanjena kusukela saqala ukwehla ngo-2011, nokube kubi kakhulu uma kuqala ubhubhane iCOVID-19. Usemkhulu umsebenzi osasihlalele ngaphambi kokuthi sibuyele endaweni eheha abatshalimali kodwa kuyathokozisa ukubona ukuthi sibheke khona.

Lo mehluko phakathi kwesimo esikhona emhlabeni nendlela umnotho wethu oqhuba ngayo akuyona into okufanele siyithathe kalula. Ukuwa komnotho womhlaba kubeka umnotho wethu engozini kanti baningi abakholwa wukuthi loku kuzokwenzeka. Kumele silwe. Ukuwa komnotho okwake kwenzeka kwayilimaza iNingizimu Afrika, kwasusa ukubheda kwezinto emalini kahulumeni. Inzuzo yezinkampani ayikaze iphinde ivuseleleke.

Izinto esizihlomula manje zenzeka ngenxa yezinto ezisemandleni ethu nangenxa yalezo ezingekho emandleni ethu. Ukunyuka kwamanani okumbiwa phansi yinhlanhla. Kepha nathi sizikhandlile ukulwa izimpi zepolitiki ukuze kulawuleke izindleko zikahulumeni, nokwenze nabantu esiboleka imali kubona babona ukuthi ukusiboleka imali akuyona ingozi ngendlela obekuyiyo kudala.

I-S&P Global income izinguquko ezinqala eziqhubekayo. Kuyakhombisa ukuthi uma kungaphuthunyiswa ukwenziwa kwazo, loko kuzoholela ekutheni ibe ngcono kakhulu indlela esikleliswe ngayo.  

Njengoba kungenzeka umnotho uwe, kufanele siphuthume ukuzikhandla ngokuphindaphindiwe ukuletha izinguquko ezimqoka ukuze sisimamise umnotho wethu. Yiyona kuphela lena indlela ezokwenza indlela esibhekwa ngayo iqhubeke ibe yinhle yize kukubi emhlabeni.

Kumele siphuthume siphothule ukuguqula imboni kagesi, okuvele sekuqalile, futhi sisheshise ukulungisa ukusebenza kwamachweba nezitimela okuphazamisa abadayisela amanye amazwe. Kumele uqhubeke manje umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda okukade kwakukhulunywa ngawo. Kumele siqinisekise ukuthi izivakashi nabantu abanamakhono bayakwazi ukuthola izimvume zokuza kuleli zwe ngaphandle kwezinkinga. Kumele siphothule ukushintsha indlela amathelevishini asebenza ngayo kuhambisane nobuchwepheshe besimanje futhi kusetshenziswe i-spectrum kuzokwanda umoya wokudonsa i-internet.

Okunye okusibangela ugazi wukuthi ababengabanye babantu ababebambe iqhaza ekugwamandeni umbuso bathathelwa izinyathelo zomthetho ukuze kuzoba nobulungisa.

Ukuboshwa kwezikhulu ezinhlanu ezisolwa ngenkohlakalo eTransnet, okukhona kuzo nowayeyisikhulu esiphezulu uMnu uSiyabonga Gama, yinto enhle nayo.

Siyabaphelela isikhathi labo ababephethe ngesikhathi ku“dliwa ngamazinyo” amabhizinisi kahulumeni.

Nginesiqiniseko ukuthi phinde siyibone inkohlakalo eyahamba nezigidi ezaya kuma-akhawunti akwamanye amazwe esayibona ngesikhathi kuphethe umengameli uJacob Zuma. Usemkhulu umsebenzi osihlalele ukuthi siyiqede emazingeni onke ezinkampanini ezizimele nakuhulumeni kodwa kubalulekile ukuthi siphelile isikhathi sokuthi abantu bangathathelwa izinyathelo.

Uma sisekhaleni lokubhekana nezinselelo zeNingizimu Afrika, zibuye izinto zibe ngaphezu kwethu. Ukuqhela kancane umuntu abuke izinto ngamehlo abantu bakwamanye amazwe kuhle. Ikhona inqubekelaphambili kodwa kumele sizikhandle ngokuphindaphindiwe.

Lukhulu luyanyelela futhi kumele sizilungiselele. Sithi halala kwiNational Energy Regulator of SA ne-Operation Vulindlela ngokuphasisa izikhungo ezimbili ezizokhiqiza ugesi welanga owu-100MW ngasinye. Loku kwanele ukuhlinzeka imizi ewu-31 000 ngogesi. Ukukhiqiza Ugesi omusha kusiza ukuthi iNingizimu Afrika ilwe nokushoda kukagesi futhi kuqede nokucinywa kukagesi. 

INingizimu Afrika kumele ingayibekezeleli nakancane noma ngabe yini engase iphazamise ukuthi kube nogesi owanele futhi enye yalezo zinto yizenzo zokucekela phansi esizibona e-Eskom. Noma ngabe yini eyenziwa ukuphazamisa ukuhlinzeka ugesi iwukukhaphela izwe.

Ukunyuswa kwemalimboleko ngo-50 basis points yinto ezoba nzima kubantu abaningi baseNingizimu Afrika njengoba kuzonciphisa noma ngabe malini abebesala nayo. Kepha uma kungadedelwa ukunyuka kwamanani ezimpahla kudle amagalani, loko kungaba kubi kakhulu. Kulekelelwa abantulayo. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page