Madoda asiyeke ukuba ngamankentshane uma abesifazane becela usizo ngebhizinisi, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yokuvalela abantu besifazane ngaphandle emabhizinisini. Kuyadabukisa ukubona ukuthi nango-2022 kusenomqondo obhedayo wabanye abantu besilisa wokwenza nzima impilo kubantu besifazane abangosomabhizinisi noma abafisa ukuba ngosomabhizinisi.

Kunabantu abasacabanga ukuthi ukuba wusomabhizinisi kufanele amadoda, hhayi abesifazane. Loku kuholela ekutheni benze konke okusemandleni ukunganiki abesifazane amathuba kwezamabhizinisi. Amanye amadoda aba yimbangela yezingqinamba eziyinqwaba abesifazane abahlangabezana nazo.

Kulukhuni ukuba wusomabhizinisi eNingizimu Afrika uma uwumuntu wesifazane ngoba njalo uma kwenzekile kwavela ithuba kuhlale kunendoda ezofuna kube khona okuthile owesifazane alwenzayo ukuze akwazi ukungena ahlomule. Uma kwenzekile owesifazane waphumelela, wacusha entubeni encane, benza isiqiniseko sokuthi benza impilo yakhe ibe nzima.

Isikhathi esiningi kuba yisicelo sokuya ocansini ukuze lowo muntu wesilisa ezokwazi ukwenza izinto zibe lula kulowo muntu wesifazane ukuthi ahlomule ngasuke ekufuna. Loku kufaka umuntu wesifazane ingcindezi enkulu. Futhi kululaza lowo muntu wesifazane okwenza aqale manje angabaze ikhono lakhe lokuba wusomabhizinisi.

Ingabe iyodwa nje into abantu besilisa abayibonayo kuyena, wukufuna ukulala naye ngaphambi kokuthi bamvulele iminyango yamathuba akhona ebhizinisini nakwezinye izimboni? Kanti abantu besilisa ababoni yini ubuhlakani bakhe ekusunguleni ezamabhizinisi nobuchule bakhe ekwenzeni izinto ezihlukene?

Kunzima ukuba wusomabhizinisi. Kunzima kakhulu uma uwumuntu wesifazane ngoba ngaphezu kobunzima bokuba sebhizinisini kubuye kube khona nesinengiso sokuvalelwa ngaphandle ngabantu besilisa nokunukubezwa ngokocansi kodwa ibe iyodwa vo into abantu besifazane abayifunayo – ukunikezwa amathuba anele okwenza amabhizinisi ayoshintsha izinto eziningi emhlabeni noma emiphakathini abahlala kuyona.

Madoda singenza kangcono kunendlela esenza ngayo manje emabhizinisini. Yithina okufanele ngabe sifukula abantu besifazane, singafune nkokhelo. Abantu besifazane kudala bacindezeleka. Bacindezelwa yizindlela zokwenza amabhizinisi lapho bebevalelwe khona ngaphandle iminyaka bese bezocindezelwa yithina uqobo ngokungaboni amathalente neziphiwo, ubuhlakani namava abanawo ukusungula noma ukuphatha ibhizinisi.

Abantu besifazane bangakwazi ukwenza amabhizinisi ngaphandle kokuthi babe yizigqila zethu bantu besilisa. Kufanele sishintshe ukwenza. Asingabafaki endaweni lapho bezozithola sebengakhululekile noma bengaphathekile kahle ngenxa yokuthi asibanike thuba, sibafaka ingcindezi yokubafuna ucansi ukuze sibavulele iminyango.

Okunye wukuthi uma kufanele sibe nemihlangano nabo ebese siyenza ebusuku emahhotela noma ezindaweni lapho sazi khona ukuthi abakhululekile kuzona. Kokunye wukufaka izicelo esazi kahle ukuthi azibenzi bakhululeke, njengokuya eholidini lebhizinisi kanti sazi kahle ukuthi sihloseni.

Asiyiyeke yonke le mikhuba engasile nebeka abesifazane engcupheni. Akuyona neze indlela enhle yokwenza ibhizinisi uma yonke into esiyicabangayo imayelana nocansi, hhayi ibhizinisi.

Abantu besifazane bayasidinga, nathi siyabadinga. Banamava abonakalayo kakhulu kwesinye isikhathi kunathi, ngakho-ke asibambisane ukuthuthukisana futhi sithuthukise izwe nomhlaba. Asingathwalisi abesifazane ijoka lokwesaba ukwenza ibhizinisi nathi madoda ngoba bazi ukuthi ubudlelwano obuqalwa kuxoxwa ngebhizinisi buzophelela embhedeni.

Asingabi ngamankentshane. Asihloniphe abantu besifazane ebhizinisini njengoba sihloniphana singabantu besilisa.

Kuningi esingakwenza ngokubambisana kodwa konke kuqala ekutheni sihloniphe abantu besifazane, kungakhathaleki ukuthi baneminyaka emingaki.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page