UmNyango wezaseKhaya ukhinyabeza umnotho ngokubambezela izimvume zezisebenzi zakwamanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule osomabhizinisi babenomhlangano ohambe kahle neNational Energy Crisis Committee (iNECOM) lihambisana nabanye abaholi bamabhizinisi. I-NECOM isungulwe wuMengameli uCyril Ramaphosa njengengxenye yokuxazulula inkinga kagesi.

Sixoxile ngokuthi idinga ukwesekwa kanjani ngosomabhizinisi ukuze kuqale ukuphehla ugesi ngendlela entsha nangokushesha futhi kuthuthukiswe ingqalasizinda osekunesikhathi ikhona.

Uhambe kahle umhlangano futhi ngiyakholwa ukuthi osomabhizinisi bazokwazi ukulekelela, ikakhulukazi ukuhlanganisa abanamakhono ayivelakancane kodwa adingekayo – onjiniyela, abaphathi bemisebenzi nabanye.

Kepha ngalo futhi isonto elidlule ngikhathazekile emva kokuthola incwadi evela kosomabhizinisi baseFrance abaqashe izikhamuzi zaseNingizimu Afrika ezingaphezu kuka-65 000. Incwadi iveze izinkinga ezinkulu izinkampani ezihlangabezana nazo uma zizama ukutholela izisebenzi ezinamakhono amqoka ezinjengonjiniyela nabanye ochwepheshe abakwazi ukusebenzisa imishini ethize izimvume zokusebenza kuleli zwe.

Iningi labaphathi abakhulu kulezi zinkampani likwenze konke obekudingeka ukufaka izicelo. Bachaze ababhekane nakho njengenkiyankiya eyenza kube likhuni ukuphatha amabhizinisi abo, abathi kuyaphoqa ukuthi bathi ukuma kancane ukutshala imali eNingizimu Afrika futhi sebecabanga nokuthuthela amahhovisi abo ase-Afrika kwamanye amazwe ezwekazini.

Le nkinga ibonakala sengathi idalwe wukuthi  umNyango wezaseKhaya uhlanganise konke ukucutshungula izicelo zezimvume ePitoli. Ngitshelwe ukuthi kunezinkulungwane zezicelo ezikade zabambezeleka ezisetshenzwa yizisebenzi ezimbalwa. Kunzima ukuqonda ukuthi yini edala le nkinga, ngabe abaphathi abahlulekayo, ukucwasa abokufika noma wukungasebenzi kahle kwepolitiki. Noma kungathiwa yikuphi, kunomphumela omubi emizamweni yamabhizinisi yokubhekana nenkinga ethinta amakhono ebambezela ukutshala imali nokukhula komnotho.

Lezi zigameko ezimbili ziveza izinselelo esibhekana nazo. Ngesikhathi bethi bayaqala nje osomabhizinisi ukweseka imizamo yeNECOM yokuxhasa iphinde isondeze amakhono adingekayo ukuxazulula inkinga kagesi, sihlangabezana nenkinga yokungasebenzi kahle kukahulumeni ezokwenza kube nzima loku.

Kubukeka sengathi umnyango awunandlela yokuhlukanisa izicelo ukuze wazi ukuthi yiziphi okufanele uziphuthumise njengoba izicelo zawo wonke umuntu kusukela kunjiniyela osafufusa nomuntu oyisikhulu esiphezulu zibhajwe ndawonye.

Angicacise ukuthi sizoqhubeka sizame ukuthola izindlela zokweseka iNECOM nohulumeni kodwa kungalula uma iminyango kahulumeni enemicikilisho enjengeyokufaka izicelo zemvume yokusebenza ingasebenza ngendlela okufanele isebenze ngayo.

Lapha asikhulumi nangokuthi kufanele kushintshe inqubomgomo kodwa kuwukusebenza kwenqubomgomo ebivele ikhona. Uhlelo lukamengameli nomNyango wezeziMali ezweni i-Operation Vulindlela luqhuba kahle ukuthola amakhono anqabile nezicelo zezivakashi. Kepha ukuhluleka komNyango wezaseKhaya ukusebenza izicelo zezimvume zezisebenzi ezinamakhono kulimaza wonke amabhizinisi adinga izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono eziyingxenye yezisebenzi zawo. Loku kufaka isidingo esiphuthumayo sokuletha izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono ukuze kulunge ukusebenza kukagesi wethu futhi kuhlanganiswe nezindlela ezintsha zokuphehla ugesi.

Kumele ngabe kucacile ukuthi lolu hlobo lwamakhono yilona oludala imisebenzi eNingizimu Afrika, hhayi oluyiqedayo. Lezi zisebenzi eziwu-65 000 eziqashwe yizinkampani zaseFrance zisengozini uma lezi zinkampani zingakwazi ukuletha abanamakhono eziwadingayo. Zizogcina ziphoqeka ukunciphisa imisebenzi kanjalo nokutshala imali kugcine kukhona abalahlekelwa yimisebenzi. Okunye okusobala uma kuziwa enkingeni kagesi wukucishwa kwagesi nsuku zonke nako kuyawukhinyabeza umnotho namandla awo okuqasha abantu. Ukuletha onjiniyela bagesi nabanye ochwepheshe ukuze bangene ezikhundleni zonjiniyela abanamakhono namava abagcina bebalekele kwamanye amazwe ngenkathi yokugwamanda amandla ombuso, kubalulekile ekuxazululeni inkinga kagesi.

Sengikhulumile ngokukhathazeka kwami nabaphethe kuhulumeni. Lena yinkinga okumele isukunyelwe ngokushesha uma sifuna ukuguqula umnotho wethu. Njengoba kufanele kwethulwe isabelomali saphakathi nonyaka wezimali ekupheleni kuka-Okthoba, uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana usevele ubhekene nezicelo eziyinqwaba zabacela ukwengezelwa imali, nokumphathisa ngekhanda.

Osomabhizinisi bakholwa wukuthi imali kumele yabiwe ngokubheka ukuthi ngabe lesi sabelo sizoba nomphumela omuhle kanjani ekuthuthukiseni umnotho, ukusungula imisebenzi nasemphakathini?

Ukuphuthumisa ukuthuthukisa ingqalasizinda yiyona ndlela esiyaziyo ezonciphisa ububha ezweni lethu. INingizimu Afrika idinga ukuthi izinhlelo ziqhubeke manje nokwakha kungabe kusaloku kukhulunywa ngazo.

Imithetho elawula ukubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele iyabambezela. Kunenqwaba yeziphakamiso yezinguquko ezinqala zokushintsha loku. Uma zingaphuthunyiswa, sizoqala sibone imisebenzi yengqalasizinda.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page