Nakekela impilo nomzimba wakho, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi ungazinakekela kanjani wena njengosomabhizinisi osebenza kanzima ukuze ungazitholi impilo yakho isisesimweni esibucayi.

Ngiyazi ukuthi loku yinto abantu abaningi abangavamisile ukuyinaka njengoba wonke umuntu ephokophele ukuphila i-“soft life”, kwazisholo abantu. Kuhle ukuphila impilo entofontofo, ikakhulukazi uma kuwukuthi ungumuntu osebenza kanzima ukuze uphile leyompilo.

Kunomehluko phakathi kokuphila impilo usebenza kanzima nempilo yokuzikhandla. Kuhle ukuzimisela nokusebenza kanzima kodwa akulungile ukuzikhandla ngokwedlulele ngoba naku wena uthi ujahe ukwenza izindodla zemali. Yebo, sonke imali siyayifuna futhi siyayidinga ukuthi sikwazi ukondla imindeni yethu nezihlobo kodwa hhayi ngakho konke esinako.

Uma uwumuntu usebenza ngokweqile umzimba uyakhathala futhi isikhathi esiningi ngisho umzimba wakho usukutshela ukuthi cha sengikhathele, ngeke unake ngoba usuke uzitshela ukuthi hhayi wukukhathala kwesikhashana nje. Abasebenza ngemizimba baye bathi uma kuba khona ubuhlungu obuzwayo emzimbeni kusuke kusho ukuthi umzimba wakho uyakuxwayisa ukuthi awuthathe ikhefu ubheke yini imbangela yalobo buhlungu.

Manje iningi lethu, ikakhulukazi amadoda, asibunaki lobu buhlungu. Sesafunda ukuthi siphile nabo ngoba sikholwa wukuthi indoda ayikhali noma sekubheda. Osomabhizinisi abaningi bahamba nokhwantalala; yisona sifo esiyinkinga kakhulu kubantu abazisebenzayo. Kubangwa yini konke loku?

Loku kubangwa wukuthi osomabhizinisi bahlale becabanga amaqhinga namasu okuthi bazokwenzani ukuze ibhizinisi labo liphumelele lisimame. Njalo nje umuntu onebhizinisi usuke ecabanga kanzulu. Uma kungenjalo, usuke ekhathazekile ngokuthi kazi uzobakhokhela ngani abasebenzi noma uzobakhokhela ngani athenga izimpahla zomsebenzi kubona. Uma kungenjalo, usuke esenkingeni yokuthi imali eningi yomsebenzi asuke ewenzile isuke ingakhokhiwe.

Loku kudalelana ingcindezi egcina isiphazamisa ngisho umzimba. Yilapho ukhwantalala olube seluthatha khona indawo yalo.

Kunesisho sesilungu engizosihumusha esithi. Akusizi ukuthi yonke impilo yakho uloku uhubhana nemali ngoba ekugcineni uyothi uma usuyitholile leyo mali bese isimo sakho sempilo siphoqa ukuthi usebenzise leyo mali ukuze uthole ukuphila, ngakho akusizi lukujahana nemali kodwa ungalenzi ithuba lokuphumuza umzimba.

Ngihlale ngigqugquzelana ukuthi kubalulekile ukuthi uma uwumuntu osebenza kanzima uke uthathe ikhefu ngelinye ilanga uvumele umzimba uphumule, uke udedele igazi nje kungonakele lutho. Uma ungakwenzi loko, kuyothi ngelinye ilanga umzimba wakho unqabe ukuthi wenze izinto ngoba sekufike lapho ukhathala khona. Ngakho-ke uma kwenzeka, thola isikhathi uke uthathe iholidi noma uzikhiphe nje uyobhucabhucwa umzimba ukuze ululame.

Imali iyadingeka kodwa uma kuwukuthi umzimba owenza imali awunakekelwa, konke okwenzayo kuyize leze. Abanye uthola ukuthi indlela abathokozisa ngayo umzimba kugcina sekuyizidakamizwa noma bacwile otshwaleni nagwayi. Loko kulimaza umzimba uma kwenziwa iskhathi eside futhi kwenza umzimba uhlale ukhandlekile.

Kuhle ukushaywa wumoya, ngakho-ke ngigqugquzela ukuthi nawe somabhizinisi noma ngabe usebenza kangakanani, thatha ikhefu. Uyalidinga. Uma kungenjalo, osondelene nabo bazobona ngawe usuthi qimu phansi ngoba ingqondo yakho izobe isifike kwangqingetshe sekukathele yonke into esemzimbeni. Kepha futhi okubalulekile kakhulu wukuthi udle kahle, udle izinto ezinempilo ukuze umzimba wakho uzokubonga ngempilo ende.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: NtokozoMondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page